Ingqayizivele kwelomnqakiswano kusayina umthanyana wabadlali



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuqopheke umlando ngoLwesibili ukuthi abadlali abangama-24 abaseqenjini lesizwe ebholeni lomnqakiswano bekwazi ukusayina izinkontileka.
Okokuqala ukuthi kwenzeke lokho, kulaba badlali abangama-24 elaboHlanga likhulume nentokazi uNomfundo “Hlokoloza” Mngomezulu ukuzwa umuzwa anawo ngokuba seqenjini elibe semlandweni.
“Ngiyajabula kakhulu, ngibonga uNkulunkulu ngaleli thuba lokuba seqenjini lesizwe ngaphinde ngasayina inkontileka,” usho kanje.
INingizimu Afrika ngonyaka ozayo izobe isingethe iNdebe YoMhlaba, uNomfundo kusho ukuthi maningi amathuba okuthi uzobonakala eqenjini iSpar Proteas.
“Kade kwaba yisifiso sami ukudlala kumaSpar Proteas, ngiyabonga uNkulunkulu usenginikezile leli thuba. Ngiyaqinisekisa ukuthi impela ngizolibamba ngezandla zombili. Ngikulungele ukubhukuda nofishi abakhulu kweyoMhlaba ngonyaka ozayo” kusho uNomfundo.
Amaqembu aseke adlala kuwona iKwamsane Central, iZipho Zonke, iKingdom Stars neKingdom Queens. Imiqhudelwano emikhulu ayidlalile obizwa ngeKwaZulu-Natal Super League noweTelkom Netball League (TNL).
Bane abadlali abaqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal abakuleli qembu elinabadlali abangama-24, kubalwa uSammy Ngubane, uTarle Mathe, uBongiwe Msomi naye uNomfundo.
Le ntokazi ithe kuyajabulisa ukubona abadlali abangaphezulu kwabathathu beseqenjini lesizwe. Okubuhlungu ukuthi amaqembu asesifundazwe iKwaZulu-Natal abhinjelwa izinto njengoba womabili ehlezi endaweni engezinhle kulogi. IKingdom Stars edlala esigabeni esiphezulu ibambe ibhuleki ngamaphuzu amabili emdlalweni eyisi-7, iKingdom Queens yona ikweyesibili kusukela phansi inamaphuzu ayisi-7 emdlalweni eli-10.
UHlokoloza yena uyibamba kuGolden Fireballs okuyiyo ezihola phambili esicongweni esigabeni esiphezulu seTNL.
Selilonke iqembu labadlali beSpar Proteas lithakwe kanje
UKhanyisa Chawane, uMarlize de Bruin, u-Izette Griesel, uKamogelo Maseko, uTarle Mathe, uTshina Mdau, uNomfundo Mngomezulu, uBongiwe Msomi, uLungile Mthembu, uSesandile Ngubane, uRefiloe Nketsa, uLenize Potgieter, uKarla Pretorius, uLefébre Rademan, uMonique Reyneke, uNicola Smith, uNicholé Taljaard, u-Elmeré van der Berg, uShadine van der Merwe, uJamie van Wyk, u-Ine-Marí Venter, uZanele Vimbela, uBoitumelo Mahloko noPhumza Maweni.