Now Reading
Uphenyo lwenza besule belakanyana kwaPrasa
Dark Light

Uphenyo lwenza besule belakanyana kwaPrasa

UNgqongqoshe wezokuThutha uMnu uFikile Mbalula useveze ukuthi abasebenzi abayi-1 159 kwa-PRASA basule emsebenzini kulandela isimemezelo sohlelo lokuqinisekisa abasebenzi okuhloswe ngalo ukuhlonza abasebenzi abayizipoki enkampanini yezitimela kahulumeni.

UMbalula uthi uphenyo lokuqala luveze izigameko zokwebiwa kwemininingwane, ukuhanjiswa kweziqu zomgunyathi, kanye nabasebenzi abanamacala abucayi.

UMbalula uthi kongiwe izigidi ezingama-R200 selokhu kwaqalwa uhlelo luka, “Ziveze” ezinyangeni eziyishumi ezedlule. Uthi okutholakele kukhomba ukuwa kwabaphathi enkampanini yezitimela zabagibeli.

“Uphenyo luphethe ngokuthi umnyombo walokhu okutholakele wukuqoshwa kwedatha okungalungile yolwazi lwabasebenzi, okuholela engomeni yolwazi yabasebenzi eyonakele, ubuthakathaka ohlelweni lwe-ICT lwe-PRASA, ubuthakathaka endaweni yokulawula yangaphakathi ye-PRASA. Ukwenziwa kwalo msebenzi kuthonywe izinselelo eziningi ezidinge ukungenelela okwengeziwe, nokuzibandakanya kwezinye izinhlaka zombuso. Lokhu kubalwa nokungazweli kwabasebenzi abanezigxivizo zeminwe kanye nokuqinisekiswa kwezithombe zikamazisi kuphakamise amafulegi abomvu,” uMbalula.

Uthe kuzokwenziwa uphenyo kwa-PRASA. Uthi ukungenelela kuzobandakanya ukufakwa kwezigxivizo zeminwe zedijithali kanye nohlelo lokuqinisekisa umazisi wezithombe ngosizo loMnyango Wezasekhaya.

See Also

“Ukuphothulwa kwalo msebenzi kuzokwenza i-PRASA imise imiholo yalabo abahlatshwe umkhosi. Ukufakwa kwedijithali kwamafayela namadokhumenti asekelayo, ukuhlanzwa kwesizindalwazi sabasebenzi, abasebenzi abahambise iziqu zomgunyathi bazonikezwa izincwadi zokuzichaza emahoreni angama-48 kusukela ngoMsombuluko, uma kungenjalo bazothathelwa izinyathelo ezinqala ngokuhambisana nemiyalelo esebenzayo. Amacala obugebengu azovulelwa labo abenze ukukhwabanisa,” kwengeza uMbalula.

UMbalula umemezele ukuthi i-Chief Financial Officer kanye neNhloko ye-Information Communication Technology kwa-PRASA nabo bamisiwe emsebenzini.

Scroll To Top