Now Reading
IBanyana Banyana ethubeni lokugeza ihlazo uma isibhekene ne-Australia
Dark Light

IBanyana Banyana ethubeni lokugeza ihlazo uma isibhekene ne-Australia

Isekela mqeqeshi leBanyana Banyana uThinasonke Mbuli,uthi yize bewaqale kabi amalungiselelo omdlalo wabo wakusasa kodwa bazokwazi ukwenza kangcono kunjengoba benza bebhekene neBrazil emasontweni edlule.

Yehlulwa ngamagoli amathathu eqandeni, yaphinde yahlulwa ngayisithupha eqandeni ihlulwa yiyo iBrazil emdlalweni eyabe ilapha eNingizimu Afrika.

Kusasa izotholana phezulu ne-Australia kowobungani emdalweni eKingsmeadown Stadium, eLondon ligamenxe elokuqala.

“Siyazi ukuthi asenzanga kahle sibhekene neBrazil, okuhle ukuthi siyayiqonda imbangela eyenza sangenza kahle. Okokuqala senza amaphutha amaningi angena sidingo, iqiniso ukuthi uma wenza iphutha ubhekene nabantu abanamava benza isiqiniseko sokuthi bayakujezisa. Okunye okwasibulala ukuyeka amathuba, nakhona uma ubhekene nabantu abangaphezulu kwakho ithuba olitholayo kumele ulisebenzise noma kuthiwa lincane kangakanani. Lokho thina kwasihlula, kodwa kulokhu ngikholwa ukuthi sizokwenza kahle” usho kanje.

Iqembu lihlangane ekhempini ngoMsombuluko, kodwa bekuhlangene abadlali abadlala kuligi yalapha eNingizimu Afrika. Libe selifulathela elakuleli ngoLwesibili, libhekise amabombo eLondon.

Lo mqeqeshi owazalelwa eMkhondo, uthe ukholelwa ukuthi kusamele sande isabalo sabadlali abagijima phesheya kwezilwandle abaqhamuka kuleli ukuze bezokwazi ukuncintisana namazwe abala namakhulu emhlabeni.

“Abadlali ebesinabo sidlala i-Awcon abadlala phesheya bebeli-11, kwabangama-23 ngibona kungesona isibalo esanele leso. Okwenza ngisho njalo iNigeria ibineqembu labadlali abadlala phesheya bonke, yini engasihlula nathi lapha eNingizimu Afrika ngoba sinalo ithalente” kusho uThinasonke.

Ngomhla zingama-22 kwephezulu kuzoqhathwa amaqembu azoyibamba kwiNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eNew Zealand ngokubambisana ne-Australia.

“Kuzosisiza kakhulu ukuqhathwa kamazwe kusasele izinyanga eziyi-8, khani sizokwazi ukuthi sizobhekana nobani sibahlelele kusenesikhathi. Ngeke sadalula ukuthi sifisa ukubhekana namaphi amazwe, ngoba wonke amaqembu azobe ekweyoMhlaba ngoba esebenzile njengathi, lizobe lingekho iqembu elilula” kusho lo mqeqeshi. Uphinde wancoma ukukhuphuka kwezinga lokuncintisana kwiHollywoodbets Super League.

“Kumaqembu amahlanu aphezulu, kunzima ukuqagula ukuthi iliphi elizohlula elinye ukuncintisana kuphezulu kakhulu nokuyinto enhle. Ngesizini ezayo kongijabulisa ukubona amaqembu ali-12 kuthiwa, impela asembangweni weligi. Kungabi khona iqembu elizozinqobela iligi kalula. Lokho kobe yenye yezinto ezokwandisa isibalo sabadlali phesheya” kusonga uThinasonke.

See Also

Selilonke iqembu  liqokwe kanje:

Onozinti: Andile Dlamini, Regirl Ngobeni, Dineo Magagula

Izitobha: Thato Letsoso, Fikile Magama, Tiiesetso Makhubela, Lonathemba Mhlongo, Cynthia Makete, Bambanani Mbane, Bongeka Gamede

Esiswini: Cimone Sauls, Refiloe Jane, Sibulele Holweni, Linda Motlhalo, Thalea Smidt, Robyn Moodaly, Amogelang Motau

Abagadli: Nthabiseng Majiya, Thubelihle Shamase, Gabriela Salgado, Jermaine Seoposenwe, Melinda Kgadiete, Hilda Magaia

Scroll To Top