Now Reading
Isiqephu sesine: Safika kanjani isono emhlabeni?
Dark Light

Isiqephu sesine: Safika kanjani isono emhlabeni?

Ngakho ke, “ngomuntu munye.” Ubani lo muntu owaletha isono na? Abanye bethu bazothi “u-Adamu.” Ngivumelama naleyo mpendulo. Ibhayibheli limubiza ngo-Adamu, kanti neKhur’aani limubiza kanjalo futhi. Yizwa lawa mazwi aqhamuka kwiKhur’aan; (Surah 2 Inkomazi, inkomba 30) Futhi khumbula! Inkosi yathi eZingelosini: “Ngempela ngizakubeka indlalifa emhlabeni.” Zathi, “Uzakubeka kuwo ozoganga nozochitha igazi;”

Lapha, uMninimandla Onke (uSomandla) uyakhuluma, uthi uzobeka indlalifa emhlabeni, ngakho uyabuzwa “uzakubeka kuwo ozoganga nozochitha igazi.”

Manje lapha kunengxoxo eyenzeka esigabeni esiphakeme kakhulu (ekuPhakameni); bakhuluma ngekusasa lendlalifa etsha, kanti bafuna ukwazi ukuthi kungani le ndlalifa kumele ivunyelwe ukuza lapha emhlabeni, ngoba le ndlalifa entsha izoletha isono iphinde ibange nokuchitheka kwegazi. Izwa abakushilo “kanti thina sidumisa ubuNgcwele bakho na?” Bakhuluma noMveliqali oNgcwele, bathi uNgcwele futhi siyakudumisa, manje pho kungani uvumela into enje ukuba yenzeke emhlabeni? Wayesephendula ethi “Ngesiminya mina ngiyakwazi lokho nina eningakwazi” (Surah 2 Inkomazi, inkomba 30).

UMveliqali, lowo oNgcwele wakwazi ukubuka ububi, wathi, “Ngingakuvimba lokhu. Cha, kodwa angeke ngikuvimbele.” Kungani na? Uyahlabelela “Izinkinga zifika zidlule.” UJobe 14:14 uthi “Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami,” ngamanye amazwi, ububi buzohlala isikhathi esibekiwe. Manje ufuna ukuthi izinceku zakho zenze njani Mveliqali ngenkathi ububi bugcwele izwe lonke, budala ukufa nokubhubha? “Thulani, niqonde ukuthi mina nginguMveliqali (Amahubo 46:10);” Ukhuluma ngani na uMveliqali?

Njalo uma uhlangabezana nobubi empilweni uyaye ufune ukuba busheshe budlule (masinyane); susa manje Nkosi. Uguqe phansi ngedolo umxuse uthi “Susa lesi simo, manje Nkosi;” kanti uma Omdala Wezinsuku eyekela ukuba ububi buthi ukulibala nje kancane emnyango wakho, uze uzibuze ukuthi “kanti akezwa yini?” Ngithandaze kakhulu ngaze ngazila ngisho nokudla impela. Kanti akezwa yini? Cha ukuzwa kahle.

Kodwa ububi bunomphumela omuhle ekugcineni. Kusho ukuthini ukuthi ububi bunesiphetho esihle na? Uma konke kungaphansi kolawulo laMveliqali omuhle, isizathu sinye kuphela esingenza ukuthi avumele ububi, yingoba emva kobubi, kunobuhle obukhulu obuzoqhamuka kulobo bubi. Ngakho, ungazikhathazi ngabenzi bobubi.

Kungakho uDavide wathi “Ungazikhathazi ngababi,” (Amahubo 37:1). Kungani na? Yingoba kumele benze lokho okumele bekwenze, kanti umsebenzi wabo kungaba umsebenzi wobubi, kepha bamelwe ukuwenza. Ekuphetheni komsebenzi wabo, yilapho ozobona ukuthi ukubekezela, nokwethembela eNkosini nasebuhleni Bayo, kukudlulisa phakathi nobubi uze uphumele ngale kwabo, bese ubuka emuva uthi “ngidlule kanjani laphaya?”

See Also

Ngakho ngamafuphi, “Thulani,” Uyakwazi ukuyimela? “Iyekele kimi,” kusho uMveliqali, “Thulani, niqonde ukuthi mina nginguMveliqali.”

Manje ke uma ubuka ebhayibhelini, ibhayibheli lisinika isikhathi esiyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha (6,000 year period). Kusukela ku-4,000 BC, okuyincwadi yokuqala kaMose, kuze kuyofika ku-2,000 AD, okusinika isikhathi esiyiminyaka ewu-6,000. Umhlaba kawunayo iminyaka awu-6,000, umhlaba enezigidigidi zeminyaka. Ngakho ibhayibheli lisipha umlando weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha nje kuphela. IKhur’aani nalo liyefana ngokunjalo. Masibuyele kuAdamu.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top