NAWE DUMBE KAWUMCINYANE
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuliqiniso ukuthi abantu balapha kwamhlaba nje kungesizathu. Esinye siqashelwa umuntu esadla amabele kanti esinye sivunywa ngabasele loyo obephambi kwethu engasekho. Ekuqaleni kwaleli sonto izinkulungwane zabalaleli bomsakazo Ukhozi FM zithole izindaba ezingezinhle zokuthi intatheli, umethuli wezinhlelo, usonkondlo nombhali, uMnu uBongani Mavuso kasekho emhlabeni.
Ubuhlungu obekuphinyiswa yiningi labantu ngelokuthi nembala isitsha esihle kasidleli. Bonke bekhala ngakho ukuthi kulokhu unokufa ukwazile ukuyihlaba esikhonkosini inxeba inkunzi engaboHlanga yaguqa. Ngale nsizwa yaseDumbe eBilanyoni unokufa usenze sabala, saqaphela ukuthi sengathi anonileyo ayaphela esithebeni sempilo.
UMavuso ubengeyena nje owomsakazi kuphela kepha ubeyincithabuchopho. Lokhu kucace bha lapho eminyakeni nje embalwa ekhiqiza imisebenzi abanye ebathatha iminyaka ukuqhamuka nayo. Ukhiqize Izimbali ZeMfolozi, i-Undying Spirit of a Dead Man, Zibuyela Ezimpandeni, iNhlansi, Izintombi ZeNgcugce, neminye.
