Now Reading
Kuphela amaphupho namuhla ngekhilikithi yomhlaba yabesifazane
Dark Light

Kuphela amaphupho namuhla ngekhilikithi yomhlaba yabesifazane

Iyasuka iyahlala namuhla  imidlalo ye-ICC Women’s T20 World Cup. Le midlalo izobanjelwa lapha eNingizimu Afrika okokuqala emlandweni idlalelwa e-Afrika. Izosongwa zingama-26 kwephezulu.

Umdlali weMomentum Proteas okuyiqembu lakuleli uNadine de Klerk, ukholelwa ukuthi bazokwenza kahle kule midlalo. “Okwenza ngisho njalo ingoba abashwibi bethu badlale kahle kakhulu sibhekene ne-India kanye neWest Indies.

Uma kudlala kahle abashwibi, kwenza iqembu likwazi ukwenza kahle ngoba siyakwazi ukuthola amawikhethi ngesikhathi okuyinto ebalulekile bese kuba lula kulabo abashaya amabhola” kusho uNadine.

Omunye wabashwibi osefomini eyisimanga muva nje uNonkululeko “Lefty” Mlaba ongowokudabuka eLindelani, lo mdlali oneminyaka yobudala engama-22 njengamanje ukeliswe endaweni yesibili emhlabeni kubashwibi abahamba phambili ngaphansi kwe-International Cricket Council (ICC).

UNadine uqhube wathi: “Into ezosisiza kakhulu ukuthi siye kule midlalo sizithemba. Sidlala ekhaya akumele kube khona iqembu esizolisaba, kumele sikusebenzise ukuthi sobe sidlala phambi kwabalandeli bethu. Alikho nelilodwa iqembu esizolihlonipha, umlando asinandaba nawo lapha sikhuluma ngento yamanje,” usho kanje. Lona ngumqhudelwano wesishiyagalombili udlalwa, kusukela ngonyaka wezi-2009. Udlalwa emva kweminyaka emibili, nyakenye uhlehlisiwe ngenxa yeNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo. Ali-10 amaqembu azoba yingxenye yaleNdebe YoMhlaba, ingama-23 imidlalo ezodlalwa.

IMomentum Proteas ngokomlando ayikaze iwunqobe lo mqhudelwano, iphume kabili kowandulela owamanqamu kweminye ibiphuma kowamaqoqo.

ElaboHlanga libheka amaqoqo, izinkundla okuzodlalelwa kuzo, amazwe okungenzeka anqobe lo mqhudelwano.

Iqoqo A

  I-Australia

  IBangladesh

  INew Zealand

  INingizimu Afrika

  Sri-Lanka

Iqoqo B

  I-England

  India

  Ireland

  IPakistan

See Also

  IWest Indies

Izinkundla okuzodlalelwa kuzona

  INewlands Cricket Ground emumatha izinkulungwane ezingama-25.

  St George’s Park Cricket Ground imumatha izinkulungwane ezili-19.

  Boland Park yona emumatha izinkulungwane ezili-10.

Amazwe asemathubeni okunqoba iNdebe YoMhlaba

I-Australia iyona evikela iNdebe futhi ilonazwe eseliyinqobe kaningi amahlandla amahlanu. I-England ekeliswe endaweni yesibili emhlabeni koweT2O kube iNingizimu Afrika eyenza kahle kakhulu muva nje ingakho ikeliswe endaweni yesithathu futhi ingosokhaya.

Iqembu leMomentum Proteas elizobe lidlala kweyoMhlaba

USune Luus weFidelity Titans ongukaputeni, uChloe Tryon oyisekela kaputeni, uNonkululeko Mlaba noShabnim Ismail beHollywoodbets Dolphins, u-Anneke Bosch weNorth West Dragons, uMarizanne Kapp we-Eastern Province, u-Ayabonga Khaka weDP World Lions, uMasabata Klaas weNorth West Dragons, uTazmin Brits, uNadine de Klerk, u-Annerie Dercksen, uLara Goodall, uSinalo Jafta,uDelmi Tucker noLaura Wolvaardt beSix Gun Grill Western Province.

Scroll To Top