Now Reading
Isicongo kufanele kuhlale kuyinto yeSundowns – Tshabalala
Dark Light

Isicongo kufanele kuhlale kuyinto yeSundowns – Tshabalala

Ugaqele inkanyezi kuCaf Champions League, umqeqeshi weMamelodi Sundowns uJerry Tshabalala opheka amaBrizilians esimame.

ISundowns iyona emele iNingizimu Afrika kuChampions League yabesifazane ngemuva kokudla umhlanganiso kuHollywoodbets Super League.

UTshabalala ocija leli qembu utshele elaboHlanga ukuthi ufuna ukulandela ezinyathelweni zeqembu labesilisa. Ngowezi-2016, iSundowns iyona edle ubhedu kuCahmpions League iguqisa iZamalek yase-Egypt.

“Asifuni ukuzifakela ingcindezi kodwa ngakolunye uhlangothi angeke sikubalekele ukuthi sifuna ukwenza kahle. ISundowns yiqembu elikhulu. Yonke imiqhudelwano esidlala kuyona sifuna ukwenza kahle kuyo. Yingakho nalapha kuChampions League sibheke ukufinyelela kowamanqamu. Nathi siyayifuna inkanyezi njengeqembu lesifazane. Iqembu lethu labesilisa lisikhombisile ukuthi kuyenzeka,” kusho uTshabalala.

Kweyokuhlunga iSundowns iyinqobe yonke imidlalo yayo. Iphumelele imidlalo emihlanu emidlalweni emihlanu. Iqhulule amagoli angama-23 yase yenza isiqiniseko sokuthi ayidedeli lutho kuyo yonke imidlalo yayo. Kowamanqamu ezikaTshabalala zithele othulini iBlack Rhino ngamathathu kwelilodwa.

“Iqembu lethu lizoya kulo mqhudelwano ligcwele ukuzethemba. Sidlale kahle kakhulu kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kuChampions League, eThekwini. Bekungelula kweyokuhlunga. Sidlale namaqembu anzima kodwa salwa. Ukubambisana yikho okusiweze ngelibanzi. Abadlali bebedlalela ibheji, hhayi ukugqama ngayedwana,” kuqhuba uTshabalala.
Ngemuva kokudla ubhedu eNingizimu Afrika, iSundowns ifike yazidlela amahlanga kweyokuhlunga ibhekene namaqembu angaphansi kweCosafa Cup.

See Also

Njengamanje iKabo Yellow isizodlala kuChampions League ngasekupheleni konyaka.
“Ngeneme ngendlela iqembu elenza ngayo emidlalweni yeligi. Lokhu kuzosinika ukuzethemba uma sesiyodlala kuChampions League. Angeke kubelula kodwa siyilungele. Siyazi ukuthi asimele iSundowns kuphela kodwa simele izwe lonke. Simele nawo wonke amazwe aqhamuka eNingizimu ne-Afrika. Ngakho asifuni ukuhlaza bonke labantu ababeke amathemba kithina. Sizolwa ngayo yonke indlela ukwenza isiqiniseko sokuthi abalandeli bethu bayaziqhenya ngathi,” kubeka uTshabalala.

“Umgqigqo esihamba ngawo emidlalweni yeligi yiwo ncamashi esifuna ukuhamba ngawo emidlalweni yeChampions League e-Egypt. Kuyasikhuthaza ukuthi iqembu labesilisa liphakamisa indebe yeChampions League e-Egypt. Nathi sifuna ukulandela ezinyathelweni zabo ngokwenza into efanayo. Nokho njengoba ngike ngabalula ekuqaleni kwenkulumo ukuthi angeke sizifakele ingcindezi. Sizobhekana nomdlalo ngamunye,”

“Asiyile kuChampions League ukuyokwandisa izibalo. Sifuna ukufika e-Egypt sishiye umaka. ISundowns yaziwa ngaleyo ndlela emhlabeni wonke. Uma ubheka eNingizimu Afrika sihlezi esicongweni kuzo zonke izigaba. Sihlezi phezulu kuDStv Premiership, kuDStv Diski Challenge nakuHollywoodbets Super League. NakuChampions League sihlose ukwenza into efanayo.” kuphetha uTshabalala.

Scroll To Top