Now Reading
Okuzibophile kuyoziqaqa: IDemocratic Alliance emlenzeni wokugcina?
Dark Light

Okuzibophile kuyoziqaqa: IDemocratic Alliance emlenzeni wokugcina?

Kuvamile ukuthi osolwazi nabacwaningi kuleli bathole imibuzo evela kwabezindaba mayelana nesimo seqembu elibusayo. Umbuzo ovame ukubuzwa ngothi ngabe leli qembu nelisuke likakwe izinkinga ngaleso sikhathi lisazovuka yini noma lingahle lishabalale. Impendulo uma ulandela ukwesekwa kwalo okhethweni ivame ukugeja. Bambalwa kwabezindaba ababuza ukuthi ngabe sinjani noma singahle sibe njani isimo seqembu elikhulu kwaphikisayo kuleli iDemocratic Alliance (DA). Lo mbuzo awusakwazi ukugwemeka ngisho nakuwo amalungu eqembu  njengoba kubukeka izinto zimapeketwane. 

Ukuhamba kwakamuva komunye wezinsika zeqembu KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango nokulandele emuva kokuba leli qembu lilahlekelwe nguMasipala omkhulu eGauteng kwenze injolozela yaba nkulu. Ukuvela kwezindaba zokuthi namanye amadolobha amakhulu angase ahambe kudale imibuzo ekutheni kungani lokhu kwenzeka manje. Kulokhu zimbili izimpendulo nemibono.

Owokuqala nokhulunywa kakhulu ngubuholi obuphezulu beqembu ngothi lokhu kokuthi balahlekelwe yimikhandlu kungenxa yobugovu bukaKhongolose osunede wabona ukuthi izinsiza (imali) ayisekho njengoba wehlulwa nje okhethweni wabe usuqala imikhuba. Lemi khuba kuthiwa ngeyokuhlanganisa umbimbi lwamaqembu amancane ukuze kugingwe iDA kubo bonke omasipala.  

Nokho omunye umbono ngothi iDA  kumele izinuke amakhwapha ngoba kunjenje kungenxa yezinqumo zayo. Kulokhu nje kwaseGoli wonke amaqembu amancane asola ubuholi beDA ngokudelela amaqembu amancane nokube yisizathu sawo ekujeziseni leli qembu. 

Igama elide livela kumaqembu amancane ngelikaNks uZille nabamsola ngokugxambukela nokho naye uyazibuyisa izinduku. Ebuzwa ngalokhu uthe: “Akulona iqiniso. Akuwona wonke amaqembu abekhomba ngenjolozela iDA. Labo abebenesifiso sokuxoxisana ngokwakha umbimbi nezivumelwano, emuva kwezinyanga eziyisikhombisa kwasayinwa isivumelwano, phakathi kwezinkinga ezinkulu ezikhungethe uhulumeni wethu, baqome ukwenza iDA ihawu. Lokhu nje kuyihawu lokufihla izinkinga okube yizona zona, kusho uNks uZille.

Uqhube wathi: “Iqiniso ukuthi isivumelwano sokusebenzisana esithathe izinyanga sidingidwa singabekwa eceleni kalula kusolwe noma yiliphi iqembu uma labo abenza lokhu kubavumela okusho ukuthi  asikho isidingo sokuba kuze kusayinwe ngoba lokho akusho lutho. Lokhu kuchaza ukuthi eGoli, uma uKhongolose unxenxa ngendlela ezokhanga iPA, angeke ingabaze ukwamukela leso sicelo”.

UZille ukuchithile okushiwoyo ngokuthi iqembu lakhe ligcwele indelelo lokhu elikhombise ngesikhathi lingafuni ukudedela isikhundla sikaSomlomo wathi, “Abantu baqala ukusebenzisa amaganyana uma sebefike kwangqingetshe”.

“Akukho nokuncane ukuba nekhanda eliqinile ekutheni abantu babambelele kulokho abaxoxisene ngakho baphinde bavumelana ngakho.”

AboHlanga baphuma amanxiwa

See Also

Enye inkinga leli qembu okubukeka libhekene nayo wukuqhela kwabaholi boHlanga okuthi bangaqhele bese beshiya ukukhuluma okwakha isithombe sokuthi basunduziwe. Phakathi kwabaholi abanohlonze abashiye iDA kukhona igama likaNks uLindiwe Mazibuko, uNks uMbali Ntuli, uMnu uMusi Maimane, uMnu Herman Mashaba, uNks uPatricia de Lille, uMnu uJohn Moodley, uMnu Makashule Gana, namanye emazingeni aphansi obuholi.

Okusobala wukuthi laba baholi boHlanga baphuma nje basuke benganeme  njengoba cishe bonke balandelana baye eqenjini thizeni.  UMashaba ekhuluma kuleli sonto kakufihlanga ukuthi balinde inqwaba yamalungu eDA abelungu naboHlanga. “Iqiniso lithi ezinyangeni ezizayo baningi esizobamukela nabavela kuDA. Bonke siyobamukela ngezandla ezimhlophe”.  Yize uMcwango engakasho ukuthi uyaphi kepha amahlebezi nabhebhethekiswa yiyo iDA athi uya kwelikaMashaba nayilapho eyokonyeliswa khona ngesokuhola iKwaZulu-Natal.

Kwenzeka konke lokhu sekusele izinyanga nje kube nokhetho lukazwelonke nayilapho amaqembu amancane kubukeka ezoba mqoka uma inhloso kuwukuginga uKhongolose.  Umbuzo uthi ngabe uZille usazoqhubeka yini nombono wakhe othi amaqembu amancane kawathi shu njengoba asho ngowezi-2014 lapho acashunwa ethi:  “Umyalezo wethu kubantu ubusobala:  Ungalilahli ivoti lakho emaqenjini amancane. Esikhundleni salokho votela amaqembu akhulayo futhi anomlando obambekayo okuphatha.”  Leli kubukeka kungaba yifindo okuyoba lukhuni ukuliqaqa ngowe-2024 uma amaqembu amancane sekuyiwo adingekayo ukwakha uhulumeni njengoba kwenzekile kohulumeni bendawo.

Izinkomba zithi lamaqembu amancane angeke abe yinkinga eqenjini elibusayo kepha angayigudlula ne DA ekubeni ngelinamandla kwaphikisayo.

Scroll To Top