Now Reading
URamaphosa neZitoyitoyi kuvuthondaba
Dark Light

URamaphosa neZitoyitoyi kuvuthondaba

Usuku obekade lulindelwe lufikile lwedlula. Izolo mhla ziyi-9 kuNhlolanja izinhlelo bezimbili; ngoluka Somlomo wePhalamende uMhlonushwa okaMaphisa Nqakula nalelo leqembu eliphikisayi i-Economic Freedom Fighters (EFF). USomlomo ngokulandela uMthetho Sisekelo ubelungiselele inkulumongqangi kaMengameli uRamaphosa neba minyaka yonke.

Ngakolunye uhlangothi abe EFF njengokufunga kwabo bebe nohlelo lokuphazamisa inkulumo kaMengameli. Kokubili kwenzekile; uRamaphosa ukhulumile kepha ukhulume sekuvele kube neziqubu lapho abemiswa khona ngamalungu e-EFF.

Njengo kwejwayelekile abe EFF ngokulandelana bebe phakamisa izandla ukucela ukukhuluma bazi kamhlophe ukuthi ngokwenza njalo baqhuba isikhathi. Yize bekubonakala ukuthi uSomlomo okaMaphisa Nqakula ubebalindele njengoba egcine ngokubakhipha eholo, kube ngumzuzu nje owodwa nayilapho iZitoyitoyi zenze khona into ebingalindelwe muntu.

Ngesikhathi bekhishwa beluswa ukuze baphume ngaphandle kwalapho kunomhlangano , amalungu eZitoyitoyi eholwa ngumholi wazo uMhonishwa uMalema akhuphukele lapho bekumi khona uRamaphosa. Lokhu kwenzeke bukhoma njengoba lonke izwe belibuka kumathelevishini inkulumo lena kusukumise ibutho lezokuvikela likaMengameli ( Presidential Guard) nelime phakathi kukaRamaphosa neZitoyitoyi.

Yize emuva komdonsiswano kugcine kuphumelela ezokuphepha, umbuzo umile ekutheni engabe lesi senzo seZitoyitoyi singethathwe yini njengemizamo yokulimanza noma okubi ukubulala uMengameli.

See Also

Umthetho omileyo uthi uMengameli njengeNhloko yoMbuso kumele avikelwe amahora angamashumi amane. Ukuthi kungabi bikho okuyingozi okusondela kuye. Ibutho leli elimvikelayo liqeqeshwe ngazo zonke izindlela zokuvikela nokulwa. Linelungelo lokushanela nokuwisa kwasani ebeka impilo kaMengameli engcupheni. IZitoyitoyi-ke ngokusondela beqe umugqa obubekiwe zibeka uMengameli engcupheni kanjalo nempilo yazo engcupheni ngoba bezingadubuleka.

Kwabaningi yize bebazi ukuthi ngalobu busuku bekuzoklolodelwana njengenhlala yenza , abebengakulindele ukuba kuze kungenelele ibutho likaMengameli lezokuphepha obekukhonga inhlekelele.

Scroll To Top