Now Reading
Akubona bonke abavumelana nendlela yokwenza
Dark Light

Akubona bonke abavumelana nendlela yokwenza

Yize kukhona ukuvumelana ekutheni elakuleli lisotakwini uma kufika kugesi nomnotho  inkulumompikiswano isekuthini izwe liphuma kanjani kulokhu. Iqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters (EFF) ithi iva nguMengameli wezwe uRamaphosa ngakho kalubangulwe.

Nokho zikhona ezinye izinhlangano ezingavumelani nalokhu. Iqembu elikhulu nje kwaphikisayo iDemocratic Alliance (DA) isiphumele obala ngalokho ekubize ngobudlova be-EFF. Umholi weDA uMnu uSteenhuisen  uthe, “abantu bakuleli bakhathazekile ngokusatshiswa ngamalungu e-EFF” nathe kuzoba nomthelela kumabhizinisi nezimboni. AbeDA bakuqinisekisile ukuthi bazophikelela enkantolo ukuze baphoqe ukuba abe-EFF bazibophezele emigomweni yokubhikisha. 

Ngakolunye uhlangothi  abeSA National Taxi Council (Santaco) siye koshicilela besaziqhelelanisile ngokuhlelwe ngabe-EFF. Bathe ngomlomo kaMnu uMagagula ‘umnotho usaxhuga’ ngakho lokhu kuzokwenza kube nzima ubalule ukukhuphuka kwemali yokugibela  nophethiloli. “Abashayeli abafuni ukuzihlanganisa nemikhankaso yokuvalwa kwezwe, futhi siyakuthokozela lokho. Abashayeli bethu sebetsheliwe ukuthi baqaphele uma behamba ezingxenyeni ezithile zezwe, futhi siyakholwa ukuthi bazokwazi ukuzivikela uma behlaselwa ngabantu abazobe beyingxenye yokuvalwa kwezwe,” kusho uMagagula. “Lokhu kuvalwa kwezwe sikubuka njengento ezoshaya kakhulu umnotho. Okokuqala, asiyona ngisho ingxenye yokuhlelwa kombhikisho, futhi abashayeli bethu bazi kahle ukuthi asiphikisani nokuba khona kombhikisho nokuvala,” kwengeza uMagagula. UMalema uthe abamatekisi abakhululeke.

See Also

Nohulumeni kubukeka ekhathazekile ngalokhu. Ngomlomo kaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni uchithe abe-EFF wathi basabisa ngenyoka efile wathi imizamo yokuketula uhulumeni kuyobhekwana nayo ngqo. “Angeke achithwa uhulumeni eNingizimu Afrika ngezindlela ezingekho emthethweni. Noma ngubani ofisa ukuphatha leli lizwe kumele alinde ukhetho lwangonyaka ozayo. Imizamo yokuphazamisa ukusebenza kwezwe iyobhekana nomthetho.”

Scroll To Top