Uyinkosazane ekulingiseni nasemsebenzini yesihe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ubonga ukuba abakhiqizi bakubone kumqoka ukuba kube nguye oyisithebe esiphatha amanoni ngempilo yeNdlovukazi uNandi
Ukukhuluma kwabantu lapha phandle kuthi abantu abangosaziwayo noma abadumile bangamasakabula, izinto ezithanda ukubukwa nabantu abazithwele. Lesi sithombe sithatha siguquke uma ukhuluma nentokazi enguphumalangasikothe yaKwaMashu, uNomzamo Mbatha. Okuqaphelekile ngayo wukuthi izinto ayizenzi mawala kunalokho iyabheka ukuthi ekwenzayo kuzowenza uhlonipheke yini umsebenzi wayo noma yona siqu. Ngesikhathi elaboHlanga lihlongoza kuyo ukuthi linezinhlelo zokubheka umsebenzi wale ntokazi kuleli nasemazweni omhlaba kayixhamazelanga kepha ilalelisile inhloso yokwenza njalo nokuthe kungahamba isikhathi yabe isivuma ukuba ibe sesiGqikini. Obekuyisifiso selaboHlanga bekuwukubheka imisebenzi yale ntokazi hhayi kuphela njengomlingisi ohlonishwayo kuleli naphesheya kwezilwandle kepha okukhulu bekuwukubheka imisebenzi yayo yesihe njengoba isiyaqokwa njengeNxusa ngaphansi kwe-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) nokuwuhlaka lweNhlangano Yezizwe olubhekelele ababaleki emhlabeni jikelele. UMaMbatha uqokwe njengeNxusa ngoMasingana wezi-2019. Ephawula ngokuqokwa kwakhe ngalowo nyaka wathi : “Amandla ababhaci, ukukwazi ukubekezela kanye nobuhlakani babo bokwenza isimo esinzima sibe ngesingcono kakhulu ngikushayela ihlombe. Ukuba ngibizwe ngeNxusa Lozwelo kuwukuphakanyiswa okukhulu angisakwazi ukulinda ukuba ngiqale lolu hambo, ngifunde okunye ngisebenzise izwi lami ukuba ngibe yinxusa loguquko,” kusho uMaMbatha.
Uqokwa yiNhlangano Yezizwe uvele okaMthiya uxova udaka emizamweni yokufukula intsha nabadala. Lokhu nasaqhubeka nokukwenza ukwenza ngaphansi kwenhlangano yesihe iLighthouse Foundation nayisungula ngowezi-2015. Ngokusho kwakhe uthi le nhlangano yakhiwe emuva kokubona isidingo esikhula njalo sokusekelwa kwentsha ekhishwe inyumbazana, amakhaya aholwa yizingane kanye nezakhamuzi esezikhulile eNingizimu Afrika.
Njengomlingisi wazitholela indawo ezinhliziyweni zabantu bakuleli ngesikhathi edlala indawo kaThandeka Zungu emdlalweni oluchungechunge Isibaya. Uphinde waba sematheni ngesikhathi edlala engqayini iComing to America 2 nekhiqizwa e-USA. Muva nje umenyezelwe njengomlingisi omqoka njengoba ezodlala indawo kaSomnqeni uMathanga kawahlangani, Ahlangana ngokubon’umyeni. UGedegede lwasenhla nenkundla, iNkosazane yaseLangeni neyagcina iyiNdlovukazi kaZulu, uNandi ozala uNodumehlezi iNgonyama uShaka.
Ngesikhathi elaboHlanga linoMaMbatha lapho kuqoshwa khona lo mdlalo kube sobala ukuthi le ntokazi iyizwa egazini indawo ezoyilingisa lokhu bekubonakala ngendlela ekhuluma ngayo nabaseduze kwayo nabanye abalingisi. Isizotha sayo besenza nabanye abantu abebekhona bayihloniphe nokube sobala ukuthi bananela imfudumalo eyiyo njengeNkosazane. Uma nje efika ukuzoqopha ubumbona ebingelelana nabantu okubalwa abalingisi nalabo abasebenza imisebenzi eyehlukene. Okube sobala ukuthi ukukhuluma nabo bekungekhona nje ukwenzela ukubukwa kepha ubexoxa nabantu abathatha njengabazali nabalingani konke ekwenza ngesizotha. Abanye kulaba bantu ububabona beza kuye ukuzokhuluma ngezinto abafuna ukucushiswa kuzo emdlalweni nalapho intombi kaMthiya ibikwamukela lokho ngokumamatheka.
Uma ekhuluma ngendawo azoyidlala umbona ngisho emehlweni ukuthi weneme. “INkosazane uNandi iyisithako esimqoka hhayi nje kuphela empilweni yeLembe angunina kulo kepha nasemlandweni wabaseLangeni nakuZulu wonkana. Ngakho ukuba abakhiqizi bakubone kumqoka ukuba kube yimi oyisithebe esiphatha amanoni ngempilo yeNkosazane neNdlovukazi kungenze ngathobeka”. Okunye okuvelile wukuthi kuwo futhi lo mdlalo oluchungechunge uqokwe njengomunye wabaphathi abe nguMkhiqizi Owengamele nokokuqala kuleli ukuba emdlalweni okuleli zinga kuqokwe intokazi yoHlanga nesencane.
Ukuvezile ukuthi yize engazisoli ukuthi (njengoba eqopha) uzobe engekho phakathi kwababhaci njengoba ngoMsombuluko ozayo mhla zingama-20 kuNhlangulana nolwaziwa njengoSuku Lwababhaci Lomhlaba olwenzelwe ukubungaza nokuhlonipha ababhaci kuwo wonke umhlaba, inhliziyo yakhe ikubo wagqugquzela nokuthi kuhle sazi ngabo nangosizi ababhekene nalo. Ukugcizelele ukuthi ababhaci laba ngabantu abafana nathi nabanezidingo kepha okumqoka abanamaphupho okwakha kabusha
“Isikhathi umcabango ngombhaci bekuwulowo wokuhlupheka nobuphofu kodwa uma usufika ezinkambini ubona umoya wokubekezela, ubona umoya wokwakha kabusha,” kusho uMaMbatha.
- ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.