Ngabe iNkandla ingamkhipha uNdunankulu kulokhu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Indawo iNkandla inomlando ojulile wobuholi kusuka kuwo aMakhosi namafelankosi. Leli yizwe lapho iNkosi uSigananda kaZokufa yanyathela khona. Lapho amadelamzimba anjengoChakijana umfo kaSithole bakhankasa khona belwisana namadlagusha. KuseNkandla lapho iNgonyama uCetshwayo itshalwe khona. Khona lapho kukule ndawo lapho uMengameli wokuqala wezwe odabuka KwaZulu-Natal edabuka khona. Ngisho amaciko ahlonishwayo njengoKhuzani Mpungose avela kule ndawo.
Njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe ngenyanga ezayo le ndawo nakulokhu isethubeni lenqabakutholwa nokuncike kubavoti. Uma kuhambe njengezifiso zeqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal, Inkatha Freeddom Party (IFP), iNkandla kulokhu ingase ikhiqize uNdunankulu wokuqala wesifundazwe.
Kusuka ngosuku igama lakhe elamenyezelwa ngalo njengaloyo ozomela iqembu okhethweni esikhundleni sokuba nguNdunankulu mukhulu umsebenzi asewenzile ukuzibeka ethubeni lokuba nguNdunankulu wesifundazwe, loyo nguMnu u-Arthur Thami Ntuli.
Lo mholi onkaba yakhe iseNkandla eVumanhlamvu ubambe izikhundla ezimqoka eqenjini, uyiMeya yoMkhandlu Omkhulu iKing Cetshwayo kanti khona lapho unguSihlalo weqembu KwaZulu-Natal abuye abe nguSihlalo wenhlangano emele oHulumeni Bendawo iSalga KwaZulu-Natal.
UMphemba ngokokuqeqeshwa unguthisha, uke wasebenza njengothishanhloko eHwanqana naseLushaba okuyizikole zendawo. Uke waba nayiMeya yaseNkandla kusuka ngowezi-2012 kuya kowezi 2021. Njengoba eqhuba umkhankaso wokhetho nje akayilibele indawo yakubo kanti nesizathu salokhu siyabonakala. KuseNkandla lapho azakhela khona ugazi kubantu nasezinhlakeni zeqembu. Uchazwa njengesikhuphekhuphe umabizwa asabele ezinkingeni ezisukwe zibekwe phambi kwakhe.
Njengabo bonke abazalelwe kulezi zintaba zaseNkandla, le ndawo iyikho konke kuMphemba. Uthi kukule ndawo lapho acijwa khona nakwazi ukwenza izinto zenzeke.
Ekhuluma nentatheli yelaboHlanga uNtuli ngesikhathi esendaweni yangakubo ekhankasa uthe indawo iNkandla iyikho konke kuye futhi uyafisa abakwabo bamvotele.
“Uma ngiya eNkandla ngisuke ngiya kubantu abangikhulisa bangenza lo mholi enginguye. Ngisuke ngiya kubantu, phezu kwezimo ezinzima, abazigqajayo. Engabe ngikwenza ngesikhathi ngiseduze kwabo kwabe kuwumnikelo ekwenzeni impilo yabo ibe ngeyehlukile ngaphansi kwedemokhrasi. Ngabe ngenza lokho umholi wami, uMntwana abe esifundise khona, ukwethembeka enkonzweni yesizwe,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi: “Njengoba kuvele isikhala nje ezinhlelweni zomkhandlu neqembu, ngibone kukuhle ukuba ngibe ngasekhaya, ngibe nabantu baseNkandla. Ngiyobakhumbuza ukuthi esikhathini esifushane bazolindeleka ukuba baye okhethweni. Ngiyoba khumbuza ukuthi lokho abakubona eNkandla naseKing Cetshwayo kungasabalala isifundazwe sonke uma bengavotela Inkatha,” kusho yena.
Lokhu kuzithemba ngakwenzayo endaweni azalelwa kuyo kunofakazi njengoba uma ukhuluma nabantu bendawo ngoNtuli into egqamayo ukuziqgaja ngomunye wabo .
Muva nje uMphemba ubenomcimbi wokukhankasa erenki yaseNkandla phambi kwezinkumbi zabantu. Phakathi kwabanye abantu abebekhona lapha erenki ngabahwebi abathe noma bayaphila nguNtuli. Lo mholi utuswa ngokuthi ngesikhathi sakhe wakha izindawo zokuhweba zosomabhizinisi abancane abaziwa ngamaSSME.
Ekhuluma naleli phephandaba umama wakwaShezi uthe: “Cha angiyena umuntu owabe ekhonze ipolitiki kepha okwenziwa yile ngane kule ndawo yangakithi kwayithatha inhliziyo yami. Kwathi noma sekuvela ukuthi iqembu lakhe seliyomphosa komunye umasipala ngakhala ukuthi engabe sizoba yini. Nokho uma ngibona lokhu akwenza eKing Cetshwayo lapha kumathelevishini ngiyasho ngithi ngeyethu leyo ngane,” kusho umama wakwaShezi.
Ethula isikhongeli
Ngosuku lwangeSonto lo mholi ubeyothula isikhongeli seqembu lakhe nebesibheke iKwaZulu-Natal. Lesi sethulo silandele leso sikazwelonke esathulwa nguMengameli weqembu. Yize kuqale kwanokwesaba ekutheni imvula ingahle iphazamise umcimbi, kuthe kushaya izikhathi zamadina abantu babe sebethe mbo ezinkundleni iPrince Mangosuthi Ondini.
UMphemba akabaphoxanga abalandeli nabaseki bakhe njengoba ethule isethulo ebesisezingeni eliphezulu. Lapha wethule amaphuzu ali-15 nathe ngawo njengeqembu bazolungisa “umonakalo weminyaka” oweziwe ngubuholi bukaKhongolose. Uthe kumalungu eNkatha nabantu baseNingizimu Afrika lesi yisikhathi sesinqumo:
“Kunoma yisiphi isizwe, umphakathi kanye nomuntu nje siyafika isikhathi lapho kumele kuthathwe isinqumo. Lesi kuba yisinqumo esinqala nesingaguqula izinto. Ngowe-1975 umholi wethu uMntwana waKwaPhindangene wafikelwa ngumzuzu omqoka nayilapho athatha khona isinqumo.
“Ngaloyo nyaka wasungula iqembu namuhla eselaziwa nge-Inkatha Freedom Party nengizigqajayo ukuba yingxenye yalo. Namuhla leli qembu lineminyaka engama-49 futhi lisaqhubeka. Isinqumo soMntwana sowe-1975 sasinenhloso eyodwa vo, ukuqinisekisa ukuthi abacindezelwa bayakhululeka nokuthi izwe elisha lapho kungasekho umcindezelwa nomcindezeli liba yiqiniso.”
Inkulumo iqhube yathi: “Khona lapho eminyakeni engama-30 eyedlule ngowe-1994 uMntwana ngokubona isimo wathatha isinqumo sokuba ahole iNkatha okhethweni lokuqala lapho abantu abampisholo babe nelungelo lokuvota. Ngalesi sinqumo sowe-1994 uMntwana wabe eqinisekisa ukuthi inqubo yedemokhrasi iyazinza kuleli kanjalo nokuthi iyamukela ukuthi noBukhosi bube yingxenye yezwe elisha.
“Namuhla njengamalungu eNkatha nesizwe ngaphandle koMntwana ongasekho phakathi kwethu simelwe wukuthatha isinqumo. Lesi sinqumo akusona nje esethu kuphela kepha ngesezizukulwane ezizayo. Ukwenza, nokungenzi kwethu nonyaka lapho siya okhethweni kuyoqopha lokho esikufisayo ngesikhathi sethu kanjalo nalokho esikufisela izizukulwane ezizayo. Yebo, kithina be-IFP lo nyaka ufana nowe-1975 kanye nowe-1994. Nathi namuhla sisezicathulweni zoMntwana.” kusho uNtuli.
ElaboHlanga likhulume nabebekhona ngale nkulumo. UMnu uSandile Buthelezi uthe: “Cha thina sesilinde usuku (lokuvota) njengoba uHlabisa akusho konke namuhla uNtuli esevala ibhuku. UMphemba umholi impela uyezwakala ukuthi uphume kugalagala olunguMntwana. Akekho omunye uNdunankulu nguye lo, uNtuli, kusho uButhelezi. UMnu uSguquka Skhwili yena wenanele inkulumo kaNtuli ngelithi “Sithokoze kakhulu Bhele umlayezo siwucoshile njengoba unjalo futhi siyazibophezela ukuthi sizowedlulisa unjengoba siwucoshile kwabekade bengeyona ingxenye yethu.
Imvula esinethile bekuyizibusiso kithi zoMntwana waKwaPhindangene, ubukhona bakhe kunye nathi sibubonile.”
Umfundi oseqede esikoleni kepha ongasebenzi uMnu u-Andile Nhleko uthe: “Esengikuzwile kungenza ngibe nethemba ekutheni iNkatha izokwenza kahle. Asisho ukuthi inganezimpendulo zonke kepha isiqale kunoma yini simqoka. La maphuzu abekwa nguNtuli ayisiqalo esihle.
Ezinkundleni zokuxhumana, uMnu uMbongiseni Madondo yena uthe ngomkhankaso kaNtuli “INkatha yiyo enezixazululo ezinqala ngesifundazwe sethu iKZN abanye abakhulumi ngabazokwenzela iKZN ngoba behlulekile beyi-ANC noma abanye babo sebezibiza ngeMK, kuyefana yizehluleki zonke.
Isivinini nangendlela enza ngayo uNtuli iveza isifiso esikhulu sokuba abe ngowokuqala kwabo (eNkandla) oba nguNdunakulu wesifundazwe, umbuzo uthi amalungu eNkatha namavoti jikelele bazomuweza yini?