Isikhathuliwe indima enkulu ngamalungiselelo engqungquthela



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amagatsha kaKhongolose angaphezu kwama-80% abambe ngempumelelo imihlangano yamagatsha ukulungiselela ingqungquthela kazwelonke yamashumi amahlanu nanhlanu ngenyanga ezothwasa. Izinhlaka ezingaphansi kwaleli qembu seziphakamisile abazobeseka ezikhundleni zobuholi.
Uphiko lwabesifazane luhoxise uDkt uNkosazana Dlamini-Zuma esikhundleni sokuba ngumengameli we-ANC laseka onguMengameli uCyril Ramaphosa, kwathi uphiko lwentsha lwaphakamisa uDkt uZweli Mkhize. Uphiko lomakadebona be-ANC nalo luthathe isinqumo sokuhamba nomengameli uRamaphosa.
Iqiniso elingephikiswa ngelithi isikhathi siyahamba, sekusondele umhla zili-16 kuZibandlela, lapho i-ANC izobamba khona iNgqungquthela kazwelonke. UMengameli ophethe i-ANC uMnu uRamaphosa ubukeka ethandwa kakhulu kuze kube manje, njengoba kusamenyezelwa amagama abantu abaqokiwe kodwa usuku isikhathi eside kwipolitiki ngakho izinto zisengashintsha.
Okusele manje sekusekomitini lokhetho ukuze lihlanganise zonke iziphakamiso kanye nokuthi imiKhandlu-jikelele yesiFundazwe imemezele ukuthi izifundazwe eziyisishiyagalolunye ziphakamisa ukuseka bani kwinkomfa. URamaphosa kubukeka esekwa yizifundazwe eziyisi-8, iWomen’s League kanye neVeterans League kanti iANC KwaZulu-Natala nophiko lwentsha lweseka uMkhize. Okhulumela iNational Youth Task Team ( NYTT) uSizophila Mkhize uthe, “Siphakamise uDkt Zweli Mkhize kwesobuMengameli, uPaul Mashatile njengePhini likaMengameli, uFikile Mbalula njengoNobhala, umama uNomvula Mokonyane njengePhini likaNobhala bese kuba uPule Mabe njengoMgcinimafa Jikelele.”