Now Reading
Iqiniso lithi okuqondene naboHlanga kusanyanyalatwa
Dark Light

Iqiniso lithi okuqondene naboHlanga kusanyanyalatwa

Uma ulalele izikhalo zalaba abalidlanzana kuleli okungamaNdiya nabelungu ungafunga ukuthi bakhala nje kulabo abaliningi konke kuhamba kahle. Iqiniso elilapha enhlabathini lithi akunjalo. Ucwaningo lukaHulumeni, ongoti nezinhlangano ezizimele zikhomba ukuthi aboHlanga basephansi njengoba kwabe kunjalo ngesikhathi besacindezelwe yidlanzana. Izindawo abahlala kuzo kusayimigubane. Emalokishini abo intiki iyazigelezela nje kukwamfucuza kayilandwa. Lapha ugesi uphela nsukuzaphuma kuthulwe nje. Isibalo sabangasebenzi, abangena makhono sikhulu ngakubo. Izifo zibaphula ngakho belu ngoba inhlupheko idla lubi.

Abanye kwaboHlanga sebaphelelwa nayithemba njengoba bezalwa babuye bafele kuyo indlala. Nakungqalasizinda cishe yakho konke kabekho ndawo laba abaningi kepha phezu kwalokho ulaka lwabo lusalawuleka. Kumbalwa lapho kuthiwa baye ezinkantolo. Lokhu nje kwakamuva kwezibhelu kukhona ukuvumelana kongoti ukuthi kusilunguzise kwintabamlilo engadubula noma nini ngenxa yazo izinkinga iningi kuleli elibhekene nayo nsukuzaphuma.

Kepha nakhu okunye okuqaphelekayo ngaboHlanga nabaliningi – kabayeki ukuhlala ethembeni. Baningi endlaleni nje kepha baningi namhla kuvotwa kokunye baze basolwe ukuthi bavotela abantu ababadumazayo kepha ngisho kunjalo bayavota futhi nakulokhu bazovota ngobuningi babo. Namaqembu lawa angenele ukhetho akubeka engananazi ukuthi aboHlanga bazovota ngobuningi babo. Lokhu ukuzwa ngemilayezo ezinkulumweni zabaholi lapho kwethula izikhongeli zamaqembu. Kulula nje abakusho kubo, wukufudumeza izethembiso zakuthangi nayizolo kwazise kusuke kukhulunywa nabantu bokholo nethemba.

Nokho sekukhona kubo aboHlanga osekubukeka bewuqonda umdlalo wepolitiki yokhetho njengoba sekuthi njalo ngesikhathi sokhetho bese kugovuzwa umphakathi ngaphansi kwesambulela sokuthi kufunwa izimfuno. Kubukeka ngalesi sikhathi kulula ukuthola ukunakwa njengoba abaholi basuke bebheke ukuthi bangangcoli kwazise nalu ukhetho lusuke seluseMome.

Phezulu kwezinye zezimfumo zaboHlanga wudaba lomhlaba nokwabe kuyilo olwabe lungumongo womzabalazo wabo. Lolu daba selushalazelwe iminyaka njengoba nanamuhla isashukana. Uma kulandelwa izinkulumo zabaholi nezinhlangano ezondla elakuleli njengeWorld Bank ne-International Monitory kusobala ukuthi aboHlanga ngeke bathole okutheni lapha ngoba uhulumeni nalezi zinhlaka bamagange ukuqinisekisa ukuthi amalungelo endlanzana kawathinteki.

See Also

Ngenxa yezibalo ezide zethulwa mayelana nezinga lenhlupheko nobubha kuleli kukhona ukukhathazeka ngokuthi lesi simo singahle sisetshenziswe ngabathile ukuvukela umbuso noma ukwenza izwe leli lingalawuleki. Umlando wamazwe acishe afane nelakuleli uyakuqinisekisa ukuthi ubuphofu nokuswela ulwazi kuyaba yimbangela yokuba abantu bagovuzwe ekuvukeleni umbuso noma benze izwe lelo lingalawuleki. Ukucija kwemikhonto phakathi kwalabo abanotho nalabo abadla imbuya ngothi lenza iNingizimu Afrika ihlale lubhojozi.

Uma kuya ngezibhelu zakamuva kusobala ukuthi osekusele nje kumentshisi lona ihlathi lomile. Umbuzo uthi ngabe ezokuphepha kulei zikulungele yini lokhu nokuthi bona aboHlanga bazothemba kuze kube yini?

Scroll To Top