Now Reading
Awafani amalungelo abantu abakipitile nawababophe ifindo lomshado
Dark Light

Awafani amalungelo abantu abakipitile nawababophe ifindo lomshado

Ukuhlala ndawonye nomlingani wakho ningashadile, kwakuyinto engathandeki futhi engamukeleki emphakathini. Njengoba isikhathi siqhubeka, izidingo zomphakathi ziyashintsha, futhi namuhla ukuhlala ndawonye nomlingani wakho ungashadile, akuseyona into eyichilo kodwa sekwaba insakavukela umchilo wesidwaba kangangokuthi isibalo esiphezulu sabantu abashadile manje sithole ukuthi benza isinqumo sokuhlala ndawonye ngaphambi kokungena emshadweni.

Ukukipita kulungiselela abasebudlelwaneni ukuthi bazane kangcono ngaphambi kokuba bashade ukuze bezokwazi ukuthatha isinqumo sokuthi bayakwazi yini ukuphila ndawonye. Ngokomthetho lobudlelwane baziwa ngeLife Partnership, Domestic Partnership kanye neCommon Law Marriage.

Njengamanje kunemininingwane engelona iqiniso nina boHlanga ethi abakipitile banelungelo lokuthola izinzuzo ezifanayo ezinikezwa abashadile lapho kutholakala ukuthi bebehlala ndawonye izinyanga ezimbalwa. Iqiniso lithi ukukipita ngokomthetho akufani nomshado.  Amalungelo omuntu oshadile nomuntu okipitile awafani, futhi awalingani.

Ukukipita akuvikelekile ngokusemthethweni. Ubona ngemiphumelo engemihle.

Eminye yemiphumela engemihle yokuhlalisana  ukuthi omunye uphathina unelungelo lokuxosha omunye endaweni yakhe kodwa. Awukho umthetho ophoqayo ukuthi abantu abahlala ndawonye banakekelane. Alikho ilungelo elizenzakalelayo lokuthola ifa. Akukho ukwabelana kwezimpahla, ngaphandle kwezimpahla ezithengwe ngokuhlanganyela.

Izizathu zokuhlalisana kwabantu

Kukhona abashadile abasebenzisa ukuhlalisana njengenkathi yesilingo ngaphambi komshado. Babheka ukuhlalisana njengendlela yokuhlola ukuthi bazokwazi yini ukuhlala ndawonye noma isinqumo sokuthi uyashada, uhlukane noma uqhubeke nokuhlala endaweni yokukipita.

Abanye bathatha lesisiqumo sokuhlala ndawonye ngenhloso yokonga izindleko besalungiselela umshado. Abanye bathembele kubalingani babo ngokwezimali futhi akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokuhlala nabo.

Kukhona abangashadile abathi abakakulungeli ukushada futhi abafuni ukuboshwa yizibopho zomthetho ezihambisana nokushada.

Ukungazi ngokomthetho. Abanye bethu nina boHlanga bakholelwa ukuthi ukukipita isikhathi esithile kuyobenza bazuze izinzuzo namalungelo afanayo nabantu abashadile. Abanye abalingani bahleli nomlingani osashade nomunye umuntu ngokomthetho kodwa balindele inzuzo uma efana nalo ashade naye.

Izinselelo ebudlelwaneni bokuhlalisana

Lapho uzakwethu enquma ukuyeka ukweseka omunye ngokwezimali, ngokomthetho akukho lutho umlingani angakwenza ukuze athole lokho kusekelwa ngokwezimali. Abashadile banesibopho esingokomthetho sokunakekelana nesokusekelana,. Isondlo somlingani ebudlelwaneni bokukipita asikho.

See Also

Abahlala ndawonye kepha bengashadile bayakwazi ukuthatha iJoint Bond okuyisivumelwano sokuthenga umuzi ndawonye ningashadile. Esikhathini esiningi uye uthole ukuthi uyedwa okhokhela leyo ndlu. Lapho bebhekene khona nezinselelo, uzakwethu okhokhayo angase afune ukuxosha omunye kodwa, ngenxa yokuthi bangabanikazi bendlu ndawonye ukumxosha kwakhe akukho emthethweni. Uma abalingani abathenga indlu ndawonye sebefuna ukushada nabanye abantu, kufanele bathengise indlu ngoba ingeyabo bobabili. Kuyingozi ukushada nomunye umuntu ngoba kungase kukufake nawe kwisibopho sabo ekubeni ungahlangene, lokhu futhi kuzodala ubungozi bezezimali ngokuthi abashadayo bangaba nesibopho sezezimali ngesikweletu sendlu.

Amalungelo nokuvikelwa kwezomthetho

Uma abahlala ndawonye bebhekana nezinselelo zokuhlukumezana, uzakwethu ohlukunyezwayo angathola uMyalelo Wokuvikeleka enkantolo ngaphansi koMthetho Wodlame Lwasekhaya. Futhi abantu abahlala ndawonye bayakwazi ukuba kuMedical Aid yalowo mlingani ovumile, inqobo nje uma imithetho yeMedical Aid ikuvumela lokhu. Bayakwazi ukufakana njengabahlomuli  ngaphansi kwemishwalense yabo. Lapho umlingani edlula emhlabeni ebe ekipitile nomlingani wakhe, uzakwethu obethembele kumlingani wakhe ngokwezimali ngesikhathi sobudlelwane bokuhlalisana unelungelo lokuletha isimangalo ngaphansi kweSigaba 37C sePension Funds Act 24 ka-1956, uma ezokwazi ukuveza ngokusobala ukuthi ubethembele kumlingani wakhe kepha kusemqoka ukuthi sikuqonde ukuthi isimangalo usenza kwiMpesheni hhayi kwiFa lamlingani wakhe

Ukuhlalisana kuwuhlelo lwangasese olwenziwa abantu ababili abasebudlelwaneni. Uma umlingani eshona ngaphandle kokwabiwa kwamafa, umlingani osele ngeke athole lutho kwifa likamlingani wakhe.


Lombhalo  awusona  iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top