Now Reading
Izinsuku zokugcina? URamaphosa kuvuthondaba
Dark Light

Izinsuku zokugcina? URamaphosa kuvuthondaba

Njengoba bekulindelekile ihlandla lesibili seliqalile ukusinda kuMengameli wezwe uRamaphosa. Ezinyangeni ezimbili ezedlule waqokwa ihlandla lesibili ngamalungu enhlangano yakhe i-African National Congress (ANC) emhlanganweni owabe unomsindo namalungu ehlukene phakathi. Bebodwa abathi akehle ngoba wehlulekile kepha abanye bethi kahlale ngoba kuye kulele ithemba ekuqedeni inkohlakalo.  URamaphosa uya nje okhethweni lweqembu uvele uyaxhuga emuva kokuphuma kombiko ongemuhle odabeni oluthinta ipulazi lakhe iPhalaphala.

Kulo mbiko owakhishwa yithimba elabe liholwa nguMehluleli uNgcobo ishoba lakhomba uRamaphosa kwathiwa kaphendule eminye imibuzo enzima ngokwenzeka. Noba waphunyuka kwaba ngenxa yesibalo esikhulu samalungu eqembu lakhe ephalamende nokwathi uma kuvotelwa ukuba lombiko wamukelwe amalungu eqembu athi cha.

Uma kuqala unyaka ubuye waba kwingcindezi umfoka Samuel njengoba izinkinga zika Eskom zibe sezidlanga nokuphethe ngokuba aze amemezele ukuthi usezoba nongqongqoshe ozobhekana nogesi. Yize lokhu sekuphenduke uteku kepha kuyizinkomba zengcindezi kahulumeni awuholayo. 

Ukwesula kwesikhulu esiphezulu sakwa Eskom nesishiye idede ngohulumeni kaRamaphosa neqembu elibusayo nakho kuze nokwazo.  Libe seliyithela kakhulu izulu lapho sekuvela emphakathini amaphepha asenkantolo  lapho uRamaphosa ubezihlangula odabeni lokuhlinzekela ngogesi.  Kusethulo sakhe ecaphuna ingxenye B kusheduli 4 womthethosisekelo uthe ukuhlinzekelwa kukagesi kusemahlombe ohulumeni bendawo.  Washo lama elokuthi akukho lapho umthethosisekelo ukubeka emahlombe akhe (njengomengameli) ukuba ahlinzeke abantu ngogesi.

“Ngokusemthethweni kumele omasipala kube yibo abahlinzeka abantu bawo ngogesi njengesibophezelo sokusebenzela umphakathi. Lo msebenzi awuqondene noMengameli noma imuphi umnyango kazwelonke njengoba kubekiwe.” Kuzingqapheli okumqoka akuyona inkulumompikiswano yomthetho kepha kube yisikhathi lokhu akusho ngaso ngesikhathi izwe lisobishini.

Kuthe esaphunga lokhu uRamaphosa inkantolo  yoMthethosisekelo ecaleni uCCT 353/22 yachitha isicelo sakhe ngodaba lokubuyekeza umbiko ngePhalaphala. Ithe ayisizwa isizathu esingenza uRamaphosa agijimele kuyo. Yize lokhu kungasho ukuthi uRamaphosa uzobuyela enkantolo engaphansi kweyomthethosisekelo lokhu kumfaka ingcindezi njengoba kungekudala  uMvikeli woMphakathi kanye nabe NPA bezokhipha isinqumo ngePhalaphala.  Uma isinqumo singamvuni ngokulawulwa yizinqumo zeqembu kuyomele ahoxe esikhundleni kuze kube udaba luyaphela ezinkantolo.

Okwesekela Mengameli

Bukhona ubufakazi bokuthi ngesikhathi uMehluleli uNgcobo ekhipha isinqumo ngoZibandlela wonyaka owedlule umfokaSamuel wabe ezimisele ukuhoxa njengomengameli. Kuthiwa kwababaza labo abamesekayo nabakhala ngokuthi ukwenza njalo kuzobhidliza impi yabo njengoba kabe sekuyiwa okhethweni eNasrec. 

Labo bantu basekhona futhi basezikhundleni ngakho ukuhoxa kukaRamaphosa kungasho inkinga kubo, abanye bakukhabhinethi. Konke kwenzeka ngesikhathi kulindeleke aqoke isekela lakhe elisha njengoba uMnu uMabuza esulile kuleli sonto. 

Umbuzo uthi ngabe uRamaphosa uzokhetha kwesesekela umuntu okungathi uma kumele ahoxe amcindezele kakhulu noma umuntu oyothi noma ephethe angamfakeli ingcindezi.

See Also

Ukukhuluma kuthi ezakhe uRamaphosa kazimthembi uMashatile nolisekela lakhe eqenjini. Kukhona abathi anganede ahoxe uRamaphosa uMashatile anethezeke.  Elinye igama elimunyungwayo ngelikaDkt uZwelini Mkhize owayeyimbangi yakhe uRamaphosa ngoZibandlela. 

Eminyakeni eyedlule uDkt uMkhize engakazungezwa zinsolo babesebenza kahle kakhulu noRamaphosa , empeleni ukubambisana kwabo ngezikhathi zokuqala kokhuvethe kutuswa kakhulu kuleli nangaphandle.

Ngakho uma bengakhetha ukuqhubeka lapho bagcina khona kungaba yinto elula.  Khona lapho ukuqoka uDkt uMkhize kungenza bamamatheke abanye KwaZulu-Natal abangekho ndawo ebuholini obuphezulu beqembu. Nokho akulula kanjalo ngoba neGauteng nayo evele isiningi ebuholini ilindile ‘ukuvikela okungokwayo’  ngoMashatile.

Okungangabazeki nokwejwayelekile ngehlandla lesibili wukuthi ukuze abe semandleni  uRamaphosa kuzodinga akhe abangani abanye abangeke abe nabo esimweni esejwayelekile. Lokhu kusho ukuthi kuyomele abe nomthwalo wokuncelisa amawele ukuze aqhubeke nokuba semandleni. 

Ukubheka ekhasini laloyo owayengumengameli uZuma kungambulela uRamaphosa indlela okungamele ayithathe, ngoba njengezwe asiqali ukuba lapha sikhona ngomengameli wezwe.

Scroll To Top