Lo mqhudelwano ungaba yinsuselwakuwo yangomuso
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Into enhle iyanconywa. Ngithanda ukuncoma izinkakha zaKwaMashu, ngokuthi ziqhamuke nomqondo omuhle wokuthi zenze umqhudelwano webhola likanobhutshuzwayo obandakanya izikole.
Lo mqhudelwano obizwa ngokuthi iCity Logistics Safa KwaMashu Legends Schools League, ususemaphethelweni njengoba ngoLwesihlanu kuzobe kudlala umdlalo wamanqamu. Amaqembu asefike kowamanqamu iDR J.L Dube High School neNqabakazulu High School. Okuhle ukuthi la maqembu
Azotholana ePrincess Magogo Stadium, lokho kuyinto edinga ukushayelwa ihlombe ngoba abadlali abancane bazothola ithuba lokudlala enkundleni esezingeni okuwubufakazi balokho ukuthi isetshenziswa iLamontville Golden Arrows no-Uthongathi FC.
ICity Logistics okuyiyo exhase lo mqhudelwano yenze into enhle kakhulu, ngiyafisa ukuthi nezinye izinkampani okanye osomabhizinisi balule isandla ekutheni kubuye ibhola lezikole njengoba kwakenzeka ngezikhathi ezedlule. Umdlali okunguye osahamba phambili ngokushaya amagoli lapha eNingizimu Afrika uSiyabonga “Bhele” Nomvethe (osesithombeni) wagqama ngayo imidlalo yezikole.
ICity Logistics ixhase izikole ezibambe iqhaza kulo mqhudelwano ngezinsiza kudlala okubalwa kuzo amajezi ebhola, amabhola, izindodo nenkomishi ezowinwa yisikole esizodla ubhedu kowamanqamu. Le nkamapani yenza lokhu nje, umnotho emhlabeni uyantengantenga kusukela kwafika ukhuvethe.
Iqiniso ukuthi akusona sonke esophumelela ngenxa yokufunda, baningi abadlali abadlala unobhutshuzwayo kodwa abaphumelele. Ngalokho le miqhudelwano efana njengalena inganikeza umdlali okanye abadllai ithuba elingcono.
Njngoba iDStv Diski Challenge ikhona nje amaqembu adlala kuyona engazithola ethola abadlali ngayo imiqhudelwano yezikole. IKwaZulu-Natal inamaqembu amahlanu kuDStv Premiership alpha kukhona iLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, iRichards Bay FC, iRoyal AM neMaritburg United, ngiyafisa ukuthi izinhloli zala maqembu engahambela lemidlalo namuhla ukuze kwazi bani bakhona abadlali abangabathola bese bebayisa emaqenjini akuDStv Diski Challenge.
Kade ngibuka imidlalo eyandulela amanqamu kungithokozise impela ukubona abafundi, othisha, izinkakha nabantu nje basemphakathi abebegcwalise ngayo inkundla eMakhehleni bezokweseka lo mqhudelwano. Angingabazi ukuthi inkundla iPrincess Magogo Stadium izobe igcwele kakhulu.
Kuyinto vele ebiyenzeka eminyakeni edlule, njengoba mina ngikhulele khona KwaMashu bekuthi uma kutholene phezulu mkhaya iNhlakanipho High School neDr J.L Dure kugcwale kuthi phama ezinkundleni zaseNamba 6, okuyilapho kwaphuma khona uNomvethe.
Ngalolu Neku angigqugquzeli ukuthi kuphakanyiswe imidlalo kanobhutshuzwayo kuphela kodwa nayo yonke iminxa yemidlalo. Kungayinto enhle ngelinye ilanga ngizwe kuthiwa khona iqembu leHockey eligile izimanga lasendaweni yasemakhaya, kube elombhoxo laselokishini nalo eligila izimanga.