Now Reading
Amaqembu ezwa amanzi ngobhoko ngokubambisana
Dark Light

Amaqembu ezwa amanzi ngobhoko ngokubambisana

Elungiselela unyaka ozayo aseqalile imizamo yokusebenzisana yize kusekude ukuba athembane


Ongoti, abahlaziyi namaqembu epolitiki bayavumelana ukuthi ukhetho lonyaka ozayo lukazwelonke luzobe lungolumqoka kakhulu emlandweni.

Ngokwezingqapheli nongoti ngonyaka ozayo leli kungenzeka libe nohulumeni owenziwe ngamaqembu ehlukene. Kuphakathi kokuthi iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) ibambisane nelinye lamaqembu aphikisayo noma kube ngamaqembu aphikisayo amakhulu namancane abambisane ukududula i-ANC.

Okunye okubukeka kumqoka ngokhetho oluzayo wukuthi iNingizimu Afrika ayinawo umlando omuhle ngohulumeni wamaqembu ahlangene. Nokuthi kawukho umthetho olawula lokho. Ezweni elifana nakwa-Israeli uhulumeni owakhiwe ngamaqembu ehlukene yinto eyejwayelekile neyenzeka cishe njalo ngokhetho.

Ukuwohloka kokusebenzisana kwamaqembu ayakhe uhulumeni wendawo eNelson Mandela, eJohannesburg nokugqabuka kwegoda kwakamuva phakathi kwe-Inkatha Freedom Party (IFP) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) kuveza isithombe sokuthi amaqembu akuleli awakathembani futhi akukabi ngenxa yenqubomgomo ewenza abe nezivumelwano kepha zikhundla. Umbuzo uthi uma kunjalo ngabe imiphumela yonyaka ozayo izolenza yini uzinzo kuleli, kwezepolitiki nakwezomnotho?

Okusobala wukuthi amaqembu aseyazilungisela isimo esizayo. ElaboHlanga likhulume nelungu leDemocratic Alliance elihlala ezinhlakeni eziphezulu zeqembu nelikuqinisekisile ukuthi leli qembu elisanda kwephucwa umasipala wumbimbi lwamaqembu aphikisayo eGoli nabeholwa yi-ANC lizobheka ngaku-Inkatha Freedom Party (IFP).

“Yize imiphumela kazwelonke neyohulumeni bendawo ingefani, kepha ukunqoba kwe-IFP njalo uma kunokhetho lokuchibiyela kuyiveza njengeqembu elinamandla nelingamelana ne-ANC. Thina sizolinda ukubona ukuthi uma izibalo zayo zingahlangani singayeseka kanjani ukuze ibuse. Khumbula siyavumelana ne-IFP ukuthi izigebengu ze-ANC aziphume kuhulumeni.”

Umholi we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango ubhalele amaqembu aphikisayo kumasipala iTheku nawanxuse ukuba awavume uhulumeni owakhiwe ngamaqembu amakhulu aphikisayo okuyiDA, i-IFP neEFF.

Lokhu okuphakanyiswa nguMncwango ngokusobala kuwukuzwa amanzi ngobhoko ekutheni lamaqembu angakwenza yini lokhu ngaphansi kwezimo ezehlukile. EGoli abe-EFF babambisene nabanye ukududula iDA kanti  abe IFP bona eGoli bebesebenzisana neMeya ekhishiwe.

See Also

Encwadini yakhe uMncwango uthe: “Ukuze kube nozinzo eMkhandlwini iTheku, siphakamisa ukuba amaqembu amakhulu kwaphikisayo okuyiDA, IFP ne-EFF babelane ngamandla okuphatha, kuwo lamaqembu kuphume imeya, isekela kanye nosomlomo….”

Khona lapho uMpangazitha uqhamuke nesinye isiphakamiso lapho ethi: “ Nokho, uma abeDA neEFF bemathintanyawo ekusebenzisaneni, abe-IFP ne EFF abathathe izintambo, bese iDA ithathe izikhundla eziningi kumakomiti banike ezimbili i-EFF ne-IFP”.  Sekungumlando ukuthi womathathu  lamaqembu asexabene kuzwelonke nasesifundazweni nokungenza  iziphakamiso zikaMncwango zingalalelwa muntu.

Nayo i-ANC kayizibekile phansi ekuboneni abantu engabambisana nabo. Iqhinga layo lokutshengisa amaqembu amancane ukuthi ayilona ibhoklolo ngokuthi ithi akube yiwo azophatha njengoba kwenzeke eGoli lapho ivotele ukuba uMnu uThapelo Amad we-Al Jama-ah abe yimeya entsha. Izinkomba zithi bazokwenza okufanayo nase-Ekurhuleni kubukeka kuzoba esifanayo lapho leliqembu lingahle livumele ukuba abe EFF baphathe.

Konke lokhu kunyakaza, kuyimizamo yamaqembu yokuzwa amanzi ngobhoko, indaba ingokhetho lonyaka ozayo.

Scroll To Top