Sukuma ‘Mangobe’ bakubone
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ezinyangeni ezedlule kuke kwaba nemibuzo ngesimo sempilo yakhe kanjalo nangokuthi ngabe sisamfanele yini isikhundla akuso. Loyo nguMnu uDavid Dabede Mabuza oyiSekela Mengameli wezwe neqembu i-African National Congress (ANC). Lo mholi odume ngelika‘Mangobe’ ngenxa yokukwazi kwakhe ukuphila nokuphunyuka ngaphansi kwezimo ezinzima zepolitiki. Kuleli sonto lo mholi uvele kwabezindaba nasemphakathini ephawula ngezinsolo ezibhekiswe kuMengameli wezwe uRamaphosa nayilapho abemkhuzela khona ulaka lwabantu baseNingizimu Afrika.
Ephawula ngalolu daba uMabuza kuleli sonto uthe abantu abangabe sebehlulela kunalokho kabalinde kube nophenyo ngemibiko yokwebiwa epulazini likaRamaphosa.
“Kufanele sivumele izinhlaka zomthetho ezifanelekile ukuba ziphenye ngaphandle kokuphazanyiswa yithina bese ekugcineni zibika ngophenyo lwazo. Uma zifuna ukumbeka amacala uMengameli zizokwenza lokho, zizokwenza lokho ngesikhathi esifanele,” kusho yena.
Ukuphawula kukaMabuza kuveze ukuthi kukhona ukwamukela kulabo abaphethe ezokuxhumana eHhovisi likaRamaphosa ukuthi uMengemeli ungaphansi kwegcindezi. NgokoMthethosisekelo wezwe oluSekela Mengameli unomsebenzi wokusingatha izindaba zombuso njengoMhloli wezindaba zikaHulumeni ePhalamende. Kanti uma engekho uMengameli ezweni yilo iSekela eliba yibamba. Umsindo okhona uphoqa ukuba uRamaphosa angazilweli izimpi zakhe kepha kube khona abakhulumayo eqenjini nakuHulumeni. UMabuza usetshenziswa njengobuso bukaHulumeni ngesikhathi umholi onguRamaphosa evika imikhonto. Kepha lokhu kusho ukuthini? Ngabe abantu bazothola ithuba lokwazi kangcono uMabuza?
Kulokhu imibono iyehlukana njengoba kukhona abavele bembuka njengeqola uMabuza ngenxa yezinsolo ezingakaze nokho zibe senkantolo ngokuthi wabe engubhongoza enkohlakalweni eyabe iqhubeka esifundazweni ayenguNdunankulu kuso iMpumalanga. Kulabo abakholwa ekutheni lezi zinsolo ziliqiniso kukhona ukwesaba ukuthi uma engashenxa uRamaphosa okusho ukuthi izwe lizophathwa nguMabuza okuyinto abayibuka njengenhlekelele.
Kanti ngakolunye uhlangothi kukhona ababuka uMabuza njengomholi owadlala umdlalo wakhe kahle ekukhethweni kukaRamaphosa njengoba amavoti eMpumalanga kwaba yiwo aqinisekisa ukuthi uRamaphosa uyaphumelela nokwenza naye uMabuza ahlomule ngesikaSekela Mengameli. Uphinde wenza ubuchule ngesikhathi emisa ukufungiswa kwakhe kwesokuba yisekela waqonda ngqo ekomitini elelusa ukuziphatha eqenjini elicela ukuba limphenye. Esitatimendeni esaphuma ngaleso sikhathi sikaKhongolose neHhovisi lakhe sathi: USekela Mengameli wenze isicelo mayelana nombiko owenziwe yiKomidi Lobuqotho Le-ANC lapho esolwa khona ukuthi wathintibeza ubuqotho be-ANC futhi wafaka inhlangano ehlazweni. USekela Mengameli uveze ukuthi angathanda ukuthola ithuba ukuba akhulume nekhomishini yobuqotho ngalezi zinsolo,” kufundeka isitatimende.
“Okwamanje, nokho unqume ukulandela akutshelwa ngunembeza wakhe wabe esehlehlisa ukufungiswa kwakhe njengelungu leSishayamthetho Kuzwelonke ngokuhlonipha izakhiwo nenqubo ye-ANC.”
Lokhu kwenzeka waphuma phambili uMabuza. Okwabe kusobala ngalesi senzo wumdlalo ayewudlala uMabuza nowabe umveza njengomholi ongaphesheya nenkohlakalo nozimisele ukuba amise isikhundla ayeqokelwa kuso nguRamaphosa. Lokhu wabe ekwazi ukuthi kuyomsebenzela njengoba kwathi angakhishwa phambili kwabe sekwakheka isithombe abe esifuna ngaye wanqamula nenhlebo eyabe ithi ukhohlakele.
Ngalesi sikhathi uMabuza ebukeka emsulwa uRamaphosa uzokwenza ibuya ekomitini elelusa isimilo kuKhongolose. Ngowezi-2020 wavela kuleli komiti mayelana nezishaqane zemali okwabe kusolwa ukuthi zebiwe ukuze avotelwe njengoMengameli weqembu, lapho leli komiti lamkhipha phambili.
UMabuza kule minyaka elisekela wenze okungejwayelekile (yize kokunye abephoqwe wukugula) kokuba abe ngaphezu kwezinkulumo zombango ezikhona eqenjini nakuHulumeni. Kanti kulezi zinyangana kungenzeki lokhu kwamanje uvela ekhuluma izinto ezimqoka nakubantu abamqoka. Muva nje uzwakele ekhuluma ngentuthuko yasemakhaya nasemalokishini. Akagcina lapho njengoba ngokweHhovisi lakhe ebhekelela phakathi kokunye
Ukweseka ukugqugquzela utshalomali nokuthuthukisa uhwebo.
Ukuhola umkhandlu othuthukisa ukuqashwa kwabantu kuzwelonke kanye nokuqinisa ukusebenzisana phakathi kukaHulumeni nabambisene nabo kwezenhlalo ukuze kubhekwane nokuntuleka kwamakhono ezingxenyeni ezibalulekile kwezomnotho.
Ukuthuthukisa okuqalisa usinga lwenhlalo okubandakanya nokuba ngumbheki wenhlangano evuselela izimilo.
Ikomidi elididiyele ongqongqoshe mayelana namanzi nenhlanzeko.
Ithimba likaMengameli elisebenza izindaba zomakadebona bezempi.
Ikomidi elididiyele ongqongqoshe ngemigomo yokhuvethe, kanye
Nethimba elididiyele ongqongqoshe elisebenza izindaba eziphakanyiswa abaholi bomdabu.
Ngaphezu kwalokho, uSekela Mengameli unguSihlalo Wamakomidi EKhabhinethi Okubusa, Amandla Ombuso Nokuthuthukisa Izakhiwo (GSCID) kanye Nezobulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu Nokuvikela (JCPS). Kusobala ukuthi ‘uMangobe’ ufikelwe yisikhathi esimqoka ebuholini lapho kumele aphakame amele iHhovisi Lobumengameli kanjalo nesithunzi seqembu, umbuzo uthi ngabe uzokwazi yini ukukwenza lokhu?