U“Go Man Go” ubona uZwane esengawuvikela umsebenzi wakhe
Yize ephumelele ngamagoli amabili eqandeni ngempelasonto kuRoyal AM umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur “10111” Zwane, kodwa akakaphumi ebumnyameni njengoba lokhu kunqoba kuqhamuke emuva kwemidlalo emithathu ilandelana ephikwa yimiphumela.
Udlula ngehubo kuRoyal AM nje ubesequnjwe phansi ngamavukane iSekhukhune United. Kuthe kusabatshazwa lokho athelwa ngehlazo lika 4-0 ngaMaZulu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Akugcinanga lapho. Nangeledlule aphinde abawukudla kwenduku eshaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0.
Inkakha yeChiefs uMarks Maponyane ophethe irekhodi lokuhlohla inqwaba yamagoli kuleli qembu utshele elaboHlanga ukuthi uZwane angavikela umsebenzi wakhe kuMakhosi ngokuthola imiphumela.
“Ibhizinisi lebhola yibhizinisi elehlukile kunamanye amabhizinisi. Ukube ngelinye ibhizinisi ngabe abaphathi babanesineke sokuyekela ibhizinisi likhule ngamaphutha kungakhathalele ukuthi kuzolithatha isikhathi esingakanani ukuthi lisimame noma lenze inzuzo ngoba akujahiwe. Ngebhadi-ke ibhizinisi lebhola alihambi kanjalo. Inkinga ngebhizinisi lebhola yibhizinisi elifaka abantu (abalandeli) yize kungelakho wena mninilo. Ingcindezi iqhamuka lapho-ke.
“Yingakho nje amaqembu egcina ephoqeleka ukuthi ahlukane noma axoshe abaqeqeshi. Hhayi ngoba asuke engasabafuni kodwa asuke ephoqwa yingcindezi eqhamuka kubantu okuyibona abenza iqembu futhi abaletha abaxhasi. Ukuze agweme isiphithiphithi amaqembu agcina ephoqeleka ukuthi ahlukane nabaqeqeshi,” kulandisa uMaponyane.
UZwane umenyezelwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi weqembu ngasekupheleni kwesizini edlule. IChiefs ihlukane noStuart Baxter obecija leli qembu. UZwane ubambe izintambo kwaze kwaphela isizini. Kuthe ngemuva kwalokho wagixabezwa ngenkontileka yeminyaka emithathu.
“Imiphumela iyona egcina ixosha umqeqeshi. Kwenzekile kuFrank Lampard ku-Everton nakuChelsea. Bambekezelele kakhulu kodwa ngenxa yokugqoza kwemiphumela la maqembu amabili agcina emkhulula. Uyamkhumbula uRafael Bernitez owayecija iLiverpool? Naye kwaba ngesifanayo. Njengamanje uBrandon Rodgers ubhekene nengcindezi efanayo kuLeicester City. UZwane kumele agweme lesi simo ngokuthola imiphumela. Iqembu kubanzima ukuvikela umqeqeshi ophikwa yimiphumela,” kuqhuba uMaponyane.