Now Reading
Ungangena obishini ngecala lokubamba inkunzi nokubulala
Dark Light

Ungangena obishini ngecala lokubamba inkunzi nokubulala

Ukugebenga kuchazwa njengokuthatha impahla yomuntu ngokungemthetho ngodlame noma ngokusabisa ngodlame. Kulamasonto edlule sibone ukwanda okukhulu kokubanjwa  kwemoto yemali muva nje futhi ikakhulukazi endaweni yaseThekwini, kunezigameko zokugetshengwa kwezimoto zemali ezingaphezu kwezi-3 ezenzeke esontweni elilodwa. Ukugetshengwa kwezimoto zemali ngalolu hlobo nangezinga eliphezulu kuyethusa. 

Mhla ziyisi-6 kuMfumfu, abasolwa abane abasolwa ngokuba yizigebengu, babulawa ngamaphoyisa ngesikhathi kunokudubulana. Amaphoyisa athi la madoda amane kukholakala ukuthi yiwo abeyingxenye yezigameko zakamuva zokubanjwa kwezimoto zemali. Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi la madoda abecashe emzini othile KwaMashu okuthe uma amaphoyisa efika kulo muzi abantu abebephakathi badubula bebhekise kuwo okuholele ekutheni amaphoyisa abuyisele ngezulu lezandla kanti abasolwa balimala kabi. Amaphoyisa athole inqwaba yeziqhumane endaweni yesigameko, kanye nezibhamu.  Kuphinde kwashiswa  imoto yemali ku-N2 phakathi kwaKwaMashu noNandi Drive kwalandela nolunye uchungechunge lezigameko.

Ukuphanga ngalendlela kunomthelela omkhulu  emphakathini ngoba udala isimo sokwesaba nokungavikeleki, okuholela ekhuhlumezekweni ikhakhulukazi ngokwenqondo. Amabhizinisi alahlekelwe yimali, okuholela ekulahlekelweni yimisebenzi kanye nokwehla komnotho ezindaweni ezithintekile. Ukuphazamiseka kokuphila kwansuku zonke futhi kunciphise inkululeko yabantu yokuhamba. Iqiniso elibuhlungu wukuthi amaphoyisa ewodwa awakwazi ukunqoba ukulwa nobugebengu.. Kubaluleke kakhulu ukuthi wonke umuntu kumele adlale indima ekulweni nobugebengu. 

Udaba lokuthi namaphoyisa ngezinye izikhathi ayabandakanyeka kulezi zigameko zobugebengu, kwenza izinto zibe zimbi kakhulu. iCash-In-Transit Association of South Africa (CITSA) ikuvezile ukuthi ikhathazeke kakhulu ngokwanda okukhulu kokuphangwa kwezimoto zemali ezweni lonke. kunezinkulumo eziningi ezahlukene mayelana nokuphanga izimoto zemali, abanye bathi amasela azama ukunakekela imindeni kanti abanye bathi kumayelana nje nokuthola imali esheshayo futhi elula, kanti abanye bathi ubugebengu nje qha. Ngokuvamile, lezi zigebengu aziboshwa ngoba zivikelwe ngamalungu omphakathi azuza ngemali ngobugebengu. Okunye okukhathaza kakhulu udlame olusetshenziswa ngabenzi bobubi ngesikhathi kuphangwa izimoto zemali. Abenzi bobubi basebenzise izibhamu neziqhumane ezisezingeni eliphezulu ngesikhathi beqhuba lokhu kuhlasela. 

Uma kwenziwa ukuphanga, indawo yesigameko inhlonzwa njengendawo yobugebengu. Abantu ababonakala beyocosha  imali endaweni  yobugebengu, baphazamisa ubufakazi futhi lokho kuyicala. Labo bantu bangabhekana namacala amakhulu obugengu. Abagcini nje ngokudonsela amanzi ngomsele ngalokho kepha bafakha nezimphilo zabo encupeni. kunemiphumela emibi yobugebengu engaholela ekugwetshweni . Izikhulu ezimbili zamaphoyisa eBloemfontein zalahlekelwa umsebenzi lapho kusolwa khona ukuthi zithole imali elinganiselwa ku-R4 000-00 endaweni yobugebengu zayicosha zazigcinela yona. 

Izindawo zobugebengu zokuphanga izimoto zemali zivame ukuba yingozi kakhulu, ikakhulukazi lapho kusetshenziswa iziqhumane. Akekho ongaqinisekisa ukuthi zonke iziqhumane zaqhuma ngesikhathi kwenziwa ukuphanga. 

Iziqhumane zingaqhuma phambi kwabantu abalanda imali. Imiphakathi kumele igweme ukungena ezindaweni zobugebengu ngoba nayo ibe yingxenye yobugebengu uqobo. Isikhulu esiphezulu seFidelity ServicesGroup uWahl Bartmann unikeze imibono ebalulekile yokuphepha, abantu abangayisebenzisa lapho bebona ukuphanga imoto yemali. Lezi ezinye zezeluleko zokuphepha okufanele zilandelwe: 

-Ungaphumi emotweni yakho njengoba ungadubulekha,  Zama ukushiya indawo yesigameko uma kungenzeka. 

-Ungalokothi usondele kubaphangi njengoba behlomile futhi bayingozi.  

-Gwema noma yiluphi uhlobo lwamehlo noma ukuxhumana ngokomzimba nabaphangi.  ungayicishi imoto yakho uma kwenzeka udinga ukubalekela isehlakalo. 

See Also

-Qaphela kakhulu lapho uzama ukuqopha isehlakalo.

-Kungenza ngokungaqondile ube yisisulu.  Uma ungekho emotweni yakho, gcina ibanga elikhulu phakathi kwakho nabenzi bobubi.

-Uma abaphangi beqhumisa ibhomu ku-ATM, kusebenza imithetho efanayo. Lala phansi ukuze ugweme ukudubulekha uma kukhona ukudubula. Kunamacala amaningi abaphangi abangabekwa wona uma sebebanjwe.

Isikhathi esiningi kufa abantu ngesikhathi kuphangwa . Izigebengu kungenzeka zibhekane namacala afana nawokubulala , ukutholakala
nezibhamu nezinhlamvu ezingenalayisense futhi ezingavunyelwe, ukuthumba,
ukuphanga nokweba ukusho nje ezimbalwa.

Lenkulumo akusona iselulekho ngezimithetho kodwa ulwazi olujwayekile, abafundi balenkulumo bayagququzelwa
ukuthi baxhumane nabammeli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top