Ukondliwa kwengane kumele kubengumthwalo wabazali bobabili


Nina boHlanga siyayibona ukuthi lengosi yethu isuse izinkulumo ezinthinta imizwa yethu impela, ngoba abesilisa bona bazibona bese nengcindezi uma sikhuluma ukuthi abazali bobabili banamalungelo enganeni. Kanti abesifazane bona bazibona bethwele ijoka bodwa, ngoba obaba bezingane bengafuni ukudlala indima efanele ezinganeni zabo.
Sikubonile ukuphawula kwenu ezinkundleni zokuxhumana nina boHlanga. Abanye baphawule ngokuthi (“akekho nofisa ukusukuma kulungiswe lento yethu” esho abesilisa), “Akulinganwa, uma ingane ihlala kuyise unina akakhiphi mali yesondlo futhi awukho umthetho okuphoqayo lokho”.
“Uma ubuka zingaki izingane ezingenabo obaba noma omama abakhulisa ingane ngaphandle koyise. Lapho ngiyaphika owesifazane uthwele kanzima. Omunye uthole ukuthi ukhona uhlala nabo uzidakelwa utshwala nje nazo zivele yonke into ziyicele kumama ngisho ubaba ekhona”.
Ingabe ukukhuliswa nokondliwa kwengane kungumthwalo kabani?
Siyabuka sibona omkhulu kanye nomalume sebedlala indima enkulu ezinganeni zethu kodwa oyise bazo bekhona bedla amabele. Sithule siyabuka nalapho abesilisa besebudlelwaneni nowesifazane onengane, esethweswa ijoka lokondla leyo ngane ebekhona njalo uyise wayo futhi mhlawumbe ephila nakancono.
Uzibuze ukuthi uma uyise wengane ekwazi ukugqoka kahle, ehlezi ehamba nabangani ezindaweni zobumnandi futhi ekhombisa ukuthi yena unempilo encono ezinkundleni zokuxhumana.
Ugcine uxakeke uzibuze ukuthi ngabe uke azibuze yini ukuthi ingane yakhe iyambatha kodwa la ikhona.
Uthini umthetho mayelana nesondlo?
Ngokomthetho ukondla kuyisibopho sokunakekela omunye umuntu, isibonelo: ingane kumele ihlinzekwe ngezidingo ezifanele: ukudla, izimpahla zokugqoka, umpheme wokuhlala.
Umsebenzi osemthethweni wokondla ukuthi bobabili abazali bengane kufanele bathathe umthwalo wokuqinisekisa ukuthi ingane ithola izidingongqambi.
Abazali abakwazi ukwenqaba ukukhokha isondlo sengane. Ingane inelungelo eliphelele nelingephikiswe ukuthi ithole ukondliwa okufanele kubazali bobabili, ingabe izaleke ngaphakathi noma ngaphandle komshado kodwa ilungelo layo limile.
Umthethosisekelo wethu ukubeka ngokusobala ukuthi siyalingana ngaphambi kwengalo yomthetho, okusho ukuthi kusemahlombe ethu ukuthi sisukume sibambisane singabazali kwizidingo zengane. Akulona iqiniso ukuthi awukho umthetho ophoqayo ukuthi uma ingane ihlala noyise ukuthi unina angakhiphi lutho.
Umthetho Wesondlo noWezingane ukubeka ngokusobala ukuthi umzali, hhayi ukuthi ubaba kumele ondle ingane. Iphutha ukuthi nina boHlanga abantu besilisa abanalo ulwazi olugcwele futhi bayesaba ukuhamba izinkantolo befake isicelo sesondlo. Futhi bakubona kuyichilo abantu besilisa ukufaka isicelo sesondlo komama bezingane.
Yebo, baningi omama bezingane abakhulisa izingane ngaphandle koyise kodwa akufanele kube njalo futhi kuyadumaza ukuzwa ukuthi kukhona abazali abahlala ndawonye abasebenzayo bobabili kodwa ubaba wezingane uzidakelwa utshwala kugcine nazo izingane zithi mama kuyo yonke into ngisho ubaba ekhona.
Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi umzali ohlala nengane kugcina kunguye obhekelela kakhulu izidingongqambi zengane. Kuphambene nomthetho ukungondliwa kwengane, futhi kuyicala phambi kukaNkulunkulu nezidalwa ukungondliwa kwengane.
Sithule siyabuka nalapho omama benzingane besebenzisa umthetho ngendlela engafanele belwa izimpi zabo ngokondliwa kwezingane. Uthole ingane isifunda esikoleni esiphezu kwamandla kababa lapho uthole ukuthi unezinye izingane nazo ekumele zondliwe futhi ziphathwe ngendlela efanayo.
Nalapho umama behola iqolo futhi esebenza nomsebenzi omholela imali efana nekababa kodwa ufuna akhiphe imali ephindaphindiwe.
Kuyicala elibomvu legazi ukunqaba ukondla ingane uma inkantolo isikhiphe umyalelo. Inkantolo ingakugweba unyaka ubhadla ejele.
Sinawo Umethetho Sisekelo, Umthetho weSondlo, Umthetho wezingane okufanele sibuke kuwo ngokusebenza kwawo ukuze sithole iziphendulo ezifanele zalemibuzo esizibuza yona nsuku zonke ikakhulukazi ilungelo lengane, amalungelo nezibopho zabazali.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.