Now Reading
Umfo kaSombila, impepho exhumanisa abalele nabaphilayo
Dark Light

Umfo kaSombila, impepho exhumanisa abalele nabaphilayo


Ubalula ubumqoka benhlanhla abayithola ngokuba seduze kweSILO esidala bancela umlando ozodlulela kwabanye


Kuleso naleso sizukulwane imvelo ikhiqiza abantu, abesilisa nabesifazane okuzalwa nokuphila kwabo phakathi kwabantu kunesizathu. Omunye wabantu abakulesi sigaba yiNyosi yeSILO uBuzetsheni Mdletshe, umfo kaSombila. Ungowolibo  lwamaqhawe aseMdletsheni angagcinanga nje ngokuhlabana esasoYengweni ngaphansi kweNkosi uDingiswayo kepha aphemba neLembe lesi sizwe namuhla esesihlonishwa umhlaba. Ngaphandle kokuba ngamadelamzimba abakwabo (abakwaMdletshe) endulo  kuze kube yinamuhla nomnikelo omqoka ekulondolozweni komlando ngokubonga aMakhosi asalala nalawo aphilayo.  

INyosi uMdletshe eduze nje ingumzukulu  kaMavukefile iqhawe lenkosi uDinuzulu ezazithi   uma zimbongela zithi: USiphoxi umadela umyalo, madela umuzi kayise,  ubakhwebeza phesheya koThukela. Wathanda izingazi zamadoda kuba kabe uyodlani kwaZulu ngoba kwaZulu akudliwa lutho kudliwa izingazi zamadoda kuphela.   Ikhwapha elagodla umkhonto kwanoThekengele nanamuhla ngikhuluma nawe nje lisawugodlile.  

UMlenze ubovu yombili unojiyela kulala amavaka ekwesaba ukulala ngamanxeba.Umanxeba angamanxuluma anjengomuzi kayise eSkhebeni. UNondela mzimba awunikele abezizwe ngoba wawunikela kwabakwaMandlakazi. Umsikanhloko amagwala esika izinqe, uphiko phala balubangile, balibangule ngezinti zemkhonto yakwaMadlakazi.

Ekhuluma nelaboHlanga uthi uvela emndenini wabantu ababewabonga aMakhosi bengadlali,. “Ubaba ongizalayo umfo kaMavukefile, uSombila wayebonga.  Nobaba omdala uMfulagedu kanye nobaba omcane uNogotshwa babe bonga. Ngikholwa wukuthi lo muzi engivela kuwo wabe wakhiwe nguMvelinqangi ngenhloso yokukhonza kanjalo nokuba ngumbhobho omemela abantu komkhulu, kepha okukhulu okwazi ukuxhumana naMakhosi asalala”.

Ukhulume kabanzi ngobumqoka bokuxhumana naMakhosi nathe kuqinisekisa uzinzo ezweni : “Ukuxhumana neZinyandezulu zesizwe akuwona umdlalo kepha kuwumkhuleko ojulile. Kuwukuxhumanisa imihlaba emibili, owalabo abangasekho phambi kwethu ngokomzimba kanye nalabo abaphilayo. Uma ngikwenza kusuke kungeve kuvela kimi kepha kusuke kuncike kulokho okusuke kudingeka ngaleso sikhathi”

Uqhube wathi okunye okujulile ngokubongela nakuqaphela ngeSILO esidala wukuxhumana kwalokhu yena akwenzayo kanye nalokho ISILO esabe sikusho. “Kwakuthi uma ngibonga isibonelo KwaDukuza noma eNyokeni uma kunemikhosi ngibonge kuthi lapho sengiqedile bese kungena kimi amagama athile engisuke ngiwaphimisa khona ngibonga. Okwakungimangaza wukuthi kuthi uma sengiqedile bese lokhu okungumongo walokhu ebengikusho ngobona kuxhumane nalokho Omdala asuke ekukhuluma nokubhalwe enkulumnweni yakhe”

KuMdletshe iSihlalo siyikho konke. “Mina ngizithatha njengengane yeSihlalo. Konke engiyikho kuncike kuso. Okwaba ngumnikelo womuzi wakwethu kwaba wukuba ngime neSihlalo kumnyama kubovu.  Ngiphile noBhejane nje ngifunde lukhulu ngaye kepha ikakhulukazi nangeSihlalo ayehlale esikhumbuza njalo ukuba amehlo ethu angasuki kuso”, kusho inyosi.

Uthi uzibona ebusisekile ukuthi noma usengaphumula ngokweminyaka noma uma abaDletshe sebembizela kwabo kepha kukhona okuwumnikelo asewushiye ezweni.

See Also

“Ngiyathobeka uma nelami igama likleliswa nezinyosi ezindala ezifana neNyosi uTholudaba Ndlovu owayebongela uMjokana kandaba  uSenzangakhona kaJama. INyosi uMxhamana kaSoshaya Sibisi owayeyiNyosi yeSilo uShaka. iNyosi uMagolwana kaMkhathini Jiyane iNyosi yeSilo uDingana, uMhlangeni Khumalo weNyosi yeSilo uCetshwayo, uSehla kaNdengezi Zungu iNyosi yeSilo uDinuzulu, uHoye kaSoxhakaza Ndlela wayeyiNyosi yeSilo uSolomon (uMaphumzana), uMathambo Gwala wayeyiNyosi yeSilo uBhekuzulu, waqhubeka uMathambo Gwala ekungeneni kweSILO uZwelithini, iNyosi  uNtulizenkosi Dlamini”, kusho uMdletshe.

Uveze ukuthi kukhulu akwenza nomphakathi ekuthuthukiseni ulwazi ngefagugu laboHlanga nathe kungumnikelo wakhe. Uphinde waveza ukuthi kungekudala kuzoba nebhuku elizokhishwa nelizobe likhuluma ngezibongo zaMakhosi nathe unesifiso sokuthi lisatshalaliswe ezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.

“Kumqoka ukuthi inhlanhla esaba nayo yokuba seduze komlando oyiSILO esidala nathi siwedlulisele nakwabanye nabo bawudlulisele nakwabanye. Lokhu kumqoka ngoba abantu abangazi ngabo akulula ukuba bazihloniphe noma bahloniphele bona qobo. Konke engikwenzayo ngikwenza ngoba ngizihlonipha, ngihlonipha neSihlalo”.

Ebuzwa ngobumqoka beSILO esizweni ngokujula uMdletshe wathi:  “Nxa kukhotheme iNgonyama kuye kuthiwe; ‘lishonile ilanga Zulu’. Iyilanga elikhanyisela isizwe, uma lelo langa lisithela kuba mnyama ezweni, izimpisi nezinswelaboya zithola ithuba ziniphange ngapha nangapha. ISILO empilweni yomuntu ongumZulu siyimpilo futhi sisho ukuvikeleka kwesizwe. Empeleni ukuphila kwethu kwakhiwa ukuphila kweSILO esisibusayo, naso ukuphila kwaso kume ekuphileni kwesizwe. Uma singahlala sithukuthele kungaba kubi, kanjalo nesizwe nxa singesihle kuchaza ukungabi sesimweni esihle kwaso. ISILO siphefumula ngabantu nabo baphefumula ngaso.”

  • ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.
Scroll To Top