Zibhajwe kweziludlayo: Ubuholi beDA ngumfudumezo wendulo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.


Inkulumo yeBhayibheli ibuza ukuthi ‘ngabe ingwe ingawaguqula yini amabala ayo’? Lombuzo ofanayo ubuzwa ngabaningi muva nje ngeqembu elikhulu kwaphikisayo iDemocratic Alliance (DA). Leli qembu eselikuzame konke ukwenza nokukhuluma lihlala njalo lisolwa ngokuba yisiqhingi samadlagusha. Ngezenzo lokhu selizame kakhulu ukukuphebeza ngokuba lamukele liphinde liqoke ezikhundleni aboHlanga. Phakathi nje kwabaholi boHlanga abaqokwa yiDA kubalwa uMnu uJoe Seremane, uNks uLindiwe Mazibuko, uMnu uMmusi Maimane, uNks uMbali Ntuli, uMnu uZwakele Mncwango noMnu uHamilton Mashaba phakathi kwabanye.
Nokho lesi senzo sibe sesingcoliswa yindlela iningi lalaba baholi eliphume ngayo ezikhundleni naseqenjini qobo. Iningi lalaba baholi uma seliphuma noma selingaphandle liveza ukukhuluma okwakha isithombe esithi yize besezikhundleni kepha akhona amakhosana namakhosazane akhona kuDA okungabelungu ayohlala njalo eliphethe iqembu leli nokukhala esabo isicathulo. Baze baveze ukuthi ubhongoza oqaphele izindlalifa zangempela zeDA insimu nguNks uHellen Zille.
ElaboHlanga selibhale kaningi ngezinsolo ngoZille naziphikayo kuze kube yinamuhla. Ngaphandle kukaNks uLindiwe Mazibuko owahamba ekhononda ngaye, noMnu uMaimane wahamba ekhala ebheke ngakuye. Omunye umholi owahamba esola uZille ngobuhlanga nguMnu uJohn Moodey owayengumholi eGauteng. Bonke babekhala ngokuthi uZille nonguSihlalo wohlaka olubizwa ngeFederal Council ulidungamuzi.
Impelasonto esiphuma kuyo ibifaka iDA kwingcindezi kusayiwa yabuye yanda ngesikhathi sekuphuma imiphumela. Isonto liqale ngezindaba zokushiya kuka Nks uGwen Sinethemba Amanda Ngwenya, nobephethe uphiko lwenqubomgomo kuleli qembu. Yize kungekho okuvelile okubi ngokushiya kwalentokazi nebingumgogodla weqembu nobuso baboHlanga kulo, izizathu zokwesula kwayo zibuyise indulo.
Elakhe uMaNgwenya elokuvalelisa lithe: “Ngithathe umsebenzi wokuhola i-Airbnb ngaphansi kwenqubo nomthetho ngokusebenza kwayo eMiddle East nase-Afrika. Umsebenzi omkhulu oconsisa amathe, futhi kusho lukhulu ukusebenza nenkampani enjengalena engizimisele ukuyilekelela ekufezeni ekuphokophele.”
Lokhu kuvalelisa kukhumbuze abaningi lokho okwashiwo nguNks uLindiwe Mazibuko mhla esefulathela nokwabe sekuba wuteku elithi aboHlanga kulenhlangano kuthi nje bangafika lapho ukwenza kwabo sekungawaphathi kahle amakhosana namakhosazana bese beshushunjiswa kuthiwa bayo ‘funda’.
Ukuncintisana okuyize
Okunye obekwenzeka kuleliqembu wukuncintisana phakathi kwaloyo ongumholi weqembu uMnu uJohn Henry Steenhuisen kanye noDkt uMpho Louisa Phalatse. Yize bebebancane abebekholwa ukuthi uDkt uPhalatse angaginga inkosana yeDA obekumqoka nobekubhekwe ngabaningi wukuthi engabe kulokhu owoHlanga uzophathwa kanjani nokuthi ngeke yini ajeziswe noma ajivazwe ngoba ekhombe inkosana ngomunwe. Iningi laqaphela indlela uNks uMbali Ntuli owayencintisana noSteenhuisen aphathwa ngayo.
Ukunqoba nokubuyela kukaSteenhuisen esikhundleni akukhona okube ngundabamlonyeni kepha kube yithimba (ibala) aqokwe nalo elenze abantu banokuwumuzela.
UNkk uZille uthathe isikhundla sikaSihlalo abengasibangi namuntu. UDkt u-Ivan Meyer ube nguSihlalo Womkhandlu, isikhundla seSekela likaSihlalo Womkhandlu kungene kuso u-Anton Bredell, uSolly Malatsi noJean-Pierre Smith.
Kwabaningi ubuso bobuholi abuguqukanga ezikhundleni ezimqoka, aboHlanga abakhona bafakelwe ukuchibiyelwa nje ukuze kube sengathi bakhona. Lesi sithombe asisihle njengoba ngonyaka ozayo kuyiwa okhethweni lukazwelonke. Amaqubu ayo sekwakhiwe ngawo amaqembu amabili okuyi Action SA kaMashaba, iXuluva kaMnu uBongani Baloyi neBuild One SA kaMnu uMmusi Maimane Lokhu kusho ingcindezi yabantu abazoba nesizathu sokuhlasela nokwehlula iqembu, laba ngabantu abanobufakazi bokuningi abasola ngakho ubuholi beDA, kakhulukazi odabeni oluthinta ubuhlanga nokwehluleka kwalo ukwamukela aboHlanga.
Ngakolunye uhlangothi iDA ibhekene nenkinga yevoti labelungu kakhulukazi umphakathi wamabhunu. Lo mphakathi uhlanganise phakathi kokunye ontamolukhuni okungehlanga kahle kubo uma leliqembu emizamweni yokuheha aboHlanga libaninka izikhundla ezimqoka.
Njengoba kwenzeka kuMaimane akukho ukungabaza ekuthini ukube uDkt uPhalatse unqobile ngabe kusho inhlekelele kuDA ngoba uxhaso lwezimali beluzohlehla kwazise nalo lukhona nje ngoba abatshalimali labo nabo ngamakhosana eDA nabakholelwa ekuvikeleni ivenge labadeshi nezinkinsimane. Lesi simo senze kungakholakali ukuthi maduze bungahle buguquke ubuso bobuholi beDA kunalokhu okuyikho manje.

