Ubonakale edidekile eringini kwagcina kumanele uShenge
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kukhalwa nxa zonke ngokudlula emhlabeni kukasomankomane omncane uSimiso “Ganda Ganda” Buthelezi (osesithombeni).
Lo somankomane udlule emhlabeni phakathi nobusuku bangoLwesibili noLwesithathu esesibhedlela saseThekwini iKing Edward. Wangeniswa kusona ngeSonto emva kwempi ayenayo noSiphesihle Mntungwa, bebanga ibhande leWBF Africa Lightweight.
Lezi zimpi zaziqhathwe iStarline Boxing Promotion kaZandile Malinga, zazitshengiswa bukhoma kaSabc zazibanjelwe eGreyville Convention Center. UButhelezi kuvidiyo esabalele kuyo yonke indawo uyabonakala eya ekhoneni eshaya umoya, isitha sakhe sona singakolunye uhlangothi. Lokhu kwenzeka ngesikhathi sekuwumzuliswano we-10, le nto yashaqisa abantu abaningi.
Uhamba emhlabeni ubeselwe izimpi ezinhlanu esibhakeleni esikhokhelwayo. Impi yokuqala wayilwa ngowezi-2019 ebhekene noSimanga Ngcobo wayinqoba. Kulezi zimpi ezinhlanu unqobe ezine, wahlulwa kweyodwa le ebingeSonto.
ElaboHlanga likhulume nabantu abambalwa ukuphawula ngalolu daba. “NgeSonto ngivele ngafikelwa umunyu izinyembezi zagcwala amehlo, kwabuya isithombe sangonyaka we-1976 lapho kwakutholene phezulu iMoroka Swalllows Big 15 nePretoria Bantu Callies. ULazarose Shadow Jnr Nhleko ayenqofa khona ibhola elibanga noSibanda, uNhleko wathi uma efika phansi wabe esethula ngangikhona enkundleni. Namanje le nto eyenzekile ingithusile kakhulu. Bengithandaza ukuthi okungenani aphile, noma kuthiwa ubengeke aphinde abe seringini. Bengifisa ukuthi asixoxele ukuthi ngesikhathi eshaya umoya kwakwenzakalani kuyena” kusho uJoe Hudla owayesakaza lezi zimpi.
Uphinde wadlulisa amazwi okududuza umndeni kanye noZandile, ukuthi angazisoli le nto ayenzile yokwenza izimpi ezisezingeni aqhubeke nokuyenza.
Omunye okhulume nelaboHlanga uSbonelo Maseko ongusomankomane obenobudlelwano obukhulu noButhelezi. “Ngathi ngilele ngisazovuka kuthiwe ayi ngisazombona uGanda Ganda, impela angikakholwa mina. Sikhule ndawonye eDumbe, silwa isibhakela sama-Amesha saze sakhula. Siyazana kakhulu, ngilahlekelwe ngeke ngaqamba amanga.”
Uqhube wathi:” Empilweni yami bengiqala ukubona into enjena mina. Le nto yenzeka lezi zimpi bezibukwisa kumabonakude. Le nto izothusa kakhulu izingane ezikuma-Amesha. Lo mfowethu ayelwa naye (uMntungwa) akakhulume iqiniso ukuthi wamenzani ngempela uGanda Ganda, kungani leya nto yenzeka ngoba sekungasekugcineni,” usho kanje.
Uphinde waxwayisa osomankomane azobhekana nabo ukuthi usazobabulala ngenduku, ngoba konke azobe ekwenza uzobe ekwenzela uButhelezi.
UMaseko uhluleke ngisho nokuzibamba wavele wasidinda isililo, ekhombisa ukuthi ulahlekelwe umuntu abewumngani, umfowabo.
Esinye sezigameko esicishe sifane nalesi senzeka ngonyaka wezi-1984 eMphatlalatsane Hall, eSebokeng uJacob “Killer” wayebhekene noRichard Smith. Emzuliswaneni wesihlanu uMolefe wasukuma wavele wabheka ekhoneni washaya umoya wayiswa esibhedlela. UMolefe kwabe kuwukugcina kwakhe ukuba seringini.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noNsikayezwe Sithole oyiSikhulu Esiphezulu kwaBoxing South Africa (BSA). “Sijabhe kakhulu ngezindaba esizithole ngoLwesithathu. Bonke abathandi bezamankomane bashaqekile, kusukela ngazibandakanya nezamankomane bengiqala ukubona into efana nale eyenzeke ngeSonto. Besinethemba lokuthi uzolulama uGanda Ganda kodwa kwangaba njengoba besifisa. EGreyville kwakumnandi impela kodwa emva kwaleya nto, wonke umuntu wavele washaqeka” kusho uSithole.
Siyaqinisekisa ukuthi sizohlangana nomndeni wakhe uButhelezi silungise izinhlelo zokumfihla bese siyamemezela.