Sekubalwa izinsuku lufike olungaliyo ngomnqakiswano



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isikhulu sincoma ukusebenzisana okuhle nabaxhasi balo mdlalo iTelkom
Kulindeleke ukuthi iqale mhla zingama-27 kwephezulu iligi yebhola lomnqakiswano kazwelonke iTelkom Netball League (TNL).
Ukuthulwa ngokusemthethweni ukuqala kwesizini entsha kwemidlalo yeTNL, kwenzeke eSandton ngoLwesithathu. Kulo mcimbi bekuhlangene abakaTNL nabeNetball South Africa (NSA).
Umlenze wokuqala wale ligi uzodlalelwa eNgoako Ramahlodi Sports Complex eSeshego, ePolokwane. Kuyothi ngoNhlangulana kuya kuNtulikazi, bese kudlalwa umlenze wesibili owobe kungowokugcina eHeartfelt Arena ePitoli.
Unyaka wesithathu le ligi okanye lo mqhudelwano uzobe uxhaswe isikhondlakhondla senkampani uTelkom, njengoba ilokhu yaqala ukuxhasa ngonyaka wezi-2019.
Ekuthulweni kweTNL yakulonyaka, abakaTelkom baphinde bamemezela ukuthi bavusela ubudlelwano babo neNSA ngeminyaka emithathu kusukela mhla lulunye kwephezulu. UTelkom yiwo ozobe uhamba phambili njengabaxhasi ngesikhathi seNdebe YoMhlaba ezobanjelwa lapha eNingizimu Afrika.
UMengameli weNSA uCecilia Molokwane uthe: “Ubudlelwano bethu neTelkom buqina unyaka nonyaka. Njengenhlangano eyangamele lo mdlalo siyabonga kakhulu kwabaTelkom ngokuzibophezela ekutheni lo mdlalo uthuthukiseke. Ukuvuselela uxhaso lwabo eminye iminyaka emithathu kuwubufakazi bokuzinikela kwabo kwezemidlalo.”
Abanye abaphinde baveza ukuthi bayazibophezeleka ukuthi baxhasa iTNL inkampani yezimpahla zokugqoka iPuma. Amaqembu onke azodlala iTNL azobe egqoke imifaniswayo yakaPuma.
INSA iphinde yamemezela ukuthi kuzoba namaqembu amabili amasha azokwengezwa kwiligi, okuzokwenza ukuthi isibalo samaqembu azoqhudelana sibe sifinyelele kwayishumi nanhlanu. Amaqembu amabili engeziwe avela esifundazweni iFree State neLimpopo.
La maqembu abizwa ngeFree StaAmaqembu amabili angeziwe azogijima esigabeni sesibili seligi, kuthi i-Eastern Cape Aloes engompetha besigaba esifanayo inyukele esigabeni sokuqala.
UCecilia uphethe ngokuthi “ukwengezwa kwamanye amaqembu amabili kwiligi kungasho into eyodwa, ukuthi kukhona esikwenzayo kahle uma kukhulunywa ngokukhulisa ezemidlalo nokwenza iligi yethu yasekhaya iqhudelane kakhulu,” kubeka uMengameli.
UGugu Mthembu, oyisikhulu esiphezulu sakaTelkom yena uthe: “Njengabaxhasi abaziqhenyayo beTNL yalo nyaka, sibheke ngabomvu omunye umqhudelwano oyimpumelelo, siqhubeke nokuthuthukiswa kweNetball eNingizimu Afrika. Nge-TNL, sifuna ukuqhubeka nokukhombisa ithalente elihamba phambili le-netball ezweni, ngesikhathi sikhulisa ezemidlalo. Inhloso sifuna ukukhuthaza intsha yaseNingizimu Afrika ukuthi ime ngezinyawo uma ibhekene nobunzima bempilo. Siyazi lo mdlalo awunakiwe kodwa lokho akusitheni amandla ekutheni siwuxhase.”