SONKE SIYIZINGANE, NALEZO EZIDALWE ZEHLUKA


Ukwenza kwethu namagama esiwasebenzisayo enza kube sengathi kukhona okonakele ngokudalwa wehlukile
Bahlobo bami namuhla ngifisa sikhulume ngento emqoka. Ungakafundi nje bengocela usondeze nabadala ukuze uma kuba nemibuzo usheshe uphenduleke. Futhi bengicela loludaba uqinisekise ukuthi nothisha nabanye abafundi bayaluzwa, ungabafundela noma ubenzele amakhophi ukuze bonke bafunde.
Lolu daba engikhuluma ngalo namuhla lulandela into engizwise ubuhlungu engiyibone ngesikhathi ngisesikhumulweni sezindiza eGoli. Njengoba kujwayelekile bebebaningi abantu kwazise bekuqala impelasonto namaholide esikole.
Kuthe lapho sisalindile kwaqhamuka umzali wesifazane obehamba nengane. Ingane lena bekusobala ukuthi idalwe ngendlela eyahlukile. Umama ubeyiqhuba ngenqola yamasondo kanti yona emzimbeni ibingenazo izingalo. Uma lengane yomfana uyibheka ibisikhulile ngeminyaka kepha ithambo layo beliyenza ibukeke njengengane esencane.
Okufike kwangithatha kakhulu ngale ngane yindlela amehlo aye abetshengisa injabulo ngayo. Ibimamatheka izidlalela nje. Nokho okungiphathe kabi yindlela abanye abantu abadala nabancane abebeyibuka ngayo, bebodwa abaveza ukuyihawukela kukhona nabebeveza ukuyexwaya.
Lokhu kungikhumbuze ngakithi ukuthi nakhona sinazo izingane ezincane, ezingangathi nezikhulile ezidalwe ngendlela eyehlukile.
Ngakithi bakhona ngenxa yokwakhiwa ngendlela eyehlukile abahamba ngenqola enamasondo, izinduku, abanye kababoni emehlweni futhi bakhona nabangakwazi ukukhuluma. Bakhona nabangakhuli ngethambo, abadala ngeminyaka kepha bebafushane ngethambo.
Amagama angalungile
Umgani wami nje unebala elikhanyayo kunelami umama owathi uyingane yofuzo wathi lawa amanye ayinhlamba afana nelithi uyisishawa noma uyinkawu ngingalisho.
Nawe ngiyakucela ungawasebenzisi ngoba akukho okwahlukile ngaye nangabo bonke laba abanye engikhulume ngabo ngenhla. Umehluko wukuthi imvelo isenze sangafana okuyinto engeyimbi nokumele siyibungaze.
Elinye igama umama angifundise ngalo nathi kumqoka ukuthi ngazi umsuka walo yileli elithi ‘umuntu uyisidalwa’.
Uthe lehlukile kunaleli elithi ‘umuntu ukhubazekile’. Umama uthe endule aboHlanga babamukela ingane edalwe ngokwahlukile njengesipho esivela kuMdali sedluliswa ngabangasekho balapha ekhaya. Babethi lengane kumele ihlonishwe, ingabandlululwa ngoba iyisidalwa esiyisipho soMdali. Umama uthi leli lokukhubazeka labe selisetshenziswa ngabantu abahumusha isingisi besuka kuleli lika disability nathe kalilungile.
Uthe alilungile ngoba odalwe ngendlela eyahlukile uMdali umenze wakwazi ukwenza izinto ngendlela eyahlukile. Ngakho ukuma ekutheni ukhubazekile kusho ukuthi kakwazi kwenza lutho ngempela nje.
Sonke siyizingane
Umama wagcizelela ukuthi sonke phambi koMdali, amadlozi naye siyizingane ayikho okungathiwa kayilutho noma kayinto yalutho. Izingane ezidalwe zehluka aziyona inkinga futhi azinankinga. Yebo zingangahamba njengathi, zikhulume njengathi noma zibe zinde njengathi kepha lokho akusho ukuthi ziyinkinga.
Ngokufundiswa ngumama ngiyazi ukuthi ingane ngayinye ingumuntu ohlukile, ngiyazi ukuthi lokho kumele ngikubungaze njalo. Ngakho uma sidlala ngasekhaya, esikoleni nakusonto sikole kumele singazehlukanisi.
Kumqoka ukuthi nase sikoleni njengasekhaya sixoxe ngalolu daba ngoba thina njengezingane siyadinga ukwazi ngokwahluka kwethu nokuthi ndlelani esingaxhumana ngayo futhi samukelane ngayo.
Siyadinga ukufunda ngobuhlakani balabo abadalwe ngendlela eyahlukile phakathi kwethu.
Njengoba befunda ngathi kumele nathi sifunde ngabo. Mina nje ngesonto elizayo ngizobuya kulengosi ngolwazi lokuthi ngingaphila kanjani nomgani wami ongakawazi ukukhuluma? Ngizobuya sengazi ukuthi ngingadlala noma ngikhulume kanjani naye.
Nawe ke ngikugqugquzela ukuthi ufunde okuthile nokusha ngabangani bethi nezihlobo zethu ezidalwe ngokwehlukile ngoba behlukile nje bayakwazi ukwenza nokuzenzela.
- Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com