Now Reading
Umalamulela woSuthu: Insizwa yaselokishini ephakamise isihlangu
Dark Light

Umalamulela woSuthu: Insizwa yaselokishini ephakamise isihlangu

Ekhuluma eminyakeni eyedlule emcimbini wokuklomelisa abadlali boSuthu, uDkt u-Irvin Khoza egqoke ikapisi lokuba nguSihlalo wePremier Soccer League waphimisa amagama ayengalindelekile. UKhoza wathi iqembu ‘AMazulu  asekwa kakhulu eNingizimu Afrika nokumele ngabe lisesicongweni’.  Yize lamagama ayethabisa inhliziyo kubalandeli nakubaphathi beqembu, wayekusho nje lokhu uMkhathini leli qembu labe liwuteku njengoba lalehlulwa njalo. 

Nonyaka uSuthu, inyoka eluhlazana umabonwa abulawe  olwasungulwa ngonyaka we-1932 lugubha iminyaka engama-90. Lokhu kwenzeka lapho isithunzi salo kanye nomdlalo walo usezingeni eliphezulu. Kukho konke lokhu kutuswa insizwa yaselokishini uMlaza eThekwini, uMnu uSandile Zungu ngokukwazi ukutakula uSuthu walibeka endaweni ‘oluyifanele’. Kusasa lokhu okusayo uSuthu luzobe lubhekene neKaizer Chiefs emdlalweni wendebe nokuyinto ezoMbelebele ekade zayigcina.

Akuyona imfihlo ukuthi ngesikathi esondela ukuzophatha leli qembu uZungu waba luteku kwabanye, ebukwa njengosomabhizinisi ozochitha nje imali yakhe emkhunjini ozikayo. Kukho konke lokhu lensizwa ayimanga ukuthatha isitini nesitini yakhe umuzi oyoba yikhaya lawo wonke umuntu  kusifundazwe. Okusobala ngalo njiniyela ogabe ngeziqu zeBSc (Mechanical Engineering) wukuthi ikhono nolwazi lwakhe lwebhizinisini akagcinanga ngokulihabula esikoleni njengoba eneqhuzu leMasters in Business Administration (MBA) wabuye wenza izifundo ngaphansi kweProgram for Global Leadership ngaphansi kweHavard Business School eMelika. Iminyaka uZungu ube ngumholi wenhlangano yosomabhizinisi boHlanga kuleli iBlack Business Council.

Indlela elusa ngayo uSuthu yehlukile kwabanye osihlalo. Kwezokuxhumana nsukuzaphuma uManzini uyatholakala nayilapho ekukhulumeni noma ekubhaleni kwakhe alisali iqembu. Usuke azisa abalandeli ngokwenzakalayo abuye atuse abadlali nabaqeqeshi. Muva nje uhole umkhankaso lapho abekhomoza khona abalandeli nabathandi boSuthu ukuthi bavotele ukuba iqembu libe yingxenye yomqhudelwane iCarling Black Label nokube wumkhankaso obe yimpumelelo. Okunye aphumelele ukukwenza kuleminyaka ethathile wukusabalalisa ukwesekwa kweqembu kubantu abaqhamuka emikhakheni eyehlukene, kusuka kuMakhosi, abaholi bezenkolo, osopolitiki, amaciko nabantu emphakathini. Ngenxa yalomkhankaso nje uwodwa  uphawu (ijezi)  laMazulu lusohliwni lwalawo agqokwa nathandwa kakhulu ngabalandeli.

Kazifihli izinhloso zakhe ngeqembu njengoba ekusho obala ukuthi ufuna izindebe. “Ngifuna indebe kule sizini. Ngiyazi ukuthi akuyona into esobala ukuthi Amazulu azothola indele, kodwa kumele sidlalele ukunqoba imidlalo yethu, ngaleyo ndlela siyoyinqoba indebe. Ngifuna ukuqeda kule sizini ngiqhwakele esicongweni okanye ngisendaweni yesibili noma yesithathu, ukuze ngikwazi ukumela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni iCaf Champions League noma iConfederation Cup.

See Also

Elinye iphupho analo uManzini elokugubha iminyaka elikhulu iqembu leli lingabanqobi kuleli nase-Afrika. Indlela izinto ezihamba ngayo lokhu kubukeka kungenzeka ngoba uManzini usiphakamisile isihlangu soSuthu njengoba selingancintisana nayinoma yiliphi iqembu kuleli.  Ukuphakama kwesihlangu soSuthu sekwenze kwadala amahloni ukuthi ungowaKwaZulu-Natal ungalweseki uSuthu, abanye nje lapha phandle sebekusho kugcwale umlomo ukuthi bona banamaqembu amabili onguma-AMazulu nelinye ke laseGoli.

ISigqiki yingosi yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakheni eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.

Scroll To Top