Ayabuya amafagugu ase-Afrika abesemazweni
UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Abasiki bebunda sebekuqinisekisile impela ukuthi selidumela emansumpeni ngeyokubuyiselwa e-Ivory Coast kwelinye lamafagugu ezwe eli kudukathole wesigcinimagugu iQuai Branly eseNhlokodolobha yeFrance. Leli fagugu nelibizwa ngeDjidji Ayokwe, lebiwa amasosha aseFrance ngowe-1916 emveni kokuqumba phansi isizwe sama-Ebriés esingezinye zezizwe ezayibamba nelaseFrance ngesikhathi sombuso wobuKoloni sizama ukuvikela umhlaba wokhokho. Amathemba ngokuthi isinqumo sesiShayamthetho sizovuna isiphakamiso sokuthi iDjidji Ayokwe ibuyele kubaniniyo enyuswa wukuthi kuzobe kungaqali ukuthi elase France lithathe isinyathelo esinjengalesi. Kuzokhunjulwa ukuthi, ngowe-2021 lwagcina kugobile uphondo kuHulumeni waseFrance owawungaphansi kwengcindezi yabakhankasi abalwela ukubuyiswa kwakho konke okuyimpahla ‘yobuciko’ abayeba emazweni ehlukene ezwenikazi. Phezu kwalokho, lesinyathelo sizobe sihamba emazwini kaMengameli uMacron nowazibophezela eminyakeni embalwa eyedlule ukuthi uhulumeni wakhe uzokwena ubulungiswa ngalemphahla yase Afrika egodlwe yizigcinimagugu zaseFrance.
Noma izinyathelo ezinjengalezi zenamisa, okubalulekile ukuthi mhla zibuyela emazweni ase-Afrika kumele kwenziwe ngakho konke ukuthi izimpahla ezifana neDjidji Ayokwe ziphathwe ngezandla ezifudumele nezikhombisa indawo yazo kwisizwe ezibuyiselwa kusona. Esifisa ukukugcizelela wukuthi lezimpahla osekuthiwa ngezobuciko iningi lazo lalingabazelwanga ukubayimibukiso, noma yizinto ezihlala kuzigcinamagugu kungaba eFrance noma ezweni elise Afrika. Kepha eziningi zazo njengayo nje iDjidji Ayokwe zabe zisetshenziselwa ukuba ngamahawu kanye nezinqolobane zolwazi nemfundiso yezizwe.
IDjidji Ayokwe yisigubhu esibanjwe yisilwane esisabhubhesi esicishe sibe ngamamitha amathathu ngobude nesisindo esingama-430 kg, ngendlela esibukeka ngayo ongazi ubona ubuciko kowasibaza, kepha kwisizwe sama-Ebriés sabe sithathwa njengomexwayisi wesizwe kanye nendlela yokuxhumana. Lesigubhu sabazwa ngendlela eyenza ukuthi sikhiphe imisindo eyahlukene neyayizwalaka ebangeni elide elilinganiselwa kumakhilomitha angama-30. Sasisetshenziselwa ukudlulisa imibiko nemiyalezo ebalulekile ephuma koMkhulu iya esizweni sonkana ikakhulukazi eyayiqonde ukuxwayisa ngezingozi, ukubuthela impi noma ukubikela isizwe ngemikhosi ethile. Isizwe sasikwazi ukuhumusha imibiko edluliswayo ngokuzwa nokulalela imisindo eyahlukene eyayivela nge Djidji Ayokwe. Indima yalesigubhu yavela eminyakeni yowe-1916 ngenkathi amasosha aseFrance ayetholene phezulu nezizwe ezahlukene e-Ivory Coast, nalapho esama-Ebriés kwabe kungesinye esasikhombisa ubuhlakani kwezempi. Kwakuthi uma amasosha egasela kwisifunda sama-Ebriés afike izihlangu zisemadolweni kuma butho, idudulwe eyaseFrance ibuyele emuva ilambatha. Lokhu kwehluleka kwamasosha ukunqoba isizwe kwenzeka izihlandla ziphindelana, kuyishiye eyase France idangele futhi ididekile ngobuhlakani obunohlonze bebutho lama Ebriés nokukwazi ukuvikela izikhundla zalo. Eyayingakwazi iFrance ukuthi imibiko nezexwayiso ezazithunyelwa koMkhulu yizinhloli zesizwe yabe idluliselwa kwisizwe sonke namabutho kusetshenziswa lesigubhu okwakwenza ukuthi abakhuzi bebutho bakwazi ukuyididiyela ngobuhlakani, ngoba benolwazi olugcwele ukuthi isitha singakuphi ngaso sonke isikhathi. Ngoba asikho isizwe esingenaye uMbopha KasiThayi kwabakhona abahlebela awaseFrance ngamandla alesigubhu ekudluliseni imiyalezo nemiyalo emabuthweni kwaba lapho ke ukuthi awaseFrance enze ngakho konke ukuthi asithole. Akuphelanga sikhathi sinqontshiwe isizwe iDjidji Ayokwe yabe isimukiselwa eFrance ngowe-1930 nalapho ibizinze khona kuze kube yimanje. IDjidji Ayokwe ingeyokuqala ohlwini lwezimpahla zobuciko nomlando uHulumeni wase Ivory Coast acele ngokusemthethweni ngowe-2018 ukuba zibuyiselwe ekhaya. Noma ngabe uHulumeni waseFrance waqala udonsa izinyawo ngalezicelo, namuhla kubonakala sengathi usuzithathela phezulu nokudalwa ukuntenga kobudlelwane phakathi kwawo namazwe ayengamaKoloni ayo phambilini.
IDjidji Ayokwe iyingxenye ‘yezikhali’ eziqinisekisa ukujula kobuhlakani nempucuko yezizwe zase Afrika ngokwehlukana kwazo. Ukubuyela ekhaya nokusabalalisa ulwazi ngokubaluleka kwayo esizweni sama-Ebriés kusemongweni wezinyathelo ezahlukene okuhloswe ngazo ukubuyisa isithunzi sama Afrika.
UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika