Amadlelo aluhlaza amxebula ekhaya lesibili u‘Fiona’
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukholwa ukuthi empilweni uyadinga ukuba ukhule ukuze ukwazi ukubhekana nezinye izinselelo, noma lokho kungasho ukuthi sekumele ukhohlwe yimuva.
Empilweni kuke kuthiwe noma usuhambe ibanga elingakanani kodwa ungalinge ukhohlwe ilapho uphuma khona, nabantu obuphila nabo ngesikhathi izinto zingakahlangani.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nentokazi edabuka eLamontville eThekwini, uNtombifikile “Fiona” Ndlovu. Le ntokazi esukile egadeni iqala ukukhuluma naleli phephandaba ifakazele le nkulumo engenhla ukuthi ayisoze yakhohlwa lapho iphuma khona.
Ichithe iminyaka idlalela iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iSunflower WFC, okuyiqembu eligijima kuSasol League okuyiligi yesibili elandela iHollywoodbets Super League. Nonyaka inyelwe inyoni esandleni ngokuthi ijoyine iqembu i-University of Western Cape (UWC) okuyiqembu elidlala esigabeni esikhulu (iHollywoodbets Super League).
“Ukushiya iSunflower WFC kube isinqumo esinzima kakhulu ngoba bese kufana nekhaya lami lesibili. Kodwa iqiniso ukuthi empilweni uyadinga ukuthi ubuye ukhule uyobhekana nezinye izinselelo. Ngisemncane kakhulu, kumele ngikhule kodwa iSunflower WFC iyohlezi iyikhaya lami. Ngiyalibonga ithuba abanginike lona yonke le minyaka, ngaphansi kobuholi bukaSiyabonga Malinga ongumqeqeshi nophinde abe ngumphathi weqembu. Okwamanje ngisasho akekho umqeqeshi ofika kuyena kubaqeqeshi engiseke ngadlala ngaphansi kwabo. Ungifundise okuningi ngaphakathi kwenkundla nangaphandle kwayo. Ngiyathemba ukuthi ngolunye usuku ngobuya kuyona iSunflower WFC ngizocobelela ulwazi engizolithola ohambeni lwami” kusho uNtombifikile ngomoya ophansi.
Uneminyaka yobudala engama-23, usebe yingxenye yeSunflower WFC iminyaka eli-10 njengoba yafika kuyona ngonyaka wezi-2011. Ngasohlangothini lwezemfundo ufunde e-Entuthukweni Primary School, eMsizi Dube Higher Primary School, iseBantuvukani Secondary School, kwaba ise-AJ Mwelase High school yaqeda umatikuletsheni eSkhethuxolo High School ngonyaka wezi-2015. Ngokusho kwayo ithi yaqala ukudlala unobhutshuzwayo yenza ibanga lesithathu (Grade 3), kusukela lapho ayibange isabheka emumva. Futhi nesinqumo sayo sokudlala ibhola ayizisoli neze ngaso.
Ithi unyaka okuyiwo eyazuza ngawo okukhulu kunobhutshuzwayo owezi-2019 ngesikhathi iSunflower WFC inqoba isicoco seligi, bahamba bayodlala imidlalo yokuhlungela ukungena esigabeni esiphezulu kodwa bahluleka njengoba bagcine bephuma endaweni yesithathu.
Imiqhudelwano aseke ayidlala eyokuhlungela iNdebe YoMhlaba neqembu labaneminyaka engaphansi kwengama-20, oweSASCOC Under/20 Championship, eyokuhlungela umqhudelwano we-AFCON Women’s waphinde wadlala oweCOSAFA neBanyana Banyana.
Ebuzwa ngokufika kwakhe ku-UWC eqeqeshwa uqweqwe lomqeqeshi uThinasonke Mbuli uthe: “Ukujoyina kwami i-UWC kube into ethusayo kakhulu ngoba iqembu lami lesibili esigabeni esikhulu. Angazi ukuthi izinto zizohamba kanjani njengoba ngishiye abangani nomndeni wami emuva, lapha isedolobheni elikhulu ngingedwa kuyathusa kakhulu. Kodwa iqiniso ukuthi bangamukele ngezandla ezifudumele kakhulu okuyona into ebengiyidinga. Umqeqeshi uThina nalo lonke iqembu bakwenze kwabalula, ngizizwa ngibusisekile ukujoyina leli qembu. Sengiqalile ngifunda okuningi okwangaphandle nangaphakathi kwenkundla, ngiyathandaza ukuthi ngibe nesizini enhle kuligi enkulu kuleli” usho kanje.
Le ntokazi ithi izifela ngenqwaba yabadlali lapho ibale nezingqungqulu ezimbili uLionel Messi noCristiano “CR7” Ronaldo. Kanti kwabesifazane izifela ngoNeliswa Luthuli ongukaputeni weSunflower WFC, kanye noKholasa Biyana obengumdlali wayo iSunflower WFC kodwa manje usegijima phesheya kwezilwandle.
Ibuzwa ngezifiso enazo ithe: “Okwamanje yikho ukuthi ngifuna ukuqhubeka nokuzakhela igama nomndeni wami omusha i-UWC, okunye ukuthi ngikwazi ukwenza kahle kwezemfundo nakunobhutshuzwayo kanye kanye. Ngiyafisa ukumela iqembu lesizwe iBanyana Banyana emqhudelwanweni weNdebe YoMhlaba”.
Abanye abadlali abanyelwe inyoni esandleni eqenjini iSunflower WFC esineminyaka engaphezulu kwengama-20 yasungulwa, amawele uThubelihle noSphumelele bakwaShamase abaqhamuka eWaterloo. Lezi zintokazi ezidlala phambi nezike zalimela iqembu lesizwe emazingeni aphansi zona zijoyine i-University of Johannesburg (UJ) nayo igijima kuHollywoodbets Super League.
Njengoba ngeledlule iqalile iligi yeHollywoodbets Super League i-UWC elale indawo yesithathu ngesizini edlule, inqobe ngamabili kwelilodwa ihlula omakoti iCity Lads kwathi i-UJ yahlula iCoal City Wizards ngelilodwa eqandeni.
Imidlalo yeHollywoodbets Super League kule mpelasonto iqhathwe kanje:
Kusasa ngoMgqibelo:
- i-UWC neBloem Celtic
- iTsunami Queens neCoal City Wizards
- iThunderbirds Ladies neDurban Ladies
- iRichmond United neFirst Touch
- iMa-Indies Ladies neJVW FC
* Yonke iqala ngelesithathu ntambama
NgeSonto
- i-UJ FC neVasco da Gama ngelesi-9 ekuseni
- iSundowns Ladies neGolden Ladies ngele-11:30
- iTUT FC neCity Lads Ladies ngelesi-3 ntambama