Now Reading
Kusho lukhulu ukuqokwa kwami eqenjini: Nomfundo
Dark Light

Kusho lukhulu ukuqokwa kwami eqenjini: Nomfundo

UNomfundo Mngomezulu uyaqhubeka nokutshengisa ukuthi akabizwanga ngephutha eqenjini lesizwe lomnqakiswano iSpar Proteas, elizobe lidlala iNdebe YoMhlaba ngonyaka ozayo. Le ntokazi yaseRichards Bay, iqokwe njenge Best Shooter kumqhudelwano obizwa ngokuthi iSpar National Championship. Kulo mqhudelwano ubedlalela iJohannesburg. “Kungijabulise kakhulu ukunqoba lo mklomelo, ukube bekungabona ozakwethu nabaqeqeshi bengingeke ngiwunqobe. Bebebaningi abadlali abangamaShooter akade bekhona futhi benza kahle, kodwa kwagcine kuqokwa mina. Kusho lukhulu lokhu kumina” kusho uNomfundo.

Abanye abanqobe imiklomelo kulo mqhudelwano ogcine unqotshwe iJohannesburg A, uTarle Marte uqokwe njengePlayer of the Tournament,  uRefiloe Nketsa Best Centre noJeante Strydom Best Defender.  Maphakathi nesonto kwethulwe ngokusemthethweni ibhola okuzodlalwa ngalo ngeNdebe YoMhlaba. Leli bhola libizwe ngokuthi “Khanya”. Ebuzwa ukuthi ngabe lihluke kanjani kwamanye uthe: “Lihluke kakhulu, lisho linemibala yefulegi lalapha eNingizimu Afrika. Futhi lona kuyasho ukuthi lizobe lidlala nomqhudelwano omkhulu” usho kanje. Sekusele isikhathi esingaphansi konyaka ngaphambi kokuthi elakuleli lisingathe iNdebe YoMhlaba, ezokuba mhla zingama-28 KuNtulikazi kuya mhla ziyi-6 kuNcwaba.

“Side isikhathi siqalile ukuzilungiselela iNdebe YoMhlaba  njengoba kusasele isikhathi esingaka sisazoqhubeka namalungiselelo. Kothi kushaya uNtulikazi sobe sesikade sakulungela ukudlala, kumele nakanjani senze kahle kwazise sobe sidlalela ekhaya” kubeka uNomfundo oteketiswa ngokuthi uHlokoloza .NgeSonto elizayo kuzoqala umqhudelwano we-African Cup of Nations, ezokuba sePitoli kusukela mhla zingama-21 kuya mhla zingama-27.

UBongiwe Msomi (ukaputeni weqembu lesizwe) ube yisibonelo kumina kusukela ngimncane, bengifisa ukudlala naye manje ungumqeqeshi wami e-UJ. Akagcini lapho mina naye sesidlala naye eqenjini lesizwe. Leyo into engijabulisa  kakhulu ngalokho, nezenza ngiziqhenye ngami.” kubeka uNomfundo.

See Also

Iqembu leSpar Proteas, elizodlala iNdebe YoMhlaba 

Khanyisa Chawane; Marlize de Bruin; Izette Griesel; Kamogelo Maseko; Tarle Mathe; Tshina Mdau; Nomfundo Mngomezulu; Bongiwe Msomi; Lungile Mthembu; Sesandile Ngubane; Refiloe Nketsa; Lenize Potgieter; Karla Pretorius; Lefébre Rademan; Monique Reyneke; Nicola Smith; Nicholé Taljaard; Elmeré van der Berg; Shadine van der Merwe; Jamie van Wyk; Ine-Marí Venter; Zanele Vimbela; Boitumelo Mahloko; Phumza Maweni

Scroll To Top