Zaphela sekuvalwe ngisho nemizi izimpi zombango eMsinga



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
UNkulunkulu emuhle izimpi zombango zaphela ngowe-1999. Nokho-ke kufanele kuqondakale ukuthi aziziphelelanga nje kodwa zabe zikhuzwa yilezi zinhlangano zezepolitiki.
Kwase kuthi abaholi baseMsinga nakwezinye izindawo bavumelana eGoli ukuthi izimpi zombango kufanele ziphele nya, baze bamisa umthetho othi umuntu obulele umuntu kufanele akhokhe imali yefosholo elinganiselwa kwizinkulungwane eziyi-R7.
Uma engenayo isigodi sakubo kwakufanele simkhokhele. Ngasohlangothini lwamaBomvu abaholi ababehamba phambili kwakunguMthembeni Mntungwa okunguyena owayenguMdidiyeli wamaBomvu ngaleso sikhathi noQegu Ngubane owayeyiso leNkosi eGoli.
Abanye abaholi kwakungoMkhize wakwaLatha, uPaul Chonco waseNhlonga nabanye. Izimpi zezigodi nezemihlathi zagcina ngokuphela ngowe-1999. Asisafisi ukuphinda sizibone futhi.
Esigodini saseNzala nesaseNqoleni kwabe sekubheduka ukubulalana phakathi kwabantu be-African National Congress (ANC) nabe-Inkatha Freedom Party (IFP). Lezi zimpi zombangazwe zadlula nemiphefumulo yabantu ababeyisibani nokukhanya phakathi kwesizwe abanjengo Kaizer Ngubane, uGeorge Ngubane noBonginkosi kanye nabanye.
Akubanga isizwe samaBomvu kuphela esalahlekelwa ubuholi kodwa kwaba nguMsinga wonke jikelele. Futhi akekho ongavala isikhala salaba baholi. Siyambonga uMdali ngoba nokubulalana kwabantu bepolitiki nakho sekwaphela.
Wonke umuntu usekhululekile ukujoyina, ukugqugquzela, ukukhankasa nokuvotela iqembu alithandayo ngaphandle kokuphazanyiswa nokwesatshiswa ngomunye umuntu noma enye inhlangano yepolitiki, noma abaholi besigodi noma besizwe.
Ngowe-1998 imihlathi yesigodi saseNqoleni yalwa yodwa. Kwaqala kwala iSihlamvu kanye neNdumeni. Kwathi umhlathi wasoKhwalweni wangena eNdumeni, isiHolweni sangena ngaseSihlamvu, kwaliwa kwafa abantu abangaphezulu kweshumi nanhlanu.
Ngawo lowo nyaka kwala isigodi saseNgubevu nesakwaGxobanyawo. Impi phakathi kwalezi zigodi yaqutshulwa ukufa komuntu wakwaGxobanyawo owabulawa abaseNgubevu. Ngowe-1999 kwasuka impi phakathi kwesigodi saseNgubevu kubangwa umngcele. AbasoThame babethi umngcele umfudlana uPhuzi. AbaseNgubevu bethi umngcele inxiwa lomntwana uSikhova kaMawele. Kwaphetha ngakho ukuthi kuliwe kuphume izidumbu.
Umbango walanyulwa ngukuthi indawo ebangwayo ayime ingasetshenziswa muntu ibe ngaphansi kweNkosi kuze kuhleleke kahle. Kuze kube manje besingaziwa isiphetho sokuthi umngcele phakathi kweNgubevu noThame ugcina kuphi.
Ngezikhathi zobumnyama (zezimpi) eMsinga kwasungulwa inhlangano yokuThula neNthuthuko yaseMsinga (Msinga peace and Development Comittee) ngo-1980, okuyiyona eyazala inhlangano eyayaziwa ngeNtuthuko yamaBomvu ngowe-1988. Inhlangano yaseMsinga yabe iholwa ngowabe engummeli wasemaJajini uMjabuliseni Isaac Madondo ongumlobi wale ncwadi.
Intuthuko yamaBomvu yabe iholwa nguGeorge Ngubane waseNqoleni, owayengumphathi wenkampani yomshwalense, iMetropolitian eMgungundlovu. Abaholi balezi zinhlangano zombili kanye namalunga ezinhlangano zombili besebenzisana nezinduna, amakhosi kanye nabaphathi bezinsizwa (obhekeni) behla benyuka beshumayela ukuthula nentuthuko hayi kuphela emaBomvini kodwa eMsinga.