Now Reading
Umlayezo nomumo ngokuboshwa kukaZuma
Dark Light

Umlayezo nomumo ngokuboshwa kukaZuma

Sekungumlando manje ukuthi lowo obenguMengameli wakuleli uMnu uZuma useyisiboshwa emva kokuzinikela ukuze ayoqala isigwebo sakhe sezinyanga ezili-15, kulandela isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo emthole enecala lokudelela inkantolo emva kokunqaba ukuthula ubufakazi kuKhomishini ephenya ngokuqhwaga kombuso.

Izolo ekuseni (ngoLwesine) uZuma ulale ebaliwe ejele laseMtshezi. Uziyise ejele laseMtshezi ngoba mhlawumbe kade ebona ukuthi ngeke esakwazi ukufika ngesikhathi ejele laseWestville lapho kulindeleke khona ukuthi adonse khona isigwebo sakhe kulandela ukusuka emva kwesikhathi ekhaya njengoba izimoto zakhe nalezo ebezimphelezela zisuke ngo-23:15, ekhaya lakhe KwaDakwudunuse eNkandla.

UZuma ubhale ekhasini lakhe leTwitter ukuthi uthathe isinqumo sokuthi azinikele ngoba kade engafuni ukuthi kube nokungqubuzana kuphinde kuchitheke negazi egameni lakhe. Uthe uzophuma ejele eseqine kakhulu kunakuqala futhi esekhaliphe kakhulu.

Ngaphandle kwalesi sizathu kanti nengcindezi ibikhula kuyena njengoba nabakwasidlodlo bebevivela ukumshaqa njengoba isikhathi nabo kade sibashaya njengoba bekungalindelekile ukuthi kuphele usuku lwangoLwesithathu bengambophile.

Sekungokwesibili manje uZuma ezithola esezikhindini njengoba eke wagwetshwa phambilini ngesikhathi sobandlululo mayelana necala lokuvukela umbuso lapho abhadla khona etilongweni iminyaka eli-10, eRobben Island manje umlando usuyaziphinda kuyena njengoba esezithola esesejele nangesikhathi senkululeko.

Kube nokuphawula okwehlukene emphakathini emva kwesinqumo sikaZuma sokuzinikela.
Iningi labantu lizwakalise ukukhathazeka kwalo ezinkundleni zokuxhumana, abanye baze bathi ngendlela abaphatheke kabi ngayo ngathi ushonile uZuma.

UMnu uNkosentsha Shezi ozibiza ngoRET Champion odume ngokuba ngumlandeli wokuqina kaZuma, uthe uZuma uyahlukunyezwa yilabo abamzondayo ku-ANC abasebenzisa izinhlaka zombuso ukufeza izinhloso zabo. “Kade waqala umkhankaso wangaphakathi ku-ANC wokuzama ukuqeda ngoZuma ingakho namanje kade esahamba necala elingapheli lenkohlakalo elithinta ukuthengwa kwezikhali siyakholwa ukuthi izitha zakhe ziyajabula manje njengoba esesejele,” kusho uShezi.

Ohlelweni lweSunrise kuSAFM ngoLwesine ekuseni abantu bebebhodla umlilo bethi uZuma kudlalwa ngaye. Umlaleli uJulayi othe ungowaseMalamulele uthe uZuma kudlalwa ngaye izitha zakhe ezifuna ukufeza izinhloso zazo. Omunye uMoripe yena uthe abantu abaqhuba itulo ngoZuma kumele bazi ukuthi bazohlawula kanzima. “Akukwazi ukuthi ngesikhathi sedemokhrasi kuthi isishoshovu somzabalazo siphathwe ngale ndlela amanye amaqabane alawulwa yidlanzana longxiwankulu,” usho kanje.

Omunye ozibize ngoChurchill uthe uyakuqonda ukuthi uZuma usekhulile kodwa uyena ozimemele ukuya ejele. “UZuma unikwe isikhathi esanele sokuthi enze izethulo zakhe ukuthi kungani enqaba ukuzokwethula ubufakazi kodwa wangakwenza lokho ngoba ecabanga ukuthi ungaphezu komthetho,” kusho uChurchill.

UMengameli we-ANC Veterans League uDkt uSnuki Zikala ekhuluma ohlelweni lweSunrise naye uhambe emazwini kaChurchil wathi uZuma uzimemele yena inkinga. “Lesi simo besingagwemeka ukube uZuma waya ukuyokwethula ubufakazi kodwa wanquma ukungayi ingakho silapha namhlanje, nakuba kubuhlungu singeke sijabule ngokuboshwa kwakhe kodwa umthetho kumele uhlonishwe,” kusho uZikalala.

Uthe lokho okwenzeke kuZuma kuzothumela umyalelo oshubile ukuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho.

NoMengameli we-United Democratic Movement (UDM) uJenene uBantu Holomisa uthe ukuboshwa kukaZuma kuzothumela umyalezo oshubile kulabo abaphula umthetho.
“UZuma ubehlale ethe akalesabi ijele kodwa manje sekuse ngokunye, ngiyathemba nabanye abangawuhloniphi umthetho abenza inkohlakalo bazobona,” kusho uHolomisa.

USihlalo wezinduna KwaZulu-Natal ophinde abenguNdunankulu wesizwe sakwaMakhanya kwaSobonakhona eMbumbulu uMnu uMbongeni Makhanya uthe akangabazi ukuthi ukugwetshwa kukaZuma kuhlobene nobuhlanga. “Uma ubheka labo abake babangoMengameli bakuleli abamhlophe uMnu uFW de Klerk noMnu uPW Botha bake baba namacala kodwa abazange bashushiswe, umbuzo esinawo ukuthi kungani bengashushiswanga bona. Thina njengabantu balapha eKZN le nto siyibuka ihamba nobuzwe ingakho simeseka uZuma,” kusho induna uMakhanya.

Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi uBheki Mngomezulu uthe ziningi izinto eziwumxhantela ezidala ukuthi uZuma athole ukwesekwa okwehlukene emphakathini. “Bakhona abangahlonizi abathi uZuma ushushiswa ngoba nakhu engumZulu, kanti futhi ngeke sikushiye ngaphandle nokwehlukana phakathi okuvele okukhona ku-ANC,” kusho uMngomezulu.

Uqhube wathi ngisho nangesikhathi owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki ekhiphe uZuma esikhundleni kukhona ababuka lokho njengempi yobuhlanga.

UNgqongqoshe Wamaphoyisa kuleli uMnu uBheki Cele ubebonakala emadolonzima ekutheni abophe uZuma yize iNkantolo YoMthethosisekelo ibimnike umnqamulajuqu njengoba owokuqala udlulile kwaze kwakhona umyakazo kumqamulajuqu wesibili.

UNobhala we-ANC esifundazweni uMnu uMdumiseni Ntuli uthe nakuba engasho ukuthi uZuma ufanele ukuboshwa kodwa uthe uma umyalelo wenkantolo ungalandelwa lokho kuzokwenza ukuthi umthetho wakuleli udeleleka abantu bazenzele umathanda.

Ngaphambi kokuthi uZuma aboshwe uthole ukwesekwa okukhulu yizinhlaka ezahlukene emphakathini kubalwa amabutho aseNdlunkulu kanye nabanye abantu bamaqembu aphikisayo. Kubonakale noMdidiyeli wamabutho omkhulu uMnu uMgiliji Nhlelo khona eNkandla ezoseka uZuma nokuyisenzo esingehlanga kahle kuNdunankulu kaZulu iNkosi uMangosuthu Buthelezi oze wakhipha isitatimende emgxeka. Lokhu kulandelwe ukuthi akhishwe kwesokudidiyela amabutho uNhleko.

Omunye wabantu bamaqembu aphikisayo obonakale ezoseka uZuma, umholi weNFP oLundi uMnuz Sphamandla Ntombela.

UNtombela uthe uphume ezoseka uZuma ngoba ebona ukuthi uyahlukunyezwa ngenxa yobuhlanga. “Uzokhumbula ngaphambi kowe-1994, ukuthi uButhelezi nguyena owayehamba phambili efuna kuchitshiyelwe isigaba somthetho Ingonyama Trust Act ayehlose ngawo ukuthi kuvikelwe umhlaba weSILO. UButhelezi waze wasabisa ngokuthi i-IFP ngeke ilungenele ukhetho uma lo mthetho ungachitshiyelwa.

Lesi senzo sikaButhelezi sasekwa cishe iwona wonke uZulu. Abantu babeka eceleni indaba yepolitiki. Sizokhumbula futhi ukuthi amalungu e-IFP aze amasha aya eShellhouse eJeppe Street okwakuyikhaya le-ANC ngesikhathi lapho abaqaphi baKhongolose bathela othulini ngenhlamvu abalandeli beNkatha abangu-19,” kusho uNtombela.

Uthe kuyabamangaza futhi uma uButhelezi ethi uNhleko udonse amabutho ngaphandle kwemvume yaseNdlunkulu noma yakhe njengoNdunankulu kaZulu. “Kuyaziwa ukuthi cishe kuyo yonke imibuthano yeNkatha kuhlale kukhona amabutho asuke ehlome ngezikhali zendabuka siyafisa ukwazi ukuthi lawo mabutho asuke ephakwe iNdlunkulu yini ukuthi aye embuthanweni ye-IFP,” kusho uNtombela.

Uthe izimo ezifana nalesi esenzeke kuZuma ziyingozi ngoba kwezinye izikhathi nakwamanye amazwe zigcina zidala ukuthi kugcine sekuqubuka izimpi zombangazwe. Lokho okushiwo uNtombela kuke kwenzeka eZimbabwe naseRwanda lapho kwabulawa khona inqwaba yabantu kulizwa izimpi zobuhlanga.

See Also

Ezweni elingumakhelwane iZimbabwe, kwaba nempi iGukurandi eyayiphakathi kwesizwe samaNdebele namasosha kaHulumeni wakuleliya lizwe phakathi kuka-1983 no-1987, lapho kwabulawa khona abantu abangaphezu kwezi-20 000, ngokusho komlando wezifundiswa i-International Association of Genocide Scholars.

Ngesikhathi sempi iRhodesian Bush War, amaqembu amabili ayeyizimbangi iZimbabwe African National Union iZanu PF kaRorbet Mugabe ahlangana neZimbabwe African People’s Union kaMnu uJoshua Nkomo balwisana nombuso wabamhlophe. IZanu PF yayinabantu abaningi abangamaShona kuthi iZanu inabantu abangamaNdebele.

Nokwathi ngowe-1983, iFifth Brigade eyayiqeshwe iNorth Korea kodwa okwakuyingxenye yombutho wezempi zaseZimbabwe wahlasela abantu basesifundazweni iMatabele land lapho kwakuhlala khona isizwe samaNdebele.

Kodwa ke isibhicongo esikhulu kunazo zonke esiseke senzeka lapha ezwenikazi i-Afrika esenzeka eRwanda lapho kwabulawa khona abantu abalinganiselwa ezi-800 000, abangamaTutsi bebulawa ngamaHutu.

Lezi zibhicongo esaseZimbabwe nasaseRwanda ziyakhombisa ukuthi iyingozi kangakanani inzondo egqugquzelwa wubuhlanga.

Isibhicongo saseRwanda senzeka emveni kwesigameko sokubulawa kowayenguMengameli wakhona ngaleso sikhathi uMnu uJuvenal Habyarimana owayeyiHutu ibhanoyi ayehamba ngalo eladutshulwa esehlakalweni okwasolwa kuso amaTutsi.

Ijaji laseFrance lagxeka lowo osenguMengameli waleli lizwe manje uMnu uPaul Kagame owayehola amavukelambuso wamaTutsi ngaleso sikhathi nezinye izihonga ayebambisane nazo ngokudubula ibhanoyi alalinoHabyarimana.

UKagame wakuphika lokho wathi kwenziwe izihonga zamaHutu, wathi kunindwa bona ukuze kuzohlaselwa amaTutsi.

Kulona leli sonto lezi zidubedube i-ANC ithathe isinqumo sokumisa ubulungu bomkhululemi womakadebona boMkhonto weSizwe (MKMVA), uMnu uCarl Niehaus mayelana necala lokugqugquzela uthuthuva emphakathini.

Lesi sinqumo sithathwe emveni kokuthi uNiehuas enze izinkulumo eziningi ngaphandle komuzi kaZuma lapho kade ethi bazimisele ngokumvikela uZuma ngisho nangegazi labo kunoma ngubani ozofika azombopha.

Ecacisa ukuthi kungani uZuma eye ejele laseMtshezi, okhulumela uMnyango Wezokuhlumelelisa Izimilo kuleli uMnu uSingabakho Nxumalo uthe ejele laseMtshezi bayisa iziboshwa ezisuke zisanda kugwetshwa lapho zihlala khona izinsuku ezili-14, njengoba kunobhubhane lokhuvethe ngaphambi kokuba zidluliselwe kulelo jele okusuke kuhlelwe ukuthi zigcine kulo.

Scroll To Top