Now Reading
UMantashe uvikela uRamaphosa kwabamgxekayo ngokuhluleka
Dark Light

UMantashe uvikela uRamaphosa kwabamgxekayo ngokuhluleka

Usihlalo kuzwelonke we-African National Congress (ANC), uMnu uGwede Mantashe, ukhwele wadilika kulabo ababengabaholi baleli qembu abebegxeka lowo ophethe uMnu uCyril Ramaphosa. UMantashe ubekhuluma eceleni komkhankaso iLetsema eCarletonville, eNtshonalanga yeGauteng.

Esigamekweni sakamuva, owayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, usole uRamaphosa ngokuthatha isikhundla sikaMengameli we-ANC ngokungekho emthethweni.

Ekhuluma esiFundeni se-OR Tambo eThekwini, uZuma uthe uRamaphosa uvumile ukuthi engqungqutheleni yaseNASCREC wathenga amavoti ngemali elinganiselwa ezigidini ezingama-R300 million ngowezi-2017.

Ngenyanga edlule, uZuma wathi lowo owangena esikhundleni sakhe wayenenkohlakalo futhi kufanele abhekane namacala okuvukela umbuso. Izifundazwe eziningi okubalwa kuzo iKwaZulu-Natal, iNorth West, neLimpopo zazigxejka izenzo zalabo ababe ngoMengameli bezwe lapho begxeka khona Umengameli uRamaphosa esidlangalaleni. “Noma yibuphi ubuholi baphambilini obugxeka abalandela esikhundleni sabo, kimina abenzi kahle, isiqalo sami leso. Uma usesikhundleni sobuholi awuphumeleli obala ugxeke lowo ozongena esikhundleni sakho noma owandulelayo ngoba uyakwazi ukufinyelela kubona,” kusho uMantashe.

Ukuphawula kwakamuva kwelungu leNEC, uLindiwe Sisulu, kuthole ukugxekwa ngabaholi abaphezulu ku-ANC. UMantashe uphinde wagxeka isenzo selungu leNEC uNksz Lindiwe Sisulu sokuthi uRamaphosa ahoxe njengoba kusaphenywa mayelana nezinsolo zokwebiwa kwezigidi zamadollar aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala eminyakeni emibili edlule.

URamaphosa ukuchithile ukuthi wenza iphutha njengoba ethi ubugebengu abubikwanga emaphoyiseni.

UMantashe uthe ukugxekwa esidlangalaleni komholi ophezulu we-ANC kuyisenzo sokungaziphathi kahle. “Ukungaziphathi kahle, awukutholi ku-ANC. Indlela okhuliswe ngayo iyonquma isiyalo sakho nezinga lakho lokuziphatha. Manje uma uphuthelwa okuthile kulokho kukhuliswa, uzokwenza amaphutha kwezombusazwe, lokho akudingekile. Owami umbono uthi asikho isidingo sokuthi udelele umholi ohamba naye obala uma uthola ithuba lokukhuluma naye ubuso nobuso. Ngakho-ke kimina, bonke laba bantu abathuka uMengameli basuke bekwenza ngenxa yokuqembukelana  uma kuyiwa engqungqutheleni. Kufanele bakuyeke lokho. Kufanele babhekane naye uma becabanga ukuthi kukhona okungahambi kahle.”

See Also

Khonamanjalo, uMantashe uthi iminyaka ayibalulekile ekunqumeni umholi ngaphakathi eqenjini. Lokhu kwenzeka naphezu kokukhula kwekhwelo lokuthi kube nengxubevange ebuholini bukazwelonke beqembu.

UMantashe ubheke ukugcina isikhundla sakhe njengoSihlalo wenhlangano endala yenkululeko yezwekazi. Abanye abagaqele lesi sikhundla ngowayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, uDavid Masondo kanye noSihlalo wamanje waseLimpopo, uStan Mathabatha – ophakanyiswe yiKwaZulu-Natal.

UMantashe uthi abangenele ukhetho kumele bahlolwe ngamagalelo abangawenza eqenjini.

Scroll To Top