Now Reading
Ngubani ozoginqelwa kwinkomfa phakathi kukaMkhize noRamaphosa?
Dark Light

Ngubani ozoginqelwa kwinkomfa phakathi kukaMkhize noRamaphosa?


Umbuzo uthi ngabe abeSIU namaHawks bazoba nesibindi yini sokubabopha ingakafiki inkomfa


Kuvamile emdlaweni kanobhutshuzwayo ukuthi uma kunamaqembu amabili alindeleke ukuba azodlala, kuthi uma elinye lingafika bese liya‘ginqelwa’ okusho ukuthi amaphuzu alo anikwa leli elifikile enkundleni. Namuhla kwipolitiki yaseNingizimu Afrika kubonakala kungahle kwenzeke esifanayo njengoba izinkunzi ezimbili ezilindeleke ukuba zingenele ukhetho lobuholi beqembu ziya kwinkomfa kunokukhuluma okusalayo. 

 Laba baholi nguMnu uRamaphosa ongumengameli wezwe neqembu kanye noDkt uMkhize obengungqongoqshe noyilungu lesigungu esiphezulu seqembu. Bobabili bangaphansi kophenyo nokulindeleke ukuba maduze nje kuphume izinqumo ezinqala. UDkt uMkhize uphenywa ngabeSpecial Investigating Unit (SIU) eholwa ngu-Advocate u-Andy Mothibi.  

UMumbo usolwa ngokuba yingxenye yenkohlakalo nokukhwabanisa okuthinta inkampani yezokuxhumana iDigital Vibes.  Sekuphele unyaka abeSIU bebeke izinsolo ngoDkt uMkhize kepha kungekho okwenziwayo. Muva nje abameli bakaMkhize bakhalile ngalokhu encwadini ebithunyelwe abeSIU. 

 “Lokhu kuqinisekiswa amaqiniso nje asobala ukuthi sekuphele unyaka, iSIU yehlulekile ukuveza imiqingo eyeseka lokhu okwatholwa ngoDkt uMkhize. Ithimba lethu labameli likuqaphele ukuthi imininingwane yamarekhodi yayingaphelele, okusho ukuthi eminye imininingwane eyayibalulekile, futhi kuyiyo enibeke amathemba kuyo yocwaningo lwenu yayingekho kumarekhodi.

“Lokhu kumayelana nesinqumo seKhabhinethi lapho nathola khona uDkt uMkhize ukuthi akahambisanga kahle,” wephula uMthethosisekelo noMthetho iPublic Finance Management Act. 

“Yize kunjalo kuze kube yimanje, iSIU iyehluleka ukunikezela ngalobu bufakazi obumqoka kangaka. Lokhu sekuholele ekutheni kube nokubambezeleka kwalolu daba okukhinyabeza lona esimumele,” kusho incwadi yabameli bakaMkhize. 

Utwayi lukaRamaphosa

Ngakolunye uhlangothi uRamaphosa uhlaselwe wutwayi asabathe uyalunwaya luyavumbuka okuyisigameko esenzeka epulazini lakhe iPhala Phala. Esigamekweni sokweba esenzeka kuleli pulazi kube sekuqhamuka obunye ‘ubugebengu’ nobuthinta ukwephulwa kwemithetho ekhuluma ngokushintshisana kwemali yakwamanye amazwe.  

Akugcini lapho kepha sekukhona nezinkulumo ezithi lemali yabe ingaqhamuki ekudayisweni kwezilwane njengoba uRamaphosa ubesho kepha sekuvela nezinsolo zokuthi empeleni yabe ishushunjisiwe yaze yangena kuleli. Kulokho amaHawks ayaphenya futhi kulindeleke ukuba njengakuMkhize akhiphe isinqumo noma imiphumela yophenyo.  Ephawula ngoNcwaba ophethe amaHawks uJenene uGodfrey Lebeya wathi ngePhala Phala: “Udaba lwasePhala Phala lusaphenywa. INhloko Yezobunhloli akuyena kuphela umuntu osenze isitatimende ngalokhu. Sekuthathwe izitatimende ezingama-41.

 Okungabanga ingcindezi kubaphenyi yikuthi lamadoda womabili aseqokwe zinhlanka zeqembu ukuba angenele ukhetho ngoZibandlela. Kanti futhi womabili azongenela isikhundla esifanayo sikamengameli weqembu. Lokhu kusho ukuthi uma amaHawks noma abeSIU bephakamisa olokuba kuboshwe umuntu lokho kuyobe sekudunga ipolitiki yeqembu ngoba kuyosho ukuthi ongenele noma abangenele ukhetho kuyomele bahoxe njengoba inqubo yeqembu isho ukuthi osehlatshwe yiva lamacala kuzomele ahoxe. 

See Also

Abalandeli bakaMkhize naye qobo kade bakuveza ukuthi lezi zinsolo ezibhekiswe kuye yimizamo nje yokumbopha inqina ukuze ehluleke ukungenela ukhetho lobuholi eqenjini nokuyizinsolo izinhlaka eziphenyayo ezizichithayo.  

Umlando uyaziphinda 

Lokhu okwenzeka manje kusondela kulokho okwenzeka ngonyaka wezi-2007 ngesikhathi abeNational Prosecuting Authority (NPA) kumele bathathe isinqumo.  Ngaloyo nyaka udaba lwalungo Mnu uZuma nowayezongenela ukhetho lwesikhundla sikamengameli  ePolokwane encintisana noMbeki. Kwakulindeleke ukuba zimudle uZuma kepha kwase kuba nongabazane. Ngokusho kwaloyo owayephethe i-NPA ngaloyo nyaka u-Advocate uBulelelani Ngcuka waba nomuzwa wokuthi ukubopha uZuma ngonyaka wokhetho kwakungase kudale isibhicongo ezweni.  UNgcuka wakuvuma ukuthi weluleka ngokuthi kwakuyoba liphutha ukubopha uZuma ngezinsuku zenkomfa. “Ngikholwa ukuthi kwakuyokwakha isithombe nenkolelo yokuthi iNPA yayizama ukuvimbela ukuba uZuma aqokelwe esikhundleni sokuhola uKhongolose, okwakuzobonakala njengokwehlisa ukwethenjwa kweNPA ngumphakathi waseNingizimu Afrika,” kusho uNgcuka.   

Namuhla amaHawks, iNPA nabeSIU basesimweni uNgcuka ayekuso, ukuthi bazombopha uMkhize noma uRamaphosa sekusondele ukhetho lweqembu noma bazothalalisa nje luze lwedlule. Ekwenzeni njalo kukhona okungahle kubethuse ngoba abantu bazokubona lokho njengobufakazi bokuthi ezobulungiswa kuleli zinemizwa namehlo. Kanti uma begcina ngokuthi kababophi muntu nalapho kuzothiwa kabenzi lutho nje ngenxa yengcindezi, abanye baze basho ukuthi sekwenzelwa ‘ukuthi uRamaphosa angahlazeki’.  

Isimo izwe neqembu ababhekene naso ngesokuthi kuphakathi kokuthi zombili izinkuzi zizofika enkundleni noma kukhona ezoginqelwa.

Scroll To Top