Now Reading
Umshado wesintu kuphela okwamanje ovumela isithembu kowesilisa
Dark Light

Umshado wesintu kuphela okwamanje ovumela isithembu kowesilisa

Ngiphawule ngokukhathazeka ukuthi zilokhu zibuya izingxoxo zokuthi abantu bangena kanjani emishadweni beshade nomunye umuntu. Kumqoka ukuqaphela ukuthi awukwazi ukungena emshadweni ushade nomunye umuntu. Empeleni emthethweni waseNingizimu Afrika, kuyicala ukushada nomunye umuntu usashadile.

Owesifazane othile, oseshade  umshado ohlanganisa iminyakha engama-20 usethole ukuthi usesithenjini nje ngoba umkhwenyana wakhe evele washada omunye wesifazane  lapho ebesebenza khona. Lokhu ukuthola ngoba umyeni  wakhe esedlulile emhlabeni.

Imishado ilawulwa uMthetho Wemishado eyaziwa ngeMarriages Act 25/1961. Imishado yobulili obufanayo ilawulwa yi-Civil Union act. Imishado Yezenkolo ayiqashelwa kepha Imishado Yesintu ilawulwa uMthetho Wemishado Yesintu, eyaziwa ngokuthi iRecognition of Customary Marriages act 120/1998.

Umshado wesintu kuphela ovumela ukuthi indoda ingene enyongweni yesithembu. Lapho indoda ishade umshado ohlanganisa amafa kuyikinga ukuthi ishade nomunye noma angikusho kube sobala ukuthi lapho umuntu eshadile, noma iluphi uhlobo lomshado akakwazi ukungena kumunye umshado nomunye umuntu.

Yize kungumshado wesintu kuphela ovumela ukuthi indoda ingene enyongweni yesithembu nokho kunezidingo ezingokomthetho zokuthi umuntu abe semshadweni wesithembu. Lokhu kuwumthetho obekhiwe futhi kuyadingeka ukuthi umuntu ahambisani nezidingo zomthetho ngoba uma engenzi njalo ngeke sithi isithembu sakhe sisemthethweni.

Imfuneko yokuqala nokubalulekile ukuthi inkosikazi yokuqala uma owesilisa oshade umshado wesintu efuna ukuthatha isithembu ukuthi acele kuNkosikazi wakhe wokuqala bese kufanele ivume ukuthi indoda yakhe ithathe umfazi wesibili.

Uma inkosikazi yokuqala ingakuvumeli, indoda ayikwazi ukuba nesithembu. Indoda ayikwazi uma ishadelwe umshado wesintu noma lowomshado wesintu ungabhaliswanga kwaHome Affairs ukuthi ivele ithathe unkosikazi wesibili noma bezoshada ngokwesintu nabo ngoba kufanele athole imvume kuNkosikazi kuqala.

Uma inkosikazi  yokuqala  ivuma ukuthi lowowesilisa angamthatha owesibili kufanele  indoda ifake isicelo enkantolo sokuthi ufuna ukuthatha isithembu futhi owokuqala uyasivuma. Uma lokhu engakwenzanga ngeke sikwazi ukuthi isithembu sakhe sibe emthethweni.

Ngivumeleni ngithi kuyicala ukushada usemshadweni futhi lokhu kuphambene nenqubomgomo yezemishado nobulungiswa. Ngoba phela umshado awusiyo imizwa kuphela kepha isipho soqobo lwakho, imali yakho, impahla, umndeni, nakho konke engakubhala. Ngisho ifa lakho liyathintekha kulesisenzo. Lapho uthola  umuntu engayenzanga nencwadi yefa eseshiya abantu enkingeni  eshade imishado emibili engekho emthethweni..

Usezofihlwa kuphi? Ngoba phela umuntu onezwi lokugcina imuphi? Ngoba ekhaya akaziwa phela lonkosikhazi wesibili amthole  lapho ebesebenza khona. Izingane zalamakhosikazi zidlula kanjani kulenhlekelele. Imindeni nje iyonke ithini, kuzokwenzekhalani ngefa likhaloBaba nempahla yakhe.

Kwaze kwanzima ke nokho. Kusemqokha ukuthi sikhumbuzane ukuthi akhukhatalisekile ukuthi ukumshado onjani, iqiniso lithi awukhwazi ukushada kabili. Ikhakhulukazi uma ushade umshado olawulwa iMarriages Act.

See Also

Omunye hlezi uyazibuza ukuthi ingabe yini umshado wesintu, imphendulo ithi, Ukuze Umshado Wesintu usebenze, kufanele ube neminyaka eli-18 nangaphezulu futhi abathintekayo kufanele bavume ukushada omunye nomunye ngokoMshado Wesintu.

Umshado kufanele kungenwe kuwo ngenhloso futhi ugujwe ngokoMthetho Wesintu, lokhu kuhlanganisa inqubo yokunikezelwa kwempahla. Inqubo yokunikezela kukamakoti enikezelwa emndenini womkhwenyana futhi amukelwe njengomakoti wabo omusha.

Umakoti kufanele anikezelwe emndenini womkhwenyana. Uma ilobolo likhokhelwa bese umakoti eyohlala nomkhwenyana ngaphandle kokuthi kuphothulwe uhlelo lokunikezela, ubudlelwano babo angeke buqashelwe ngokomthetho njengomshado Wesintu.

Inhloso yokuthi umkhwenyane afake isicelo seNkantolo iwukuba iNkantolo igunyaze Uhlelo olusha Lwempahla Yomshado futhi iphinde ikhiphe umyalo wokwehlukaniswa kohlelo lwamanje lomshado.


Lombhalo  awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top