Now Reading
Kube nomunyu kwethulwa ibhuku lika-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu
Dark Light

Kube nomunyu kwethulwa ibhuku lika-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu

Kube yintokozo eyenganyelwe umunyu kumfo kaRamlutchuman ongowomdabu waseNdiya ngenkathi kwethulwa incwadi ekhuluma ngempilo yakhe, emcimbini obungoMgqibelo ntambama ngeledlule ehhotela elisendaweni yabadla izambane likapondo eMhlanga eReddison Blue Hotel.

Ukwethulwa kwencwadi ka-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu esihloko sithi: “Ishwa Ramlutchman Mabheka Zulu Beyond Dreams The Man The Nation The World”, kubonakale njengesikhuthazi esihle ukuvuselela ubunye, uthando nokubambisana kubantu bezinhlanga ezehlukene. Kubantu okubalwa kubo amaNdiya, abeLungu, aboHlanga namaKhalathi bakuleli leNgabade babengofakazi abaqanda ikhanda ngezithelo zika-Ishwar.

Lokhu kuhlaluke kwasobalaba kulo mcimbi ngenjalokhu bewudidiyele izicukuthwane nezikhulu ezimele lezi nhlanga ngokwehlukana kwazo futhi zibonakala zikuthokozela ukuba yingxeye yalo mcimbi obusezingeni lomhlaba ngokuhleleka. Le nsizwa engeyomdabu waseNdiya evame ukubonakala ivunule emcimbini yaseNdlunkulu kaZulu, futhi ethandwa ngakhulu ngabantu iveze ukuthi ukukhula kwayo kanzima kwayenza yaqoma ukuyofuna umsebenzi emveni kokuphothula umatikuletsheni.

U-Ishwar uthi ukudlula kukayise emhlabeni besengamaqhumisamponjwana angakuthatha njengesikhuthazi esamfundisa ukuzimela nokusebenza kanzima esebenzela ikwabo nonina kwaze kwaba liyavuka, kwazise uyise wedlula emhlabeni ngaphambidlana nje kokuba aphothule umatikuletsheni wakhe.

Uthi njengoba eyingane yesithathu ezinganeni eziyisikhombisa, ngakho-ke ukudlula kukayise emhlebeni kwasekumphoqa ukuba abheke engxenye asukume abhukule ayozama impilo ukuze axoshe ikati eziko kunokuba aqhubeke nemfundo ephakeme. Kungaleso sikhathi lapho wanquma khona ukulifulathela izwe ayezalwe wakhulela kulo KwaDukuza (Stanger), wayohlwaya amadlelo aluhlaza endaweni yaseMtubatuba enyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Emveni kwalapho wabe esefudukela endaweni yaseMpangeni okulapho wafike wathola khona umsebenzi wokushayela awusebenza iminyaka kwaze kwaba usungula inkampane yakhe i-AC Industrial Sale and Services ngokwelekelelwa nguyise wakwaMoya enkolweni uSri Swami Sivananda noSri Swami Sahajananda.

Ephawula ngombono anawo u-Ishwar ngabantu baseNingizimu Afrika uthe: “Kuyisifo sami futhi kwakuyisifiso sikaMdlokombane ukuthi izwe lethu libe yimbumba ukuze kuliwe nobubha emphakathani esiwakhele kungathalekile ukuthi sikuphi nezwe. Ezindaweni zonke lapho bengihamba khona bengiqinisekisa ukuthi ngenza kahle ngenzela abantu beNgonyama, futhi ngisebenzela yona iNgonyama uqobo ukuletha impilo engcono kubantu bayo. Bekuthi uma kwenzekile ngadibana nabantu abaswele noma abahlwempu ngibafunele usizo ezindaweni ezifanele bese ngibikela uBaba (iNgonyama) ngabantu labo negxathu esengithathile ukubafunela usizo bese ngithola izibusiso koMdala,” kusho yena.

Eqhuba inkulumo yakhe uthe abantu badinga abaholi ababakhathalele futhi abaziqondayo izinkinga ababhekene nazo ekupheleni kwabo, bengagcini lapho kodwa baqhamuke nezisombululo ukuze kwakhiwe isisekelo esihle ezinganeni ezizolandela.  Uthi okukhulu kunakho konke ezintweni azifundiswa yiNgonyama eyebuzile ukukhuthala ukunakelela abaswele, nokuthi akuzona zonke izinto ezikhulunywayo okufanele aziphendule ikakhulukazi lapho ethola ukugxekwa. 

Akagcinanga lapho kodwa uphinde watusa amagalelo abaholi abafana nomholi webandla lamaNazaretha eBuhleni iNkosi uNyazilwezulu M.D. Shembe ngokumfukamela ngezikhathi ezinzima.

“Ngithanda ukukuveza ukuze abantu bakwazi ukuthi ngingomunye wabakholelwayo kakhulu ebandleni lamaNazeretha, ngaphansi kobuholi bukaBaba uNyazilwezulu ngakho konke okuhle akwenzela isizwe. Angigcini lapho kodwa ngiyazihambela nezinkonzo zebandla futhi naye uBaba uyafika ekhaya engilethele imikhuleko kanye ngonyaka, okuwuphawu lobumbano nokugqugquzela ukuhlangana kwezinhlanga ezihlukene,” usho kanje.

Ekhuluma kulo mcimbi uNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene uDkt. Mangosuthu Buthelezi uthe eminyakeni anayo edla amabele uyaqala ukwenamela umcimbi walolu hlobo kangaka.

“Empilweni yami yonke njengalokhu sengiphile iminyaka engama-93, esikhathini esingesingakanani kusukela manje ngizohlanganisa iminyaka engama-94 kodwa ngiyaqala ngqa ukwethamela umcimbi walolu hlobo bese ngiwuthakasela kangaka. Lokhu kungubufakazi bokuthi uMntwana uMabheka lona okuyigama alinikezwa yiMbube eyebuzile, ngempela umsebenzi wakhe awenzela isizwe samaZulu ungophefumulelwe nguMdali nezinyanya zakubo.

“Kuyiqiniso ukuthi ukuhlanganyela kwethu lapha sizofakaza ubuqiniso bempilo enhle ephilwa nguMntwana uMabheka esizweni samaZulu, nasesizweni sakubo isizwe samaNdiya. Impela akathanga ngoba nakhu esenamathele esizweni samaZulu wabe eseshiya okwakubo, kodwa nakho uyakwenza futhi ukwenza kahle. Mina nje abanye babeze bethi ngiyiNdiya elimnyama ngakho ukubona ukuthi ngisondelene nesizwe sabo. Ngokufanayo naye uMntwana uMabheka, ukusondela kwakhe esizweni samaZulu kumenza abe ngohlukile ogqugquzela umoya wokuthula, ukuzwana, wubumbano kanjalo nobunye kithi sonke.” 

Umbhali wale ncwadi uSolwazi Jabulani Maphalala wethule ngobuchule nobunyolinco umlando wokufika kwabantu baseNdiya kweleNgabade, kanjano nokuxhumana kwabo nesizwe samaZulu njengalokhu kwazeka ukuthi inani eliphezulu labo ngaphandle kwase-India lilapha iNingizimu Afrika, KwaZulu-Natal ikakhulukazi eThekwini.

See Also

Uthe lapho elandisa ngokuxhumana kuka-Ishwar neNdlunkulu kaZulu waveza ubuhlakani obuyisimanga kule ndoda lapho izingela konke okuhle ikulethele uBayede, futhi inenkolelo yokuthi konke okuhle kufanele iNgonyama. Uthi nalapho isebenzela umphakathi ibiqhakambisa igama leNgonyama ngakho konke ekwenzayo ingafani nabantu abathi uma besina bese bezishayela ihlombe.

“INgonyama emveni kokusebenza noMabheka isikhathi eside imbhekile, yabona kufanele ukuba imthathe imfake okhalweni lwayo, yabe isimunika igama lokuthi nguMabheka Zulu. Uma ulilandela kahle leli gama uyabona ukuthi lisuselwe ekutheni u-Ishwar lona ubheke isizwe seNgonyama ngokusilekelela lapho kwenzeka sidinga khona usizo. Kuningi-ke asekwenzele isizwe lapho singabala khona ukwakhela abahlwempu izindlu, ukubathengela ukudla nezipho, ukufundisa izingane eziswele ngaphansi kwefoundation yakhe iShivananda World Peace Foundation nokunye okuningi,” kusho uMaphalala.

Ezinye izikhulumi ezisukume zatusa amagalelo ka-Ishwar emphakathini kubalwa uDlunkulu Nompumelelo Zulu waseNyokeni oqhakambise umoya wokuzwelana nothando alufunda mihla namalanga kule nsizwa kwazise yafakwa esigodlweni sakhe, lokho okusho ukuthi uyindodana yakhe.

UDr. Sibongiseni Dlomo ongusekela Ngqongqoshe eMnyangweni weZempilo eNingizumu Afrika naye uhambe emazwini ezikhulumi ezibe ngaphambi kwakhe lapho ebongela isizwe samaZulu namaNdiya nomphakathi waKwaZulu-Natal wonkana ngokuba nomuntu ofana no-Ishwar okwazi ukunakekela abantu ngayo yonke indlela.

Ngokungananazi nguMnu. Vivan Reddey neNkosi Phathisizwe Chiliza basukume  ngokulandelana bashayela isipikili sokugcina ngezincomo namazwi akhuthazayo abhekiswe kumnikazi wendaba, kulabo abathamele umcimbi nasesizweni sonke jikelele. Kulo mcimbi kuphindwe kwadlalwa i-video yeNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu ifisela u-Ishwar izilokotho ezinhle ngenkathi egubha iminyaka engama-40, lapho eyayimbongela khona yamupha nezibusiso ngemisebenzi yakhe emihle. Kukuso lesi sigaba lapho kuvuke khona umunyu kwabaningi bekhumbula uBaba wesizwe ngothando olungenamkhawulo.

Lo mcimbi odonse cishe amahora amathathu wonke awuzange ube negebe kanjalo nezinkonondo njengalokhu bewuhlinzekwe ngomdanso wabaseNdiya kaNatyarasi Cameron Govender kanjalo neqembu lomculo Amaviyo.

Scroll To Top