Makuphuculwe isiko lokufunda nokufundisa ezikoleni zikaHulumeni
Ekuqaleni kwalonyaka uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natali uNks uMbali Frazer utshele amalungu ePhalamende ukuthi uMnyango wakhe uthenge izinsizakusebenza zokulekelela abasebenzi eMnyangweni wakhe ukuba benze umsebenzi wabo kalula, uhleleke futhi bakwazi ukubhekana nezidingo zoMnyango masisha. Lezi zinsizakusebenza bekungamakhompuyutha angama-558 kanye nama-laptop ayizi-3200.
Lokhu bekuyigxathu elikhulu eMnyangweni wakhe njengoba bezonciphisa isidingo sokuba semgwaqeni isikhathi esiningi uma beba nemihlangano, kwazise bazokwazi ukuyibamba ngezinkundla zokuxhumana. Nokho uMnyango ubukeka uhamba ngolonwabo ekuphuculeni isimo sokufunda ngaphakazi ezikoleni, kumfundi nothisha.
Kuthe uma uKhuvethe luqala lusabalala ngesivinini esinamandla ekuqaleni konyaka wezi-2020, uNgqongqoshe uMnu uKwazi Mshengu wethula uhlelo lokusabalalisa indlela yokufunda ngobuchwepheshe ezikoleni eziyikhulu ezisemalokishini nasemakhaya KwaZulu-Natali. Lokhu uMnyango bewukwenza usebenzisana nezikhungo zemfundo ephakene ezihlanganisa iNyuvesi yakwaZulu-Natal (UKZN), iDurban University of Technology (DUT) nabanye ababamba iqhaza (stakeholders) kuloluhlelo
Okudumazayo nokho ngaloluhlelo ukuthi kuncane okubikwayo ngempumelelo yalo, luhamba ngonyawo lonwabu futhi izingane ezisezinkulisa azifakwanga ukuba ingxenye yalo. Indlela yokufunda ezikoleni eziningi ezingaphansi kukahulumeni inikeza abafundi isikhathi esinzima ngokudonsa izinyawo ekusabalaliseni ubuchwepheshe ezikoleni. Ngaphezu kwalokho, abafundi kumele baphinde bakhethe izifundo zemisebenzi abazoyifundela uma sebenza u-Grade 10, nokubenza babe buthuntu uma befika eNyuvesi noma bephuma kumatikuletsheni. Iningi labo alazi nokuthi kumele lenzeni ngoba imfundo ayibaqeqeshi ngokwanele ngesimo esiphila ngaphansi kwaso manje. Uma wethula ubuchwepheshe kubafundi abenza ibanga leshumi, abaneminyaka engaphezu kwe-16 kuya phezulu usuke sewusilele kakhulu.
Abafundi mabakwazi ukukhetha izifundo besasemabangeni aphansi, kuye ngekhono umfundi analo. Lokhu kwenza abafundi babe nokuzethemba nesibindi, bakwazi ukucabanga ngokushesha njengabafundi basemazweni anjengeChina. Inhloso yobuchwepheshe ukuphucula indlela yokufunda, kepha isisekelo kumele siqiniswe uhlobo lwemfundo abayitholayo. Cabanga ukuthi uma umfundi owenza izifundo zeSayensi eba sethubeni lokufunda esebenzisa ubuchwepheshe usizakala kanganani. Phinda ucabange umfundi oqala esemabangeni aphansi ukufundiswa ngamakhemikhali (Chemistry), ishashalazi (Drama and Creative Arts), ezamabhizinisi (Economics and Entrepreneurship) ezezimali (Accounting) ukuthi ubuchwepheshe bumlekelela kangakanani ngisho engasafikanga eNyuvesi.
Asikwazi ukuqhubeka nokukhiqiza abafundi abazoya emaNyuvesi bese beqala beshintsha imikhakha yokufunda ngenxa yokungahlonyiswa ngendlela emabangeni aphansi. Baningi abafundi abafika eNyuvesi bezokwenza izifundo zobumeli, kumbe zesayensi, kepha bagcine sebengene emkhakheni kweminye imikhakha enyakeni wesibili. Uma sewubuza, akutshele ukuthi wayengenalo uthando lwesayensi kepha wayetshelwe ukuthi yizona zifundo eziseqhulwini nokungesilo iqiniso.