Ngale kokuba liciko, ungubufakazi bokuthi abesifazane bangaphatha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umculo lo uwuyele esikoleni wafunda wagogoda iminyaka eyisishiyagalolunye emazweni aphesheya
Inkulumompikiswano ethi ngabe abesifazane sebekulungele yini ukuphatha izinhlaka ezimqoka ezweni seyifike yedlula. Ubufakazi obuphambi kwethu sonke buthi, yebo bangaphatha futhi benze kangcono. Kwezobuciko nje igama likaNks uLinda Tembe, uMaBukhosini limi njengobufakazi baleli qiniso.
UMaBukhosini, ungumphathi wesikhungo esiphezulu sezobuciko kweleNdlovukazi uMthaniya, iPlayhouse Company. Ngamava akhe okuphatha kadingi ukude encengelwa ngoba amabhuku alesi sikhungo akhomba ukuthi selokhu aqala ukuba nguMqondisi waso indlela yokuphathwa kwezimali zaso yaqonda thwi nento okwakuyinkinga enkulu phambilini.
Umculo lo uwuyele esikoleni njengoba ewufundele iminyaka eyisishiyagalolunye kanti eyisithupha yayo uyenze eJulliard School, eNew York ngemva kokugixabezwa ngomfundaze. Akafundelanga nje kuphela umculo kodwa wafunda nangebhizinisi eliphathelene nokuphathwa kwawo umculo nezobuciko. Lokhu kumenza abe ngomunye wabesifazane abavelele ekuphatheni izikhungo eziphezulu kuleli nento ethanda ukuba yindlala.
Yize aziwa cishe kuwo wonke amagumbi amane omhlaba kepha kuye kuyaziphumela nje manxa ekhuluma ukuthi yena izingxabo zakhe zilapha ya ezintabeni zosizi eChesterville okungelinye lamalokishi amadala eThekwini nelaba yikhaya kubaholi abafana nentatheli uNat Nakasa nabanye. Leli lokishi nalawo eliwakhele lamchoma uphaphe legwalagwala ngesikhathi limnika isitifiketi sokumbonga iMkhumbane Award nokuyinto eyaba nkulu kuye nakumalungu omphakathi ayeziqhenya ngomunye wawo.
Elandisa ElaboHlanga uthi ukhule ewuthanda kakhulu umculo kodwa ngenxa yokuthi wawungafundiswa ngokuyikho ezikoleni zaboHlanga waphoqeleka ukuzitholela umqeqeshi kathisha womlungu nowamsiza kakhulu ekulolongekeni kwezwi lakhe njengeLyric Soprano. Ikhono lakhe limenze (yena nomyeni wakhe okulo mkhakha) baba ngaboHlanga bokuqala ukuba ngaphansi kwenkampani enkulu yomculo we-ophera lapha eNingizimu Afrika.
Lena yingane kagogo njengoba egcizelela ekutheni ebudeni bendlela akazange awakhohlwe amazwi kagogo wakhe lapho njalo ayegcizelela khona ukuthi uma ufuna ukuba sezingeni elilodwa nabamhlophe kumele ufunde, ukwazi ukukhuluma ulimi lwabo kodwa ungakhohlwa izimpande zakho nalapho uqhamuka khona nokuthi ungubani!
Ngephimbo lakhe usehambele amazwe amaningi njengomculi okubalwa kuwo iBrazil, i-America, iGermany, iMalaysia namanye. Kanti useke waculela izikhulu eziphezulu emhlabeni okubalwa ababengoMengameli uDokotela uNelson Mandela, noThabo Mbeki, uKofi Anan (owayengunobhala-jikelele we-United Nations odabuka eGhana), uNdlovukazi yamaNgisi kanye noSobaba uDesmond Tutu ukukha phezulu!
Njengomqondisi weThe Playhouse Company wafika nezinguquko ezithuthukise izinhlelo eziningi zaso okubalwa iSouth African Women’s Arts Festival, iNews Stages Festival, iSchools Programme, Isicathamiya, Ingoma kanye nezinye. Uma uzwa kuthiwa ucula iophera ungalenzi iphutha lokucabanga ukuthi kafiki kulona wesintu, mbuze ngomsebenzi kaPhuzekhemisi, iMahhotela Queens nabanye abacula owesintu akazogcina ngokutshela ngabo kepha uzokuculela.
- ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast. Ushicilelo lokuqala lube zingama-24 kuNhlangulana 2022.