Sinemidanti eminingi isehlukaniso somshado
Lapho abathandanayo beshada, inhloso yabo ukuhlala beshadile kuze kube sekufeni. Ngeshwa, akusiyo yonke imishado ehlala njalo, futhi emva kweminyaka embalwa, noma izinyanga kwabanye, labo abazibophe ngefindo lomshado bazithola bebhekene nezinselele ezingaholela ekupheleni komshado wabo.
Uma oshade naye ethatha isinqumo sokuthi akasafuni ukuqhubeka nobudlelwano bomshado futhi enqaba ukuthola usizo lweseluleko ngomshado, akukho umlingani wakhe osathanda ukuthi baqhubeke nobudlelwano bomshado angakwenza. Akekho umuntu ongaphoqwa ukuthi ahlale emshadweni engasafuni.
Ingabe zithini izizathu zesehlukaniso somshado. Zimbili vo ninaBohlanga izithathu zedivosi eNingizimu Afrika, okuyilezi. Ukubhidlika okungenakulungiseka komshado, kanye nokugula ngengqondo noma ukuquleka isikhathi eside.
Umshado kuthiwa uyobhidlika ngendlela engeke isalungiseka uma kwenzeka lokhu okulandelayo:- Oshade naye uphingile, lapho bebengasahlali ndawonye njengendoda nomfazi isikhathi eside, nalapho behluleka ukuxoxisana kahle nangokuhloniphana futhi ukuxhumana phakathi kwabashadile kungasekho. Kukhona, noma kube nokuhlukunyezwa ngokomzimba, ngamazwi noma emoyeni emshadweni. Abashadile abasathandani. Futhi noma yisiphi esinye isici lapho umngane womshado ekwenza kungenzeki ukuqhubeka nobuhlobo bomshado.
Ukugula ngengqondo noma ukuquleka isikhathi eside, uma oshade naye engeniswe esikhungweni sabagula ngengqondo. Lapho umngane womshado equlekile unomphela, okungukuthi equlekile.
Zimbili izindlela abashadile abangenza ngazo isehlukaniso. Isehlukaniso esiphikisiwe nesingaphikisiwe. Esingaphikisiwe sisebenza lapho abashadile sebefinyelele esivumelwaneni sayo yonke into ephathelene nokwabelana kwempahla, izingane (ukunakekela kwazo) kanye nempesheni, futhi abashadile bavame ukusayina isivumelwano sokukhokhelana. Isehlukaniso Esiphikisiwe senzeka lapho abashadile bengakafinyeleli esivumelwaneni mayelana nemibandela yesehlukaniso futhi bexabene.
Nakuba abashadile behlukanisa, iqiniso ukuthi ukuthatha izinyathelo zesehlukaniso akulula futhi okubuhlungu ngempela ukuthi akumkhathazi ngokwezimali kuphela ohlukanisayo kodwa ngokwengqondo nangokomzwelo. Noma ngabe uluhlobo luni lomshado, oluhlukaniswayo, izinto okumele zibhekwe yilezi:- 1. Izimpahla, 2. Isondlo, 3. Inhlalakahle yezingane ezincane, kanye 4. Isikhwama sempesheni
Ukuhlukumezeka kwezingane nje okobuhlungu nezinselelo ezibhekana nezingane, ngokuba ziyathintekha ngokomqondo, ngokomoya nenhlalakahle yazo iyashintsha kakhulu.
Ngemva kwesehlukaniso abantu bavame ukuba nengcidezi enkulu nezinselelo eziningi ngokuba imiphumela ehlanganisa, ukuncipha kwamazinga enjabulo, ukushintsha kwesimo somnotho, nezinkinga ezingokozwelo, nengqondo. Imiphumela kubantwana ihlanganisa izinkinga zezemfundo, zokuziphatha, nezengqondo.
Ucwaningo lwezilinganiso zedivosi eNingizimu Afrika, lubonisa ukuthi cishe imishado emine kweyishumi izophela eminyakeni emihlanu ezayo.
Abanye abantu ukuhlukanisa kunemithelela emibi futhi ithinta ngisho umsebenzi wabo uqobo. Isibonelo abefundisi emabandleni athile lapho uma umfundisi ehlukanisa bayamiswa ekwenzeni imisebenzi yebandla, akukhathaliseki ukuthi ubani ofakhe isicelo sedivosi. Laba befundisi bamiswa, kuze kuphothulwe inqubo yesehlukaniso futhi basazoqondiswa izigwegwe ibandla mayelane nesehlukaniso.
Ngenhlonipho ngiyakuvuma ukuthi uma singaqala siqonde uhlobo lomshado esizifaka kuwo, kanye nomthetho owulawulayo, inqubo yesehlukaniso iyobalula kakhulu njengoba abantu bengadivosa beyiqonda ngokugcwele imiphumela yesahlukaniso esisekelwe kumthetho womshado abangena kuwo.
Ngezinye izikhathi abantu abashadile bahamba bangaphinde abuye noma balahleke noma bahlale ngokwehlukana iminyaka eminingi futhi lapho umngane womshado enqaba ukugunyaza ukwehlukana, lapho ezabalaza ukutholwa ukuthi ukuphi omunye wabashadikazi uyakwazi ukufaka isehlukaniso somshado esibizwa ngeSubstituted service. Loluhlobo lwedivosi ilapho kufanele ashicilele Amasamanisi Esehlukaniso ephephandabeni.
Uma omunye umngane womshado ehlala kwelinye izwe, ummangali kufanele afake isicelo eNkantolo Ephakeme ukuze athole i-Edictal Citation Order. Lo myalo uvumela umlingani womshado ukuthi amasamanisi esehlukaniso anikezwe omunye umlingani (Ummangalelwa) yisherifu kwelinye izwe. Kulawo maphepha asenkantolo, ummangali kufanele akholise inkantolo ukuthi ayikho enye indlela yokunikeza amasamanisi
Ngakho khe ninaBohlanga ngaphambi kokuthi singene emshadweni asithole iselulekho esanele ukuze uma sesibekane nezinsele siwokwazi ukuthi ithini imiphumela yeDivosi. Isehlukaniso akufanele kube inhlekelele njalo. Inhlekelele kungaba ukuhlala emshadweni ongajabulisi komunye wabashadikazi.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomthetho kodwa ulwazi olungajwayekile. Abafundi balenkulumo bayagqugquzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

