Now Reading
Injabulo, umunyu, nezinyembezi kuComrade Marathon yalo nyaka
Dark Light

Injabulo, umunyu, nezinyembezi kuComrade Marathon yalo nyaka

Nakuba bekungokwesibili egijima iComrade Marathon, uNkosikhona “Pitbull” Mhlakwana uthi kumjabulisile ukufezeka kwephupho lakhe lokubalwa nabasubathi abali-10, kwabaphume phambili kulo mjaho. 

UMhlakwana odabuka Kwamathandubisi, eHowick, uqede endaweni yesithupha ngesikhathi esiwu-05:43.8. Ngonyaka wezi-2019 wawugijima okokuqala unyuka unyuka waphuma endaweni ye-11 ngesikhathi esiwu-05:53. 

“Ngonyaka wezi-2019 ngiya kwiComrades Marathon nganginesifiso sokuthi ngiqede ngesikhathi esingaphansi kwamahora ayi-6, nebala lokho kwenzeka njengoba ngaqeda ngesikhathi esiwu-05:53. Okubuhlungu ukuthi angiqedanga kwabali-10 bokuqala nokwabe kuyisona sifiso sami esikhulu. Kulokhu izifiso zami bezimbili, esokuqala esokuqeda nabali-10 bokuqala ngiphinde ngiqede ngesikhathi esingaphansi kwalesi engaqeda ngaso emjahweni odlule. Ngingasho ngokuzinqhenya ukuthi ngiyathokoza kakhulu ukuthi kulo nyaka ngikwazile ukuthola indondo yegolide. Bekuyisifiso sami sakudala lesi, bekuyinto ekade ngisebenzela yona eminyakeni edlule.” 

Lo msubathi ubethishwe abantu abahlonishwayo kwezokusubatha ukuthi angayinqoba iComrade yalo nyaka. Abanye balabo bantu uWillie Mtolo kanye noXolani Mabhida ongumqeqeshi owayeqeqesha uBongumusa Mthembu ngesikhathi enqoba kulandelana ngonyaka wezi-2017 nangowezi-2018.

“Ukubhekwa kwami ngabantu abaningi njengobengase anqobe kulo nyaka bengingakuboni kungifakela ingcindezi. Esikhundleni salokho bekungikhuthaza ukuthi kukhona abakubonayo ukuthi ngenza kahle. Okunye ukuthi emiqhudelwaneni edlule ngenze kahle kakhulu “ usho kanje.

Ngisho uTete Dijana okunguye onqobe iComrade ushilo ekhuluma nabezindaba ukuthi iMeneja yabasubathi beNedbank Running Club uNick Bester, wayebadonse ngendlebe ukuthi bamqaphe ngelokhozi.

See Also

UMhlakwana oneminyaka yobudala engama-28, kulo nyaka ugijime imiqhudelwano emikhulu njengeTwo Oceans Marathon waphuma endaweni yesibili ngesikhathi esingamahora amathathu nemizuzu eyi-9. IComrade yalo nyaka ibe  neziwombe ezinzima, kwagqama injabulo ukudumala nezinyembezi ngaskupheleni kwayo. Kushone abagijimi ababili. Omunye umgijimi obengeniswe esibhedlela kukubi udedelwe izolo. Akukhona okokuqala kuphuma isidumbu kulo mjaho kodwa lokho akubatheni amandla abagijimi. UMthokozisi Mdunge waseZimbokodweni osegijime amahlandla amahlanu uthe umjaho bawufanisa nempi kulindelekile kube khona abasalayo.

Abesilisa bokuqala: 

  1. uTete Dijana (05:30:38), 
  2. u-Edward Mothibi (05:33:46), 
  3. uMoselakwe Mathailwe (05:36:25), 
  4. uBongumusa Mthembu (05:38:07), 
  5. uJohannes Makgetla (05:41:36), 
  6. uNkosikhona Mhlakwana (05:43:28), 
  7. uJoseph Manyedij (5:44:57), 
  8. uSolly Manduwas (5:46:10), 
  9. uCharles Tijane (5:47:04), 
  10. uLutendo Mapoto (5:47:20).

Abesifazane bokuqala:

  1. U-Alexandra Morozova 06:17.48, 
  2. uDominika Stelmach 06:25.09, 
  3. u-Adele Broodryk 06:26.35, 
  4. Jenna Challenor 06:42.14, 
  5. uGalaletsang Mekgoe 06:42.53, 
  6. uCamille Herron 6:44.29, 
  7. uHelena Joubert 06:55.23, 
  8. uJanine Grundlink 06:59.44, 
  9. u-Annerie Wooding 06:59.55, 
  10. uYolande Maclean 07:00.19
Scroll To Top