Now Reading
Usuleke izinyembezi eqokwa njengomdlali ovelele yize iqembu lehluliwe
Dark Light

Usuleke izinyembezi eqokwa njengomdlali ovelele yize iqembu lehluliwe

UThandolwethu Teme uthi akumuthusanga ukuthi aqokwe njengomdlali ovelele kumqhudelwano kazwelonke iDStv School Netball Challenge. Le ntokazi eneminyaka yobudala eli-16 edabuka eSikhaleni eMpangeni ,yize isikole ebidlala kuso sahlulwa kowamanqamu kodwa wazisula izinyembezi ngokuba iPlayer of the Tournament.  Lo mqhudelwano wabaneminyaka engaphansi kweli-16 wabe ubanjelwe eBoksburg eGoli.

“Ngeke ngaqamba amanga ukuqokwa kwami njengePlayer of the Tournament,  into eyabe ngiyilindele ngoba ngaba nomqhudelwano omuhle kakhulu. Konke okwabe kushiwo umqeqeshi wami ngakwenza kahle. Kubuhlungu ke ukuthi sagcina singabanga ompetha, kodwa ngiyaziqhenya ngesikole sethu ngoba lapha sasidlala namaqembu anabadlali abadlala kumaligi, futhi abanazo zonke izinsiza, thina siyisikole esiqhamuka emakhaya kodwa sakwazi ukufinyelela okawamanqamu” kusho uThandolwethu ofunda eDlamvuzo High School. Waqala ukudlala lo mdlalo eneminyaka yobudala eyi-9, wabe esemela iqembu lesizwe emazingeni aphansi eneminyaka eli-12.

“Njengoba ngidlala eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19, ngizimisele ukuthi ngize ngifike eqenjini elikhulu” kubeka uThandolwethu.

Uthe uyazifela ngokaputeni weqembu lesizwe uBongiwe Msomi, nathi ungumholi futhi uhlezi ekhuthaza intsha ukuthi izinikele kulo mdlalo iwuthande futhi.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noKhulekani Buthelezi ongumqeqeshi weDlamvuzo High School, nalapho ephawule khona ngokuqokwa kukaThandolwethu njengomdlali ovelele.

“UThandolwethu uneminyaka yobudala eli-16, kodwa umqondo wakhe ukhule ngenye indlela. Uma esenkundleni uvele enze izinto ezimangazayo, ikhono lakhe liyamangaza. Okuhle ngaye ukuthi yize ehlezi enconywa, kodwa akaziphakamisi kunalokho uyaqhubeka alalele imyalelo yami asebenze kanzima” kusho uButhelezi.

Lo mqeqeshi uneziqu zikaLevel 1 kwiNational Coaching, uthi isifiso sakhe ukuqeqesha iqembu lesizwe labesilisa. Uthi ubonga uZipho Khumalo okunguye owamkhuthaza ekutheni aqeqeshe.

Eqhuba uthe: “Angingabazi ukuthi uThandolwethu ngelinye ilanga uyoligqoka ijezi leSpar Proteas okuyiqembu elikhulu lesizwe. Umhlaba wonke jikelele usazolibona ikhono lengane eqhamuka endaweni yasemakhaya” usho kanje.

See Also

Ephawula ngokuhlulwa kwabo kwawamanqamu uthe: “Satshengiswa ukuthi ukhakhayi kubadlali bethu aluqinile, okwenza lokho ingoba izikole ebesidlala nazo abadlali bazo badlala kumaligi, thina lento esingenayo. UThandolwethu kuthina uyena kuphela odlala kuligi. Sifuna ukuthi kube khona amaligi amaningi ebhola lomnqakiswano khani lo mdlalo uzothuthuka” usho kanje.

NgoLwesihlanu olwedlule  iSiyabonga Sangweni Foundation igubhe iminyaka eli-10 yasungulwa  ngokuklomelisa izikole ezimbili iDlamvuzo High School neWelabasha High School. IFoundation kaSiyabonga Sangweni owaba yisithobha seLamontville Golden Arrows neBafana Bafana, idlale indima enkulu ekutheni uhambo leDlamvuzo High School lube impumelelo ngokuthi lubaxhase ngokuthize abangafunanga ukukudalula. 

Ngokusho komunye wothisa baseDlamvuzo High, uScelo Qwabe babonga kakhulu iSiyabonga Sangweni Foundation ngokuthi ibaseke ngabe uhambo lwabo lwabhuntsha bangakwazi nanokuthi baphume endaweni yesibili.

“Ngangizixoxela noSangweni ngisho ukuthi sibhekene nenkinga yokuthi, asinayo imali yokuthi sigibele kanye nendawo yokulala. Kwathi lapho sesililahlile ithemba ngezwa ngocingo lakhe, esho ukuthi ikhona indlela abangalekelela ngayo. Kuthe masifika eGoli sazitshela ukuthi impela kumele senze kahle, ukubonga iSiyabonga Sangweni Foundation” kusho uQwabe.

Scroll To Top