Ichilo i-ANC ivela njengabakhapheli baboHlanga ngenxa yezingqoko
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Mtaka.jpg?fit=80%2C80&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2022/06/Main-slider-3-scaled.jpg?fit=1600%2C753&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Mtaka.jpg?fit=156%2C156&ssl=1)
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Kabashongo lutho Amadlegwavuma ezenzela.
- Uphakamisa ukuba kuguqulwe isimiso sezwe
Njengoba kusuke kunjalo manxa umuntu egula kakhulu kepha abakwabo besahleli ethembeni. Kube njalo nangesikhathi izinkulungwane zabakuleli zilinde ukuphuma kombiko wokugcina weKhomishana eholwa nguMehluleli uZondo nebibheka izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Cishe wonke umuntu ngenxa yokulandela izethulo ukuthi nembala kukhona okungahambi kahle, ukuthi idliwe imali. Nokho phezu kwalokho bekukhona ithemba ekutheni isimo singebe sibi kangakho. Lawo mathemba ashabalele ngesikhathi kuvela umbiko wonke nobubhekwe kusizindalwebu sehhovisi lika mengameli.
Endlalela ukwethulwa ngokusemthethweni kombiko uRamaphosa ukhulume amagama atusa umsebenzi osuwenziwe.
“Emibikweni ehlukahlukene ekhishwe yikhomishini, sibe nokuqonda kahle ukuthi kwenzakalani, ubani owayethinteka, nokuthi ukugwamandwa kwamandla ombuso kwaba namthelela muni ezweni lethu, emnothweni nasemphakathini ngobubanzi,” kusho uRamaphosa.
Nokho kuthe sekukivuthondaba sekuphuma umbiko kwaba ngokunye. Bekuya ngokuthi umuntu uwuqalephi kepha abaningi baqale lapho umbiko uthinta khona uMengameli wezwe uRamaphosa neqembu elibusayo. Bekukhona ukuphikisana ezweni ukuthi engabe umbiko uyothini ngoRamaphosa njengoba vele kade washo ngoZuma nowamkhomba njengobhongoza ekugwamandweni kwamandla ombuso esebenzisana namalungu omndeni wakwaGupta. Ukuba khona kwenjolozela kuRamaphosa kube yikho ukuthi usesihlalweni njengomengameli wezwe neqembu ngakho ukuba abalwe nenkohlakalo kungaba nomthelela . Amaqembu aphikisayo abesevele ethe lo mbiko kanganikwa ngoba naye unindekile ngakho wonke amehlo abethe njo ekutheni umbiko kaMthiyane wona uthini.
Embikweni wakhe uZondo kananazanga ukukhomba ibatha kuRamaphosa yize lomholi ayenze isethulo esizama ukumbeka njengowazama konke ukunqanda inkohlakalo. Umbiko uthe ngoRamaphosa
“Uveza ukuthi wayezoxoshwa ukube wayezama ukuphikisana nokwakwenzeka. Lokhu kuphawula kwakhe kwacutshungulwa kabanzi. Kungenzeka ukuthi wayekholwa ukuthi owabe enguMengameli uMnu uJacob Zuma wayengamxosha uRamaphosa njengeSekela lakhe ukuze avikele uhlelo lokugwamandwa kombuso olwabe lungaphansi kwekhala lakhe.
Khona lapho akazange anike incazelo yokuthi kungani ayekholwa ukuthi kwakuzokwenzeka lokho. “Ngabe wazama ukuthatha izinyathelo ngandlelathile ezilwa nenkohlakalo nokugwamandwa kwamandla ombuso, waphikiswa kulokho? Ngabe wababona abanye bebhekana nokuxoshwa ngowayenguMengameli uZuma lapho bephambana khona?”
Umbiko ubuye wathi ngesethulo sikaRamaphosa: “UMengameli uyavuma ngokungananazi ukuthi kwaba khona ukugwamandwa kwamandla ombuso njengento eyayithungiwe yahlelwa. Umbuzo wokuthi kukhona akwaziyo kuseyindida,” kusho umbiko.
Uqhubeke wathi: “Kuyinto engephikiswe ukuthi ukugwamandwa kombuso kwaqhubeka nangesikhathi sekuphethe uMengameli uRamaphosa kodwa “wayekushaya indiva”, kodwa kwaba nomthelela emnothweni wezwe, kuhulumeni, esizweni sonke. Imali yaqhubeka nokushushumbiswa ngezindlela ezingekho emthethweni ezikhungweni ezilawulwa uhulumeni. Uma kubhekwa izimo ezinzima esizothola sikuzo, isinqumo sikaMengameli uRamaphosa sokuqhubeka nokuhola izwe neqembu uKhongolose akuseyona into eqinisekisiwe.
UZondo kagcinanga lapho ngokumsola uRamaphosa njengoba ephawule ukuthi benoZuma kabaphakamisanga munwe ngesikhathi amadlegwavuma edlavuza inhlangano kaloliwe uPrasa. Ubasole ngokuyekelela ibhodi lilwisane lodwa nenkohlakalo, wathi ngisho iqembu elibusayo layekelela.
Iqembu nobuholi odakeni
Usubukwa wonke umbiko kaZondo kukhona okuhlaluke obala okuwukuthi cishe kubo bonke abantu abasolwayo bangamalungu, abaholi beqembu elibusayo. Labo abangewona amalungu kepha banobudlelwano ngandlela thizeni neqembu, ubuholi namalungu kaKhongolose. Into ebilithinta ngqo iqembu kube yisipheko esakhiswa yinkampani iBossasa. Kulolu daba uZondo uthe yize noma loludaba belungale kulokho obekumele kubhekwe yiyo kepha kukhona okukhathazayo okumele kubhekwe. Uthe uRamaphosa uyavuma kusethulo sakhe njengoMengameli weqembu ukuthi iqembu kwakumele ngabe liyazi ngomnikelo wale nkampani, nendlela eziphatha ngayo engabulungiswa futhi ephambana nomthetho ngakho bekumele bangasamukeli lesi sipheko.
“Ukude ephikelela ukuthi wayesebumnyameni ngemali yomnikelo womkhankaso wakhe , kushiya imibuzo eminingi futhi kuyamninda. Kwakungumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi emuva kokutholakala kwale mali isetshenziswa ngendlela futhi kube khona abazoma ngayo ekugcineni bakwazi ukuphendula uma kuvela imibuzo. Ngokuzikhipha kwakhe kulabo abebengamele le mali , wehluleka ukufeza lokho okwabe kulindeleke kuyena. Lokhu kucaca nangokuthi umkhankaso wakhe awugcinanga ngokwamukela imali kubantu nje ababesoleka nasezenzweni zenkohlakalo”, kusho uZondo.
Kuleli sonto izwe nomhlaba wonke jikelele ube nesithombe sokuthi uKhongolose nabaholi bawo kanye namanye amalungu bangobhongoza benkohlakalo nokuthi ngendibilishi nje bathengise izwe kumadlegwavuma. Akukho ukungabaza ukuthi leli kuyoba yiva kanjalo nenxeba amaqembu aphikisayo ayohlale ehlasela ngalo lenhlangano uma kufika odabeni lwenkohlakalo.