Now Reading
Indla beyiphika: Isiqalile ukuhlehlelwa zikhuni i-ABC kaMavundla
Dark Light

Indla beyiphika: Isiqalile ukuhlehlelwa zikhuni i-ABC kaMavundla

Ukuxoshwa kwakhe uKhongolose eThekwini ngoZibandlela naphezu kokuba esenikele eNkantolo eNkulu yakuleli dolobha  eyivimba ukuba ingamphazamisi ekubeni ngowesibili ekuholeni iTheku kwavula elinye ikhasi empilweni kaMengameli we-Abantu Batho Congress (ABC).

UMnu uPhilani Mavundla waziwa njengendoda ekumelayo esuke ikuqalile futhi okungayethusi ukuba sendaweni engejwayelekile. NgoMasingana we-2020 ngaphambi kokuhlasela koKhuvethe zase zisesigabeni esiphezulu izingxoxo zokusungulwa kweqembu lakhe. 

Ngaleso sikhathi intatheli yelaboHlanga yalunywa indlebe ngelinye ilungu eliqavile laleli qembu elaliyilungu le-IFP, okwathi ngokusungulwa kweNational Freedom Party (NFP) langena kuyo. Engxoxweni nentatheli leli lungu lalikusho ngeqholo ukuthi i-ABC izophenduka insimbi ezodla ezinye ngoba bafolosa ngoMavundla.

Akubanga isikhathi eside lethulwa iqembu. Ngesikhathi semikhankaso yokhetho lohulumeni bezindawo ngowezi-2021 izingqwembe ze-ABC zaziphephezela phezulu futhi zisabalele kuwona wonke amadolobha esifundazweni.

Imiphumela yokhetho yabe iyiphika i-ANC okwabe kudingeka ukwesekwa amanye amaqembu ukuze ibuyele emandleni eThekwini. UMavundla waba ngumalamulele kuKhongolose ngoba iDemocratic Alliance (DA) yabe isikulungele ukuthatha uma uKhongolose ungesekwa.

I-ANC yabonga uMavundla ngokumthwesa uphaphe legwalagwala ngesokuba yiSekela leMeya. Izinkinga zikaMavundla ne-ABC ziqale lapho kwakhona amalungu ale nhlangano amsola ngokudayisa umzabalazo.

Abanye babengakufihli ukuthi baphoxekile ngoba babekubeke kwacaca ukuthi akukho nokuncane okuyobahlanganisa ne-ANC.

“Akwehlukile nokuthi sithathe ivoti lethu saweza ngalo ngelibanzi abantu abavele bacwila emafutheni. Sidele iqembu lethu elidala iNFP sawelela ngapha ngoba sincamela ukufa kunokujoyina i-ANC kodwa manje sidayiswe ngozuka,” kuzikhalela elinye ilungu elike laba emkhandwini ngaphansi kwelinye iqembu elalishiya.

See Also

Amalungu aqalile ukushiya eqenjini kancane kancane, kwakhona ababuyela emakhaya amadala abanye bajoyina i-ActionSA. Nabanye beqembu abebemluleka baqalile bahlehla ngoba esengene kakhulu ku-ANC. 

Elinye ilungu elikhulume nelaboHlanga lacela ukungadalulwa lithe, empeleni sekusele igama nje ku-ABC, uma kukhona othi uzongenela ukhetho lukazwelonke ngethikithi le-ABC udlala ngegeja kuziliwe futhi uyobe ezimoshela isikhathi.

Ukushuba kwesimo phakathi kukaMavundla ne-ANC eThekwini kuqale ukushuba ngesikhathi enqaba ukweseka lowo obethwelwe ngeqoma yilo iqembu elibusayo ukuba athathe isikhundla sokuba iMeneja yeDolobha.

Kumanje ushiyile esigungwini esiphezulu nokuba ikhansela kulo masipala. Uyaqhubeka nokwembula izinqe ngobekwenzeka eMkhandlwini abala kukho ukwehluleka kwabaphethe ukufeza izethembiso nokuhanjiswa kwezidingo kubantu.

Scroll To Top