OwaseHammarsdale eqenjini leBanyana Banyana elizobhekana neBrazil
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Amava akhe nokudlala emiqhudelwaneni eminingi esezingeni lomhlaba ngezinye zezinto ezenze wabizwa esikwatini esikhulu
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis, umemezele iqembu elizodlala umdlalo wesihle neBrazil. Bekungokokuqala ukuthi uDesiree ahlanganise iqembu kusukela lagcina ukuhlangana linqoba iWomen’s Africa Cup of Nations (AWCN) eMorocco.
Phakathi kwabamenyezelwe kukhona no-Asanda Hadebe, waseHammarsdale. Lo mdlali oneminyaka yobudala eli-18, ekhuluma nelaboHlanga esekhempini uthe uzizwa ejabule kakhulu ukuphinde ebizwe eqenjini lesizwe. Useke wabizwa ekhempini yeBanyana Banyana izikhathi ezinhlanu. Njengoba edlala emuva uzobe ebanga indawo nabadlali abanamava okukhona kubo uKarabo Dhlamini, uJanine van Wyk, uLebohang Ramalepe, uBambanani Mbane, uBongeka Gumede noNomathemba Mhlongo. “Ngiyazi ukuthi abadlali engidlala nabo emuva banamava, kodwa ngingasho ngaphandle kokusaba ukuthi ngikulungele ukulwela indawo yami. Ngethemba ukuthi ngizofunda lukhulu kule khempu njengoba sizobhekana neBrazil, engelinye lamaqembu amakhulu emhlabeni” kusho u-Asanda othe waqala ukudlala unobhutshuzwayo ngonyaka wezi-2014. Kubadlali basemuva kukhona abagijima emaqenjini aphesheya kwezilwandle, kuthi abanye badlale kuligi enkulu kuleli iHollywoodbets Super League. U-Asanda ugijima kuSasol League KwaZulu-Natal eqenjini iSunflower WFC. UNoko Matlou noSibulele Holweni okungabadlali basemuva bashiywe ngaphandle. Ubizwa ekhempini nje u-Asanda ngonyaka wezi-2016 wahamba neqembu lakuleli elaliyodlala umqhudelwano wabaneminyaka engaphansi kweli-15 i-One Nation Cup eyabe iseGermany, ngonyaka wezi-2018 waya eJapan eyodlala wona futhi lo mqhudelwano. Ngonyaka wezi-2017 nangowezi-2019 wayeseqenjini iSunflower WFC eyaba ngompetha beSasol League KwaZulu-Natal.
“Angiyile ukuyovakasha ekhempini, kuzomele ngisebenze kanzima. Muningi umsebenzi ongihlalele, namaphupho engifuna ukuwafeza elinye lawo ukudlala iNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo. Nakanjani ngizobe ngikhona eqenjini elizoya kweyoMhlaba” kusho u-Asanda ochazwa indlela okudlala ngayo uThapelo Morena weMamelodi Sundowns.
Umdlalo weBanyana Banyana nompetha beCopa America (iBrazil) uzokuba namuhla kusihlwa ngelesi-6, eFNB Stadium. Owesibili uzoba emva kwezinsuku ezintathu, enkundleni esazomenyezelwa. U-Asanda njengoba esekhempini kusho ukuthi ngeke akwazi ukusiza iqembu lakhe emdlalweni weligi kule mpelasonto. ISunflower WFC isembangweni wokunqoba iqoqo, njengoba ilingana neNewcastle Ladies ngamaphuzu angama-34. La maqembu asalelwe imidlalo emithathu. ISunflower WFC izodlala neGolden Horse FC kuthi iNewcastle Ladies ibhekane neDUT Midlands. “ISunflower WFC angingabazi ukuthi iyona ezomela iKwaZulu-Natal kweyokuhlungela ukungena kwiHollywoodbets Super League ngesizini ezayo. Okwenza ngibe nethemba ukuthi siyasebenzisana, okuyinto ezosifaka empumelelweni” usho kanje. Selilonke iqembu leBanyana Banyana lithakwe kanje:
- Onozinti: u-Andile Dlamini weSundowns Ladies, uKaylin Swart weJVW noRegirl Ngobeni we-UWC.
- Izitobha: uKarabo Dhlamini we-Oakland University, u-Asanda Hadebe weSunflower WFC, uJanine van Wyk weJVW, uLebohang Ramalepe weDinamo Minsk, uBambanani Mbane weSundowns Ladies, uBongeka Gumede noLonathemba Mhlongo be-UWC.
- Esiswini: uRefiloe Jane weSassoulo, uNomvula Kgaola weTUT, uLinda Motlhalo weDjurgadens, uThalea Smidt weSundowns Ladies, uRobyn Moodaly weJVW, uKholosa Biyana weSporting Dijon, u-Amogelang Motau we-UWC noThubelihle Shamase we-UJ.
- Abagadli: uJermaine Seoposenwe weFC Juarez, uMelinda Kgadiete Sundowns Ladies, uNoxolo Cesane we-UWC, uNthabiseng Majiya weRichmond noHildah Magaia weSejong Sportstoto.