Now Reading
Bakhalaza ngokukhokhelwa amakinati abashayeli be-Uber neBolt
Dark Light

Bakhalaza ngokukhokhelwa amakinati abashayeli be-Uber neBolt

Zilokhu zikhuphuke njalo izikhalazo zabashayeli bezimoto ezithutha ngaphansi kwezinkampani iBolt ne-Uber ezaziwa nge-ride hailing, abakhalaza ngokuthi lezi zinkampani zibadla amandla abo.

Eminyakeni engaphezu kwemine edlule belilikhulu isasasa kubanikazi bezimoto ezincane lokufaka izimoto zabo kwa-Uber neBolt (ebeyaziwa ngeTaxify) ngenxa yemihlomulo ebibukeka imihle. Nokho konke lokhu kubukeka sekushintshile njengoba lezi zinkampani sezinezimbangi eziningi nokwenza ukuthi zihehe abagibeli ngokubanikeza izaphulelo eziningi nokugcina sekwenza ibhizinisi libe nzima kubashayeli.

Uma bephawula abashayeli bathi okwenza kube nzima ukuthi lezi zinkampani azinendaba nhlobo nokuthi kumele baphinde bazilungisele izimoto zabo uma ziba nenkinga, nokudla emaphaketheni abo avele evuza. UMhlengi ongomunye wabashayeli beBolt nohambela kakhulu edolobheni iTheku uthi kunzima kakhulu ukusebenza usuku lonke, ufake uphethiloli, ubhekane nabagibeli abazithwele bese uphinde uthola amakinati ekupheleni kwenyanga.

“Ngake ngasuka eKloof ngihambise umgibeli  e-Airport, wangitshela ukuthi uthole isaphulelo esiwuwafu wemali okungalindeleka ukuthi umuntu ayikhokhe ngokwebanga eliya eKing Shaka. Ngezwa inhliziyo ishona phansi. Angicabangi ukuthi banayo indaba nathi laba bantu,” kusho uMhlengi.

Okunye abakhalaza ngakho abashayeli ukuthi sezininingi kakhulu izimoto ezisebenza kulezizinkampani ezisemgwaqeni kepha ikhomishini incane kakhulu. Okunye ukuthi uma befaka izikhalazo zabo kuyo i-App baphendulwa yirobhothi (automated response), izikhalazo zigcina zishaywe indiva.

Nyakenye iWashington Post yakhipha amafayela afihliwe (abizwa nge-The Uber Files) ayeveza inkohlakalo ehlanganisa ukuphula imithetho yezokuthutha emazweni ehlukene nokuthembisa abashayeli basemazweni asathuthuka njengeNingizimu Afrika imihlomulo engcono uma befaka izimoto zabo ku-App yabo, nokho yase iyabajikela ngokufaka izinqubomigomo (policies) ebanqunda amandla, ibadle ephaketheni yenze nokusebenza kwabo kube nzima.

See Also

Omunye wabashayeli ongathandanga igama lakhe lidalulwe uthe konke lokhu kufana nokuthi bona bayizicashalala ezenzela lezi zinkampani imali ngezithukuthuku zabo.

Njengoba kusondele amaholide okuphela konyaka bathi bazobe bebikelwa kwazise lezi zinkampani zizoqhubeka nokusabalalisa izaphulelo kubagibeli iningi labo elizobe lidle amanzi amponjwana, lingakhuzeki nezingozi zemigwaqo zisabalele.

Bahlabe ikhwelo kuMnyango Wezokuthutha ukuba kewungenelele ekubhekeni indlela nemigomo abasebenza ngaphansi kwayo ukuze lelibhizinisi lingabafaki ngaphansi kwengcindezi.

Scroll To Top