Now Reading
Umbengo osinda abosi: Umengulo ngoDBZ Ntuli
Dark Light

Umbengo osinda abosi: Umengulo ngoDBZ Ntuli

Yiyo le insimbi edla ezinye. Nguye lo undabuzekwayo. Nguye lo umbengo osinda abosi. Uma sikhuluma ngababhali abavelele, abanekhono, abalugqozi lugobhoza njengempophoma, sisho uSolwazi Deuteronomy Bhekinkosi Zeblon Ntuli owaziwa ngelika DBZ. Okubaluleke kakhulu ngoMphemba (uNtuli) ukuthi imibhalo yakhe yonke ikhombisa ilukuluku lokugobhozisa okuqhibuka ngaphakathi.  Uma uke wafunda akubhalile kuthi kuphinde.

Amandla akhe okubumba umfanekiso wengqondo ngenxa yobuchule bakhe bokweluka amazwi, ayesabeka ungathi kubhonge ingonyama. Ikhono lakhe lokweneka izigcawu ezithile okwenzeka kuzo lokho asuke ekuxoxa, liyalolozela ungathi uphansi kwesihlahla esimahlamvu ashaziwe omele ukusweswezisa amakhwelo.

Imibhalo yesintu ingaphezulu kwesingakucabanga nokukuchaza. Iqukethe ubutoti, ubunzulu, ingcwenga, inkazimulo, konke okusihaqile. Imibhalo yakhe inomlayezo ophuphuma izinqolobane ezithintekayo nezingathinteki. Kusukela ezinganekwaneni eziwubucikomlomo, eziqukethe inzululwazi yethu nenkolelo yethu endalweni yesintu, kuza emibhalweni yamagagu afana noSolwazi DBZ Ntuli, kunomnotho ongenasiphetho.

Sibusisiwe ukuba neqhawe phakathi kwethu, lifundisile, lasabalalisa iziphiwo zalo ezinqala. Lafundisa e-Unisa, laba nezinsizakufundisa lilolonga amathwasa afisa ukubhala, lakhuthalela izinhlangano ezifana noSiba, inhlangano yababhali, leluleka ngisho osanqikaza ukuqala,  kwagcina sekuphume izinkakha nezinkalimeva.

Isintu siyabadinga abanje,  benza ongekufundele kuphela, kodwa okudinga futhi ube nogcobo lwakho uma kuzophetha ngaleli zinga eliphezulu kangaka esilibabaza ngumbhali wezincwadi  zamanoveli, zezinkondlo, zemidlalo yomoya neshashalazi, zezindaba ezimfishane, ama-eseyi nezolimi. Ezinye zezihloko zezincwadi azibhalile, nezinye ezinamaqoqo azihlelembile yilezi:

  1962 – UBheka, Shuter and Shooter

  1970 – Ngiyoze Ngimthole, Educum

   1970 – Imicibisholo, Shuter and shooter

   1971 – Indandatho yesethembiso, Educum

  1978 – The Poetry of B.W Vilakazi, ePitoli: Van Schaik

  1978 – Uthingo lweNkosazana, Educum Publisher: eGoli

  1980 – Ugqozi 1, Van Schaik: ePitol

  1985 – Ngamafuphi: Izindaba Ezimfushane, De Jager-Haum Publishers: ePitoli

  1987 – Umtshingo, KwaZulu Booksellers: eThekwini

  1987 – Ingcamu, Shuter and Shooter

  1988 – Woza Nendlebe, Shuter and Shooter: uMgungundlovu

  1990 – Isicamelo: Izindaba Ezimfushane, Reac Out Publsihers: uMgungundlovu

  1991 – Lalela-ke: Imidlalo yomsakazo, Reach Out Publishers: uMgungundlovu

  1992 – Indoni Yamanzi, Shuter and Shooter: uMgungundlovu

  1994 – Isibhakabhaka, Actua Press: ePitoli

  1996 – Amandl’ Esambane, Y Press: eThekwini

   1997 – Impilo Ingcono, Kagiso Media: ePitoli

See Also

  1998 – Yekanini Ukuzenza, Kwela Books: eKapa

  2000 – Imilando yakwaZulu, UNISA Press: ePitoli

  2001 – Izinyembezi Zothando, Shutre and Shooter: uMgungundlovu

  2002 – Imibhalo ka D.B.Z Ntuli: Incwadi yokubonga, Shuter and Shooter: uMgungundlovu

  2002 – Ugqozi olumaphiko, Shuter and Shooter: uMgungundlovu

  2003 – Amadlelo aluhlaza, Shuter and Shooter: ePitoli

  2003 – Amaseko, Heinemann Publsihers (pty) ltd

  2006 – Ngingusosobala Mbatha, Shuter and Shooter, uMgungundlovu

Uma sizokwazi ukutakula ubuthina echibini elisicwilise umkhono nesiphanga ekungazethembeni nasekwetheleni kwabanye, masifundise imibhalo efana neyoSolwazi DBZ Ntuli.

nguSolwazi u Otty Nxumalo


ISigqiki yingosi yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakheni eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.

Scroll To Top