Iqhawelenkosi: Umtshali wensimi yamaciko



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Uthando lwakhe ngelokishi KwaMashu alubuzwa kwazise usenze okuningi kusuka ekuvunduleni amakhono nokuqala imiklomelo emikhulu
Akukho ukungabaza ukuthi ungumlando nokuthi uzongena emlandweni wakuleli njengomlingani wezingwazi ezifana noGibson Kente, uMbongeni Ngema, uDuma Ndlovu nabanye. INingizimu Afrika inamaciko amaningi nasemikhakheni eyahlukene. Khona lapho kukhona labo ngenxa yemfundo, uthando kanye namava abelusa amaciko asengamathwasa emikhakheni eyahlukene. Omunye walabo nguMnu u-Edmand Qhawelenkosi Mhlongo. UNjomane onguMqondisi nomsunguli wezikhungo iKwaMashu Community Advancement Projects (K-CAP) ne-Ekhaya Multi Arts Centre.
Zombili lezi zinhlaka zinenhloso eyodwa ukuthuthukisa abantu abasha kanye nomphakathi uma kufika kubuciko namaciko. UMhlongo waqhamuka nenqabakutholwa mhla esungula isikhungo sezobuciko kwelinye lamalokishi amadala eThekwini iKwaMashu. Lesi sikhungo sesikhiqize inqwaba yamaciko amanye asezenzele igama emikhakheni eyahlukene. Isikhungo i-Ekhaya siyikhaya lobuciko, amaciko nalapho kubanjelwa khona imihlangano yokucobelelana ngolwazi nemibukiso. Kukhona ingxenye ebizwa nge-Ekhaya Imagination Computer Lab ene-inthanethi, istudiyo sokuqopha, esokudansa, indawo yemidlalo yeshashalazi nezinye. Kanti naye uMhlongo akalona ithwasa njengoba eyikizela zindondo nezincomo. Uneziqu zeBA Hounours azithola kwangqondonkulu e-University of Durban Westiville. Wathi angaqeda lapho wabe esephikelelea kwelamaNgisi eSussex University lapho abuya khona neqhuzu le Masters.
Ungumbhali wemidlalo eyahlukene okungabalwa phakathi kweminye; Amambazo The Musical, Bayede Shaka – The Spear Is Born, One Among Many – Tribute to Chief Luthuli, Just Don’t, IThemba-Tattu (NAF Standing Ovation Award 2012), Madame President, Cry Not Child, Our Voice Our Rights, Alive Kids, Sugar Daddies, Culture Clash, Sponono – The Cursed Love.
Imidlalo yakho inedumela ngisho phesheya kwezilwandle njengoba cishe yonke isike yamenywa emazweni ehlukene njengako – United State of America, Ireland, Denmark nakwezinye izindawo. Amava akhe amfikisa nakuLion King Production lapho ayengomunye wabaqondisi.
Ekuxoxeni nalensizwa kukhona okuqaphelekayo okuyisifiso sakhe sokuchumanisa izwekazi (Afrika) kanye nalabo bakwethu abahamba kuleli ngenxa yobugqila. Lokhu ukuzwa olimini lwakhe kuthi khona lapho ukubone manxa uqaphela izinhlelo aba nazo.
Olunye uhlelo oluqhakambisa izwekazi yilolo olubizwa nge-Africa Motherland Festival nolwenzeka minyaka yonke. Waliqala ngonyaka we 2016 kanti libungaza i-Afrika emiphakathi eyakhelwe yisikhungo sake, kulezi zindawo kukhona Inanda, iNtuzuma, iKwa-Mashu. Yize inkaba yakhe ingaphesheya koThukela eMalimede, indawo iKwaMashu nenza kuyo uMatikuletsheni wakhe sekwaba yikhaya.
Uthando lwakhe ngalendawo yenza ngowezi-2014, wasungula imiklomelo iKwaMashu Achievers Awards onhloso yayo kwabe kuwukuhlonipha abantu abenza kahle emikhakheni ehlukene yempilo, nabadabuka kuleli lokishi. Phakathi kwalabo abaklonyeliswa kwaba nguThembi Mtshali-Jones; uMelusi Yeni; uLeleti Khumalo; uNomzamo Mbatha; uNonkululeko “DJ Le Soul” Mdlalose; ingwazi uMadala Kunene; uKhanyo Maphumulo; umama uBaleka Mbete, noqweqwe lukasopolitiki ubaba uJeff Radebe.
Akukho ukungabaza ukuthi ungumlando nokuthi uzongena emlandweni wakuleli njengomlingani wezingwazi ezifanba noGibson Kente, Mbongeni Ngema , Duma Ndlovu nabanye
- ISigqiki yingosi yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakheni eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.