Ayonanga ngalutho iNingizimu Afrika



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Sekuyinsakavukela kuhle komchilo wesidwaba ukuthi oHulumeni bamazwe anobudlelwano ikakhulukazi obufaka ezokuphepha babenezinhlelo ezimisiwe lapho ezempi ziqeqeshana ndawonye.
Izinhlelo ezinjengalezi zingathathwa njengoku ‘ngcweka’, lapho ezempi ezinobudlelwane ‘zizwane amandla’, zicobelelane ngolwazi ezinalo, ziphinde zicijisane ngamaqhinga athile okuhola nokudidiyela impi. Uma lokhu kwenziwa amazwe aye avumelane ngokuthi iyiphi ingxenye yezempi noma ibutho elizoba kulesivivinyo, kungaba yibutho elicijelwe ukulwa olwandle noma elezindiza.
Ukuqokwa nokuvumelana ngebutho eliba yingxenye yalokhu ‘kungcweka’ kuncika ekutheni yini lamazwe womabili noma womathathu ayibona ibalulekile kumaqhingasu ezempi angayicosha noma yiliphi ibutho layo elingazuza uma lizozivocavoca nozakwabo bakwelinye izwe. Inhlosongqangi yalezinhlelo phezu kokuqinisa nokudlondlobalisa ubudlelwane, kusuke kungukucija ibutho lalelozwe. Ngamafuphi, lezinhlelo akumele zidonse amehlo noma zigxekwe ngamanye amazwe nohulumeni ngoba ziyinto eyenzeka njalo.
Le ngqikithi ingezinye yezizathu ezenza kwexwaywe ukuthi kungani sekuqhamuke amazwi nemibono eminingi egxeka iNingizimu Afrika ngesenzo sokubamba isivivinyo – nesibizwa nge-Exercise MOSI namabutho ezempi aseChina kanye neRussia, esibanjelwe kude maduze nechweba iRichards Bay.
I-Exercise MOSI eqale ziyi-17 kwephezulu nezothatha izinsuku ezi-10 akuyona eyokuqala phakathi kwala mazwe, ngoba phambilini ngowezi 2019 ku Lwezi abamba uhlelo olunjena. Okuphawulekayo ngukuthi ngalowo nyaka akekho noyedwa owathi vu ngalesenzo ngoba sasithathwa njengenhlalayenza phakathi kwamazwe ehlukene.
Kodwa, nonyaka abakhalazayo ngalolu hlelo baphakamisa elithi, iNingizimu Afrika igeja umdodi ngokuzibandakanya futhi izisondeze kumazwe anjenge China kanye ne Russia ikakhulukazi. Kuthiwa ukungenela lolu hlelo nezwe elinjengeRussia kukhombisa ukungayishayi ndiva eyamalungelo kanye nobudlelwane obunobulungiswa phakathi kwamazwe ngenxa yesenzo seRussia sokuhlasela elinye izwe, okuyi-Ukraine.
Ukube kuphilwa esikhathini nasemhlabeni lapho kunobulungiswa kubudlelwane bamazwe omhlaba lezikhalazo ngabe ziyezwakala. Kepha kumele zibhekiswe le ngoba zikhombisa ukujula kobuxoki kulabo abazibona bengoSolwazi nabahlazayi bezepolitiki yezomhlaba kanye nokuba mbaxambili kwabaholi namazwe aseNyakatho.
Ngowezi-2022, iNingizimu Afrika kanye ne-United States of America (USA) babamba uhlelo olufanayo olwabizwa nge-Exercise Shared Accord nalo olwaba echwebeni iRichards Bay. Kwakungekona okokuqala lamazwe enza lokhu ngoba ngowezi-2011, 2013, kanye nowe-2017 abanalo lolu hlelo.
Ngaleyo minyaka, ikakhulukazi ngowezi 2013 asikhumbuli imingaka imilomo ethi iNingizimu Afrika yenze iphutha ngokuzilolonga nezwe elifana ne-USA okuyizwe elaba yingxenye yamazwe ayiphaka eLibya kungenasidingo. Nanamuhla lesinyathelo se-USA namazwe aseNyakatho sokuqumba phansi umbuso kaGhadafi singumnyombo wezingqinamba ezingakaxazululeki kuze kube yimanje eLibya.
Singaphinde sibale ukuthi ngowezi-2011, i-USA yahlasela elase-Iraq nalapho yalutha umhlaba wonke jikekelele ngokuthi uHulumeni kaSaddam Hussein unezikhali ezingoshayabhuqe okumele zitholakale. Kwaphela iminyaka ibambene bephuzulu kodwa ayibuyanga nazikhali, kunalokho izakhamuzi zase-Iraq zisathwele ubunzima ngenxa yalesi sinqumo. Noma kunjalo, inkukhu yayinqunywe umlomo kulaba abakhalazayo namhlanje.
Kukhulunywa nje ngenyanga edlule kuphothulwe indumezulu yesivivinyo sezempi phakathi kwe-USA namazwe ase-Afrika evile kwali-10 asenkabeni nasentshonalanga yezwekazi. Le ndumezulu nebizwa nge Obangame Express yasungulwa ngowezi-2011 okuwunyaka i-USA eyagila lomhlola eIraq.
Ngesikhathi se-Obangame Express abengekho lamazwi akhalazayo okuphoqa ukuthi kubuzwe imibuzo efana nokuthi, yimaphi lamazwe okubonakala kuncono ukuthi awase-Afrika ahambisane nawo, nganjani okumele awalahle? Zizathu zini ezidala ukuthi kuthiwe kunamazwe aseNyakatho ‘aziphethe kancono’ kunamanye? Kwenza mehluko muni, noma ikuphi inkinga uma izwe elithile likhetha ukuba nobudlelwane nawo wonke amazwe akhona? Yini lena engaka okuthiwa amazwe anjengeNingizimu Afrika azoyizuza uma eziqhelelanisa ne Russia, kanye neChina?
Ephinde ixake ngeyokuthi kunamazwe aseNyakatho ayequmba phansi oHulumeni bakwamanye amazwi ehlasela amanye ephindelela kungenasidingo, kepha kungabi ndaba zalutho, futhi kungashiwo ukuthi amazwe ase Afrika awangabi nobudlelwane nalawo aseNyakatho athintekayo kulemikhuba.
Phezu kwakho konke kumele kugcizelelwe kubagxeki be Exercise MOSI ukuthi amazwe ase-Afrika kudala ayilwela lenkululeko ngakho njengamanye amazwe omhlaba anelungelo elingenakuphikiswa lokuthi akhe futhi aqinise ubudlelwane nanoma yiliphi izwe. Okokugcina nokungeke kubalekelwe ukuthi kumazwe omhlaba ikakhuluzi aseNyakatho – ngisho iRussia – alikho izwe elincono kunelinye kweyobudlelwane ne Afrika, inhloso yinye ukuzuza ngomnotho osezwenikazi.
Ngakho ke, asingakhohliswa ngokuthi kuthiwe khona esizolahlekelwa yikho uma seseka amazwe athize, noma khona inzuzo ephindaphindiwe uma sichema nathile.
UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika