Now Reading
Amaqembu ezepolitiki aseqale ukululandela olwasePhala Phala
Dark Light

Amaqembu ezepolitiki aseqale ukululandela olwasePhala Phala

UMvikeli woMphakathi, u-Adv uBusisiwe Mkhwebane, ukuqinisekisile ukuthi iHhovisi lakhe lizophenya ngesikhalo esifakwe ngumholi we-African Transformation Movement (ATM) uVuyo Zungula ngoMengameli uCyril Ramaphosa ngezinsolo zokwephula i-Executive Code of Ethics. 

Lesi sikhalo simayelana nokuziphatha kukaRamaphosa mayelana nezinsolo zobugebengu epulazini iPhala Phala.

Ngesonto eledlule, lowo owayenguMqondisi Jikelele weState Security Agency u-Arthur Fraser wafaka isikhalo ngoRamaphosa mayelana nemali okuthiwa yebiwe abantu baseNamibia abakha itulo nesisebenzi sasendlini sikaMengameli eminyakeni emibili edlule. 

Esitatimendeni, uMkhwebane uthe, “UMvikeli WoMphakathi uthola ukugxekwa okuningi ngokungafanele uma kuziwa ophenyweni olwenziwa ngokomthetho i-Executive Members’ Ethics Act (EMEA), lapho ezinye izinhlangano zabezindaba nosopolitiki bevamise ukusola iHhovisi ‘ngokukhomba’ amalungu athile Esigungu Esiphezulu kanye nokubandakanyeka kwezombusazwe zamaqembu.”

NgoLwesibili, umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, uthe kunobunye ubufakazi obuhlobene nezinsolo zokushushumbiswa kwemali kanye nokuqola uRamaphosa angabhekana nakho. 

See Also

I-EFF isikhiphe -vidiyo yamadoda amabili agqekeze epulazini likaMengameli iPhala Phala eLimpopo, lapho okusolakala ukuthi kwebiwe izigidi zamarandi.

Ekhuluma nabezindaba eBraamfontein, uMalema uthe kunobufakazi bemali eningi ebalwa endizeni. “Kunobufakazi obuningi lapho imali ibalwa endizeni. Imali ngamadola ase-USA enobuso babantu ababonakalayo endizeni. Mabaqhubeke … kuningi laba bantu abebekwenza kuleli zwe. Ukuletha imali ngokungemthetho futhi bangathweswa icala,” kwengeza uMalema.

Scroll To Top